Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo
1 Ingabe uyakujabulela ukwenza izimpindelo? Abamemezeli abaningi bayakujabulela. Kungenzeka ukuthi ekuqaleni wawumadolonzima, ikakhulukazi lapho uphindela kubaninikhaya ababebonise isithakazelo esincane lapho uxoxa nabo okokuqala. Kodwa ‘njengoba uqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu sokukhuluma izindaba ezinhle’ ekwenzeni izimpindelo, ungase umangale ukuthola ukuthi lomsebenzi ulula kakhulu nanokuthi unomvuzo kangakanani. (1 Thes. 2:2) Kanjani?
2 Empeleni, kunomehluko obalulekile phakathi kwempindelo nokuhambela kokuqala. Impindelo yenziwa kumuntu omaziyo, hhayi ongamazi, futhi ngokuvamile kulula ukuxoxa nomuntu omaziyo kunongamazi. Ngokuphathelene nemivuzo ecebile etholakala ngokuhlanganyela kulomsebenzi, izimpindelo zingaholela ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya ezikhiqizayo.
3 Lapho sisebenza endlini ngendlu, sihambela ngokuphindaphindiwe abantu ababengenaso isithakazelo lapho sibahambele ngaphambili. Kungani-ke siqhubeka sibahambela? Siqaphela ukuthi izimo zabantu ziyashintsha nanokuthi umuntu owayebonakala enganaki noma ngisho ephikisa ekuhambeleni kwangaphambili angase abe nesithakazelo lapho simhambela ngesikhathi esizayo. Sicabanga ngalokho, silungiselela kahle impindelo bese sithandazela isibusiso sikaJehova ukuze lokho esikushoyo kuvuse isithakazelo.
4 Uma emsebenzini wethu wendlu ngendlu sishumayela ngokuzimisela kubantu ababengazange basibonise nhlobo isithakazelo, akufanele yini sizimisele ngisho nakakhulu ukuphindela kunoma ubani obonisa isithakazelo esithile esigijimini soMbuso?—IzE. 10:34, 35.
5 Abaningi bethu baseqinisweni namuhla ngenxa yokuthi ummemezeli othile ngokubekezela wabuyela kithi. Uma ungomunye wabo, ungase uzibuze: ‘Ummemezeli waba namuphi umuzwa ngami lapho engihambele okokuqala? Ingabe isigijimi soMbuso ngasamukela ngokushesha lapho ngiqala ukusizwa? Kungenzeka yini ukuthi ngabonakala nginganakile?’ Kumelwe sijabule ngokuthi ummemezeli owabuya wasibheka njengabakufanele ukuba kuphindelwe kubo futhi ‘waqunga isibindi ngoNkulunkulu,’ wabuya, waqhubeka esifundisa iqiniso. Kuthiwani ngalabo bantu ababonisa isithakazelo esithile ekuqaleni kodwa kamuva babonakale besishalazela? Kubalulekile ukuba nesimo sengqondo esiqondile, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
6 Ngolunye usuku ekuseni lapho abamemezeli ababili befakaza emgwaqweni, bahlangana nentokazi ethile eyayiqhuba ingane ngenqola. Lona wesifazane wawamukela umagazini wabe esemema labodade ukuba beze kwakhe ngeSonto elilandelayo. Bafika ngesikhathi esimisiwe, kodwa umninikhaya wabatshela ukuthi wayengenaso isikhathi sokuxoxa nabo. Nokho, wathembisa ukuthi wayezoba khona ngesonto elilandelayo. Odade babengabaza ukuthi wayezosigcina leso sivumelwano, kodwa lapho bebuyela bathola lentokazi ibalindile. Kwaqalwa isifundo, futhi intuthuko yalona wesifazane yayimangalisa. Ngesikhashana nje, waqala ukuba khona njalo emihlanganweni nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Manje usebhapathiziwe.
7 Beka Isisekelo Ekuhambeleni Kokuqala: Isisekelo sempindelo ephumelelayo ngokuvamile sibekwa ekuhambeleni kokuqala. Lalelisisa lokho umninikhaya akushoyo. Kukutshelani? Ingabe ungumuntu oyithandayo inkolo? Ingabe ukhathazekile ngezinkinga zezenhlalo? Ingabe unesithakazelo kuyisayensi? ezomlando? ezendawo ezungezile? Ekuphetheni kokuhambela, ungase uphakamise umbuzo oshukumisa ingqondo, bese umthembisa ukumnikeza impendulo yeBhayibheli lapho ubuya.
8 Ngokwesibonelo, uma umninikhaya esabela esithembisweni seBhayibheli somhlaba oyipharadesi, kungafaneleka ukuba nenye ingxoxo ngaleso sihloko. Ngaphambi nje kokuba uhambe, ungase ubuze: “Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyosigcwalisa lesi sithembiso?” Yibe usunezela: “Mhlawumbe ngingadlula lapha lapho wonke umkhaya ukhona, bese ngikubonisa impendulo yeBhayibheli yalombuzo.”
9 Uma umninikhaya engazange abonise sithakazelo kunoma isiphi isihloko, ungase ubuze omunye wemibuzo eba sezintshumayelweni eziba sekhasini elingemuva le-Nkonzo Yethu YoMbuso bese uwusebenzisa njengesisekelo sengxoxo elandelayo.
10 Gcina Umbhalo Oqondile: Umbhalo wakho wendlu ngendlu kufanele uphelele futhi ube oqondile. Bhala igama nekheli lomninikhaya ngokushesha lapho uphuma endlini. Ungayiqageli inombolo yendlu noma igama lomgwaqo—bhekisisa lokhu kwaziswa ukuze uqiniseke ukuthi kuqondile yini. Bhala okuphawulekayo ngalomuntu. Bhala isihloko enixoxe ngaso, imibhalo oyifundile, noma iyiphi incwadi omshiyele yona kanye nombuzo ozowuphendula lapho ubuya. Phawula usuku nesikhathi sokuhambela kokuqala nanokuthi uthe uzobuya nini. Manje njengoba umbhalo wakho usuphelele, wugcine kahle! Wubeke endaweni elondekile ukuze uwusebenzise esikhathini esizayo. Hlala ucabanga ngalomuntu nanokuthi uzokusingatha kanjani ukuhambela kwesikhathi esizayo.
11 Yazi Ukuthi Iyini Imigomo Yakho: Okokuqala, ngokufudumala nangokuba nobungane, yenza okusemandleni ukuba wenze umninikhaya akhululeke. Mbonise ukuthi unesithakazelo kuye njengomuntu, ngaphandle kokumjwayela ngokweqile. Ngokulandelayo, mkhumbuze umbuzo owawuphakamisa ekuhambeleni okwedlule. Lalelisisa umbono wakhe, bese umbonga ngobuqotho ngalokho akushilo. Yibe usumbonisa ukuthi kungani umbono weBhayibheli uwusizo. Uma kungenzeka, mbonise umqondo ofanayo encwadini Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Hlala ukhumbula ukuthi umgomo wakho oyinhloko wokwenza izimpindelo uwukuqala isifundo seBhayibheli.
12 Ukungagwegwesi kwencwadi Ulwazi kuye kwashukumisa abaningi ukuba ‘baqunge isibindi’ sokukhuthaza abafunda nabo iBhayibheli ukuba babe khona emihlanganweni futhi bahlanganyele nenhlangano kaJehova. Esikhathini esidlule, sasivame ukulinda kuze kube yilapho umuntu esethé ukufunda kakhudlwana ngaphambi kokuba simmeme ukuba ahlanganyele nathi. Manje, abafundi abaningi beza emihlanganweni ngokushesha nje lapho beqala ukufunda, futhi ngenxa yalokho bathuthuka ngokushesha.
13 Umbhangqwana othile wafakaza ngokwethukela kumuntu osebenza nawo. Lapho ebonisa isithakazelo eqinisweni, lombhangqwana wamcela ukuba abe nesifundo seBhayibheli ngencwadi Ulwazi. Ngesikhathi esifanayo, wamtshela ukuthi kufanele abe khona emihlanganweni, okuyilapho eminingi yemibuzo yakhe izophendulwa khona. Lendoda ayizange nje ngokuzimisela yamukele isifundo kodwa futhi yayifunda kabili ngesonto futhi yaqala ukuba khona njalo emihlanganweni eHholo LoMbuso.
14 Sebenzisa Incwajana Engangomagazini Ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?: EMhlanganweni Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu,” sithole incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Lencwajana iwusizo ekuqaleni izifundo zeBhayibheli nabantu abesaba uNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi lingakanani izinga lemfundo yabo. Inemfundo ehlanganisa konke, ihlanganisa izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli. Lencwajana izoba ithuluzi eliwusizo kakhulu ekudluliseleni ulwazi lukaNkulunkulu. Ichaza iqiniso ngokucacile futhi ngendlela elula kakhulu kangangokuba cishe sonke sizokwazi ukuyisebenzisela ukufundisa abanye izimfuneko zikaNkulunkulu. Cishe abamemezeli abaningi bazoba nalo ilungelo lokuqhuba isifundo seBhayibheli ngalencwajana.
15 Abantu abathile abanomuzwa wokuthi abanaso isikhathi sokufunda incwadi Ulwazi bangase bakujabulele ukuba nezifundo ezimfushane isikhathi ngasinye kufundwa lencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Bayokujabulela lokho abayokufunda! Emakhasini nje amabili noma amathathu, bayothola izimpendulo zemibuzo abantu abebelokhu bezibuza yona amakhulu eminyaka: Ubani uNkulunkulu? Ubani uDeveli? Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba? Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Ungayithola kanjani inkolo yeqiniso? Nakuba lencwajana inikeza iqiniso ngolimi olulula, isigijimi sayo sinamandla kakhulu. Ihlanganisa amaphuzu ayisihluthulelo abadala abayowabukeza nabafuna ukubhapathizwa futhi angasebenza njengethuluzi lokudlulela esifundweni esiningiliza kahle ngencwadi Ulwazi.
16 Ukuze usikisele isifundo ekuhambeleni kokuqala, ungase uthi nje: “Ubuwazi yini ukuthi ngemizuzu embalwa nje, ungathola impendulo yombuzo obalulekile weBhayibheli?” Yibe usubuza umbuzo osekuqaleni kwesinye sezifundo ezikulencwajana. Ngokwesibonelo, uma uhambele umuntu omdala, ungase uthi: “Siyazi ukuthi esikhathini esidlule uJesu waphulukisa abantu. Kodwa yini uJesu azoyenzela abagulayo esikhathini esizayo? abagugile? abafileyo?” Izimpendulo zitholakala esifundweni 5. Umuntu othanda inkolo ungamhlaba umxhwele umbuzo othi: “Ingabe uNkulunkulu uyilalela yonke imithandazo?” Uyaphendulwa esifundweni 7. Amalungu omkhaya ayofuna ukwazi ukuthi: “Yini UNkulunkulu ayifunayo kubazali nasezinganeni?” Bayokuthola lokho lapho befunda isifundo 8. Eminye imibuzo yilena: “Ingabe abafileyo bangabalimaza abaphilayo?” ophendulwa esifundweni 11; “Kungani kunezinkolo eziningi kangaka ezithi zingamaKristu?” kuxoxwa ngawo esifundweni 13; nothi “Yini okufanele uyenze ukuze ube umngane kaNkulunkulu?” ohlanganiswa esifundweni 16.
17 Siza Labo Abakhuluma Olunye Ulimi: Kuthiwani ngabaninikhaya abakhuluma olunye ulimi? Uma kungenzeka, kufanele bafundiswe ngolimi abalwazi kahle. (1 Kor. 14:9) Nikeza umbonisi wenu wenkonzo igama nekheli lomuntu othakazelayo, nanoma imiphi eminye imininingwane edingekile. Uyofuna ibandla noma iqembu elisendaweni elisebenzisa lolo limi elingase likwazi ukunakekela lowo muntu othakazelayo. Lokhu kwaziswa kufanele kuthunyelwe eNhlanganweni kuphela uma lingatholakali ibandla elifanelekile. Uma engekho amabandla noma amaqembu aseduze futhi bengekho nabamemezeli bebandla abakwaziyo ukulukhuluma lolo limi lomninikhaya, ummemezeli angazama ukufunda nomninikhaya ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? esebenzisa izilimi ezimbili.
18 Ummemezeli okhuluma isiNgisi waqala isifundo nendoda ekhuluma ulimi lwaseVietnam kanye nomkayo, okhuluma isiThai. Phakathi nesifundo kwakusetshenziswa izincwadi namaBhayibheli esiNgisi, olimi lwaseVietnam kanye nesiThai. Nakuba umgoqo wolimi wawuyinselele ekuqaleni, ummemezeli uyabhala: “Intuthuko engokomoya yalombhangqwana yashesha. Uye wabona isidingo sokuqala ukuba khona emihlanganweni kanye nezingane zawo ezimbili, futhi njalo ebusuku ufunda iBhayibheli njengomkhaya. Indodakazi yawo eneminyaka eyisithupha inesifundo seBhayibheli esiqhubayo.”
19 Lapho ufunda nabantu abakhuluma olunye ulimi, khuluma ngokunensa, uwaphimisele ngokucacile amagama futhi usebenzise amagama nemishwana okulula. Nokho, khumbula ukuthi abantu abakhuluma olunye ulimi kufanele baphathwe ngenhlonipho. Akufanele baphathwe sengathi bayizingane.
20 Yisebenzise ngokunenzuzo imifanekiso emihle esencwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Uma “umfanekiso usho lokho okungase kushiwo ngamazwi ayinkulungwane,” lokho kusho ukuthi kuningi umninikhaya ayokufunda ngemifanekiso eminingi ekulencwajana. Mcele ukuba imibhalo ayifunde eBhayibhelini lakhe siqu. Ngokungangabazeki kungaba yinzuzo uma isifundo singaqhutshwa ngesikhathi okukhona ngaso ilungu lomkhaya elazi ulimi lwendawo ukuze lihumushe.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-May 1984, amakhasi 7-8.
21 Yenza Izimpindelo Ngaphandle Kokulibala: Kufanele ulinde isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba wenze impindelo? Abanye abamemezeli babuyela ngemva kosuku olulodwa noma ezimbili ngemva kokuhambela kokuqala. Abanye babuyela kamuva ngalo lolo suku! Ingabe kusuke kusheshe kakhulu? Abaninikhaya abaningi akubonakali kubakhathaza. Ngokuvamile ngummemezeli owenza impindelo okudingeka ahlakulele isimo sengqondo esiqonde ngokwengeziwe, kanye nesibindi. Cabangela okuhlangenwe nakho okulandelayo.
22 Ngolunye usuku ummemezeli oneminyaka engu-13 wayesebenza endlini ngendlu lapho ebona abesifazane ababili behambisana. Ekhumbula isikhuthazo sokushumayela kubantu noma kuphi lapho sibathola khona, waxoxa nalaba besifazane emgwaqweni. Babonisa isithakazelo esigijimini soMbuso futhi ngamunye wathatha incwadi Ulwazi. Lomfowethu omncane wathatha amakheli abo, waphindela ngemva kwezinsuku ezimbili, futhi waqala izifundo zeBhayibheli nabo.
23 Omunye udade wenza amalungiselelo okuphindela ngesonto elilandelayo. Kodwa ngemva kosuku noma ezimbili enze ukuhambela kokuqala udlula kumninikhaya amnikeze umagazini okhuluma ngendaba ababexoxe ngayo ngaphambili. Utshela umninikhaya ukuthi: “Ngibone lesi sihloko ngase ngicabanga ukuthi ungathanda ukusifunda. Angizelanga ukuba sixoxe manje, kodwa ngizobuya ngoLwesithathu ntambama njengoba sihlelile. Ingabe sisakulungele leso sikhathi?”
24 Uma umuntu othile ebonisa isithakazelo eqinisweni, singaqiniseka ukuthi uyobhekana nokuphikiswa ngandlela-thile. Ukusheshe sibuyele ngemva kokuhambela kokuqala kuyomqinisa ukuba amelane nanoma ikuphi ukucindezela okuvela ezihlotsheni, kubangane abaseduze nakwabanye.
25 Hlakulela Isithakazelo Kulabo Abatholakala Ezindaweni Zomphakathi: Abaningi bethu bayakujabulela ukushumayela emigwaqweni, ezindaweni zokupaka, entweni yokuhamba umphakathi, ezitolo, emapaki nakwezinye izindawo. Ngaphandle kokuhambisa incwadi, sidinga ukuhlakulela isithakazelo. Sinalowo mgomo, kufanele senze umzamo wokuthola igama lakhe, ikheli futhi uma kunokwenzeka nenombolo yocingo yawo wonke umuntu onesithakazelo esihlangana naye. Akunzima njengoba ungase ucabange ukuthola lokhu kwaziswa. Njengoba niya ngasekuphetheni kwengxoxo, khipha incwadi yakho yokubhala bese ubuza: “Ikhona yini indlela esingaqhuba ngayo lengxoxo ngesinye isikhathi?” Noma yithi: “Ngingathanda ukuba ufunde isihloko esithile esikumagazini engiqinisekayo ukuthi sizokuthakazelisa. Ingabe ngingakulethela wona emzini wakho noma lapho usebenza khona?” Omunye umzalwane umane nje abuze: “Ngingakuthinta kuyiphi inombolo?” Ubika ukuthi ezinyangeni ezintathu bonke abantu ngaphandle kwabathathu babekujabulela ukumnikeza inombolo yabo yocingo.
26 Sebenzisa Ucingo Ukuze Uthole Futhi Uhlakulele Isithakazelo: Udade oyiphayona usebenzisa ucingo ukuze afinyelele abantu abahlala ezakhiweni okungangeneki kalula kuzo. Nezimpindelo uzenza ngendlela efanayo. Ekuhambeleni kokuqala, uthi: “Ngiyazi ukuthi awungazi. Ngenza umzamo okhethekile wokuthintana nabantu bendawo yakini ukuze ngihlanganyele nabo iphuzu elithile eliseBhayibhelini. Uma unesikhathi, ngingathanda ukukufundela isithembiso esikulombhalo . . .” Ngemva kokufunda lombhalo, uthi: “Bekungeke yini kube kuhle ukubona leso sikhathi sifika? Ngiye ngakujabulela ukukufundela lokhu. Uma nawe ukujabulele, ngingathanda ukuphinde ngikushayele ucingo futhi sixoxe ngomunye umbhalo.”
27 Lapho enza impindelo ngocingo, ukhumbuza umninikhaya ngengxoxo yabo yangesikhathi esidlule abese emtshela ukuthi angathanda ukumfundela eBhayibhelini ukuthi izimo ziyoba njani lapho ububi bungasekho. Ube eseba nengxoxo emfushane nomninikhaya. Njengoba esebe nezingxoxo eziningi ngocingo, abantu abangu-35 baye bammemela emakhaya abo futhi waqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-7! Ingabe kunzima ngawe ngezinye izikhathi ukwenza izimpindelo kubantu abathakazelayo uma isimo sezulu singesihle noma ugula? Uma kunjalo, kungani ungabathinti ngocingo?
28 Landelela Isithakazelo Esitholakala Ezindaweni Zamabhizinisi: Kuningi okuhilelekile ekusebenzeni ezitolo kunokumane nje uhambise omagazini. Abanikazi bezitolo abaningi banesithakazelo esiqotho eqinisweni, futhi leso sithakazelo kufanele sihlakulelwe. Kwezinye izimo, kungenzeka ukuba ube nengxoxo yeBhayibheli noma ngisho nesifundo khona lapho endaweni yebhizinisi. Kwezinye izimo, wena nomuntu othakazelayo ningase nikwazi ukuhlangana ngekhefu lasemini noma ngesinye isikhathi esifanele.
