Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/92 k. 1
  • Yamukela Umthwalo Wemfanelo Wezimpindelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yamukela Umthwalo Wemfanelo Wezimpindelo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Izimpindelo Kuholela Ezifundweni ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Inselele Yokwenza Izimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ingabe Uyazenza Izimpindelo Zakho?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Siza Labo ‘Abathambekele Ngokufanele’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 1/92 k. 1

Yamukela Umthwalo Wemfanelo Wezimpindelo

1 Kunezizathu eziningi ezishukumisayo zokuhlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka ekwenzeni izimpindelo. Sifuna uwukufeza ngokungashwampuluzi umsebenzi esiwunikwe ukuba siwenze, njengoba noPawulu enza. (IzE. 20:21, 24) Uma singashwampuluzi ekuphindeleni kubo bonke abantu abathakazelayo, siyohlala sinonembeza omuhle kuyilapho sizama ukufeza inkonzo yethu ngokugcwele.—2 Thim. 4:5.

2 Ukwazi Kusenza Sibe Nomthwalo Wemfanelo: Iqiniso lokuthi ukuphila kusengozini kufanele lisishukumisele ekubeni sikhuthale ekwenzeni izimpindelo. (Joh. 17:3) Ukwazi kwethu ngesahlulelo sikaJehova nokuba seduze kweArmagedoni kufanele kungasishukumiseli nje kuphela ekuxwayiseni ababi kodwa futhi nasekusizeni labo ‘abakhala bebubula ngezinengiso ezenzeka emhlabeni.’ (Hez. 9:4) Badinga ukulethwa enhlanganweni kaJehova ebonakalayo.

3 Abantu badinga usizo ukuze baqonde iqiniso ngokunembile. (IzE. 8:30, 31; 18:26) Lokhu kungesinye isizathu sokuba samukele umthwalo wethu wemfanelo wokuphindela “siyonisela” imbewu yeqiniso ehlwanyeliwe. Thina ngokwethu sasingenza intuthuko engokomoya engakanani ukuba othile akazange abuye ngokuphindaphindiwe ukuze asisize ukuba sizuze ulwazi oluqondile ngoJehova nangezinjongo zaKhe ezimangalisayo?—Math. 7:12.

4 Bonisa Uthando Nentshiseko: Ukwenza izimpindelo kuyindlela enhle yokubonisa uthando lwethu ngabantu. Umzalwane oyimpumputhe okhonza njengephayona elivamile wathi: “Selokhu ngabhapathizwa, isifiso sami besilokhu siwukutshela abanye ngalokho engikufunde eBhayibhelini. Ngajabula ngokuthi ukukhubazeka kwami akuzange kungivimbele ekubeni ngikwenze lokhu. . . . Ngafunda futhi nokugcina engqondweni umbhalo wendlu ngayinye emgwaqweni, futhi ngalendlela, ngakwazi ukwenza izimpindelo kubantu abanesithakazelo esifundweni seBhayibheli.” Lomzalwane oyimpumputhe uyabona ngempela ngenhliziyo yakhe, futhi akazindeli ekwenzeni izimpindelo nasekuboniseni uthando lwakhe lobuKristu ngabanye.

5 Lapho senza izimpindelo, ngokuvamile sinethuba lokulisebenzisa kahle iBhayibheli futhi sinikeze izizathu zethemba elikithi. (1 Pet. 3:15) Lokhu akusizi umninikhaya nje kuphela kodwa futhi kuvuthela intshiseko yethu siqu nokwazisa ngeqiniso. Ukwenza izimpindelo kuletha injabulo engenakutholakala ngenye indlela. Futhi izinga laleyonjabulo akudingeki lehle. Lingavuselelwa njalo ngentshiseko yethu ekwenzeni izimpindelo.—IzAga 10:22.

6 Kumelwe siwuthathe ngokungathi sína umthwalo wethu wemfanelo wokwenza izimpindelo. Abantu bakaJehova ababagodleli okuhle abanye, futhi lokhu kungabonwa ngomsebenzi wethu womhlaba wonke phakathi nonyaka wenkonzo ka-1991. (IzAga 3:27) Senza izimpindelo ezingu-344926952 futhi saqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-3947261. Kwaba nabafundi abasha abangu-300945 abazinikezela kuJehova futhi babhapathizwa. Lokhu kwanda okumangalisayo bekungeke kube khona ukuba besingazimisele ukwamukela umthwalo wethu wemfanelo wokwenza izimpindelo.—1 Thes. 2:8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela