Siza Labo ‘Abathambekele Ngokufanele’
1. Obani uJehova abaqoqela kuye namuhla?
1 Umuntu ngamunye unokuthambekela okugxilile enhliziyweni yakhe engokomfanekiso. (Math. 12:35) IBhayibheli likhuluma ngomuntu ‘onhliziyo yakhe ithambekele ekulweni.’ (IHu. 55:21) Abanye ‘bathambekele ekufuthekeni.’ (IzAga 29:22) Kodwa kukhona nalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzE. 13:48) Namuhla, uJehova uqoqela kuye abanjalo abathambekele ngokufanele. (Hag. 2:7) Singabasiza kanjani babe abakhulekeli bakaJehova?
2. Yini ehilelekile ekufezeni umsebenzi esiwuthunyiwe wokwenza abafundi?
2 Zihluphe Uphindele: Kubalulekile ukuba nombono ofanele ngokuphindela kubantu ukuze sifeze umsebenzi esiwuthunyiwe wokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Ingabe siyashesha ukuhlakulela isithakazelo esisitholayo? Ingabe siyaphindela kubo bonke abathathe izincwadi noma ababonisa isithakazelo ezindabeni ezinhle? Ingabe siyaphikelela emizamweni yethu yokubasiza bakhule ngokomoya? Njengoba kuhileleke ukuphila, kufanele sifune ukuhlakulela sonke isithakazelo esisitholayo.
3. Yini okufanele siyenze ngemva kokuxoxa nomuntu enkonzweni?
3 Ngesikhathi usayikhumbula ingxoxo obe nayo nomuntu othakazelayo, yima ubhale phansi igama nekheli lakhe. Bhala ebenixoxa ngakho, noma imiphi imiBhalo eniyifundile nokuthi umshiyele yiphi incwadi. Ngemva kwalokho, zimisele ukuphindela ngokushesha ngangokunokwenzeka.
4. Singazenza kanjani izimpindelo eziphumelelayo?
4 Ukwenza Impindelo: Uma uphindela kumninikhaya, kuyasiza ukuba nomusa nobungane nokubonisa isithakazelo esiqotho kuye. Gcina ingxoxo ilula futhi isekelwe emBhalweni. Lungiselela indaba yeBhayibheli ethakazelisayo enizoxoxa ngayo, bese kuthi ekupheleni kwengxoxo ubuze umbuzo ongawuphendula ngokuhambela okulandelayo. Kungcono kakhulu ukukugwema ukuphikisana nomninikhaya ngokungadingekile ngemibono eyiphutha angase ayiveze. Lwela ukwakhela ezintweni enivumelana ngazo.—Kol. 4:6.
5. Elinye iphayona lenza muphi umzamo, umphumela waba yini?
5 Ukwenza izimpindelo kudinga umzamo, kodwa imiphumela iyajabulisa. Iphayona elithile eJapane labeka umgomo wokwenza izimpindelo ezengeziwe inyanga ngayinye. Laqala ukugcina umbhalo wabo bonke elixoxe nabo emsebenzini wendlu ngendlu, kwase kuthi kungakapheli izinsuku ezingu-7, laphindela kubo. Lalungiselela kahle ukuthi lizothini lase lenza inkonzo yalo liqiniseka ngokuphelele ngesigijimi elisiphethe. Kwenye yezimpindelo zalo lakwazi ukuqala isifundo nomuntu owayethe: “Bengilokhu nginixosha njalo. Ngiyaqala ngqa ukulalela.” Ukuphikelela kothando kwaleli phayona kwaba nemiphumela. Kwathi kuphela inyanga lase libika izifundo zeBhayibheli eziyishumi.
6. Kungani kufanele siphikelele ekwenzeni izimpindelo?
6 Izimo zabantu zishintsha njalo. (1 Kor. 7:31) Ngokuvamile kudingeka imizamo ephindaphindiwe ukuze siphinde simthole ekhaya umuntu onesithakazelo. Ngokuzihlupha senze izimpindelo, singabasiza labo abathambekele ngokufanele ukuba bangene endleleni eya ekuphileni okuphakade.—Math. 7:13, 14.