Inselele Yokwenza Izimpindelo
1 Njengezikhonzi zezindaba ezinhle, siyalwa ukuba senze abafundi. (Math. 28:19, 20) Lokhu kuhlanganisa ukwenza izimpindelo. Ingabe unombono oqondile ngalengxenye ebalulekile yenkonzo yethu yobuKristu? Ukuba nekhono ekwenzeni izimpindelo kungaba inselele ekhuthazayo.—IzAga 22:29.
2 UmKristu ngamunye ozinikezele kufanele abe nomuzwa womthwalo wemfanelo wokuhlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi. Lokhu kungase kudinge ukuba sibekele eceleni isilinganiso esithile sokunethezeka komuntu siqu ukuze sihlanganyele ithemba loMbuso nabanye. Izimpindelo zisinika ithuba lokusiza abaqotho ukuba banelise izidingo zabo ezingokomoya.
3 Landelela Sonke Isithakazelo: Izimpindelo kufanele zenziwe kubo bonke ababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso, ngisho nakuba bengase bazenqabe izincwadi zethu. Kunabantu abaningi ababonisa isithakazelo ngokuvuma kwabo ukuxoxa nathi ngezihloko zeBhayibheli. UJesu kanye nabaphostoli babonisa ukuthi isithakazelo esigijimini soMbuso singahlakulelwa kanjani ngokuhilela abantu ezingxoxweni eziqondile ezingokomBhalo.—Marku 10:21; IzE. 2:37-41.
4 Injongo yethu yokubuyela kufanele ibe ukuqalisa isifundo seBhayibheli. Singase sikwazi ukumbonisa ngokoqobo umninikhaya ukuthi isifundo seBhayibheli sasekhaya siqhutshwa kanjani. Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyowuphendula umthandazo wakho wokucela usizo lokuthola umuntu onhliziyo-qotho ongamfundisa. UJehova uyoyibusisa imizamo yakho eqotho enkonzweni yakhe. Kungani ungafuni usizo lukaJehova futhi ukwenze kube umgomo ukuqalisa isifundo seBhayibheli?
5 Wasebenzise Kahle Amapheshana: Amapheshana angasetshenziswa ngokuphumelelayo ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli. Abaningi baye bakwazi ukuqalisa ingxoxo ngokumane nje baxoxe ngesithombe esisesembozweni. Funda isigaba esisodwa ngesikhathi nomninikhaya. Lapho kubuzwa umbuzo, yima bese ucela ukuba umninikhaya aphendule. Fundani imibhalo bese ubonisa ukuthi isebenza kanjani. Khona-ke ingxoxo ingabe isiqondiswa encwadini okungaqhutshwa ngayo isifundo.
6 Sebenzisa Incwadi Ukubonisana: Ku- ngenziwa izimpindelo eziphumelelayo ngencwadi Ukubonisana. Ukubuyekeza uhlu lwezihloko eziyinhloko noma izikhombo kungakusiza ukuba ukhethe ukwaziswa okufanelekile ongaxoxa ngakho lapho ulandelela izingxoxo zangesikhathi esedlule. Ingxenye ethi “Imibhalo Evame Ukusetshenziswa Ngokungeyikho” ingaba usizo ekubhekaneni nokuphikiswa okungase kuphakame. Amaphayona abika impumelelo enkulu ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli ngokusebenzisa ukwaziswa okunjengalokho okutholakala encwadini Ukubonisana ekhasini 211 ngaphansi kwesithi “OFakazi BakaJehova bafinyelela kanjani encazelweni yabo yeBhayibheli?” Abonisa umuntu onesithakazelo indlela esivumela ngayo iBhayibheli ukuba linikeze incazelo yalo siqu. Lokhu kusebenza kahle kakhulu futhi kuye kwaphumela ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli eziningi.
7 NjengoJesu nabaphostoli, sidinga ukubonisa isithakazelo esiqotho ezimvwini zikaJehova. (Luka 9:11) Uthando ngabantu luyosisiza ukuba sibafinyelele ngamaqiniso oMbuso. (2 Kor. 2:17) Uma sigxila kakhulu ekuzideleni ngenxa yenhlalakahle engokomoya yabanye, siyakwazi ukuhlangabezana nenselele yokwenza izimpindelo.