29 Umbonisi ojikelezayo wahambela umnikazi wesitolo esincane sokudla wabe esesikisela ukuba ambonise indlela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa ngayo. Lapho ebuzwa ukuthi lokhu kwakuzothatha isikhathi esingakanani, umbonisi wesifunda wathi kwakuzothatha imizuzu engu-15 kuphela. Lapho esho lokho, umnikazi wesitolo walengisa emnyango uphawu oluthi: “Ngizobuya Ngemva Kwemizuzu Engu-20,” wadonsa izihlalo ezimbalwa, base bexoxa bobabili ngezigaba ezinhlanu zokuqala zencwadi Ulwazi. Lomuntu oqotho kwamhlaba umxhwele lokho ayekufunda kangangokuba waba khona eMhlanganweni Weningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda ngalelo Sonto futhi wavuma ukuqhubeka nesifundo ngesonto elilandelayo.
30 Lapho usikisela isifundo endaweni yebhizinisi, ungase usho lokhu: “Ukukubonisa indlela esiqhuba ngayo isimiso sethu sesifundo seBhayibheli kuthatha nje imizuzu engu-15 kuphela. Uma kukulungele, ngizokujabulela ukukubonisa ukuthi kwenziwa kanjani.” Yibe-ke usunamathela esikhathini esinqunyiwe. Uma kungenakwenzeka ukuba nixoxe isikhathi eside endaweni yebhizinisi, kungase kufaneleke kakhudlwana ukuhambela umnikazi wesitolo emzini wakhe.
31 Phindela Ngisho Noma Kungekho Ncwadi Eshiyiwe: Kungakhathaliseki ukuthi singakanani isithakazelo esibonisiwe, ukuthi ihanjisiwe yini incwadi noma cha, kufanele kuphindelwe. Yiqiniso, uma kuba sobala ukuthi umninikhaya akanaso ngempela isithakazelo esigijimini soMbuso, kungcono kakhulu ukuba imizamo yakho uyisebenzisele kwabanye.
32 Emsebenzini wendlu ngendlu, udade othile wahlangana nentokazi eyayinobungane kakhulu kodwa eyenqaba yaphetha ukuthatha omagazini. Ummemezeli uyabhala: “Ngacabanga izinsuku eziningi ngaye futhi nganquma ukuthi ngangifuna ukuphinda ngixoxe naye.” Ekugcineni, lodade wathandaza, waqunga isibindi, wangqongqoza emnyango walentokazi. Okwamjabulisa ukuthi umninikhaya wamngenisa endlini. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, saphinde saqhutshwa ngakusasa. Ngokuhamba kwesikhathi, umninikhaya walamukela iqiniso.
33 Hlela Kusengaphambili Ukuze Ufeze Okwengeziwe: Kutuswa ukuba isonto ngalinye kuchithwe isikhathi esithile ekwenzeni izimpindelo. Kungase kufezwe okuningi ngokuhlela okuhle. Hlela ukuba wenze izimpindelo kuleyo ndawo ozobe usebenza kuyo indlu ngendlu. Uma nisebenzisa imoto, iqembu ngalinye kufanele ligcinwe lilincane ukuze wonke umuntu abe nethuba eligcwele lokwenza izimpindelo. Umshayeli wemoto kufanele azi kusengaphambili ukuthi izimpindelo zizokwenziwa kuphi ukuze agweme ukuhamba ngemoto.
34 Labo abaphumelelayo ekwenzeni izimpindelo nasekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya bathi kubalulekile ukubonisa isithakazelo somuntu siqu esiqotho kubantu nokucabanga njalo ngabo ngisho nangemva kokubahambela. Kubalulekile nokuba nesihloko seBhayibheli esikhangayo ozoxoxa ngaso nokubeka isisekelo sempindelo ngaphambi kokuba uhambe ekuhambeleni kokuqala. Ngaphezu kwalokho, kubalulekile ukuphindela ngokushesha ukuze ulandelele isithakazelo. Kufanele njalo sihlale sicabanga ngomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli.
35 Imfanelo ebalulekile yokuphumelela emsebenzini wokwenza izimpindelo ukuba nesibindi. Izuzwa kanjani? Umphostoli uPawulu uphendula ngokuthi ‘siqunga isibindi’ sokumemezela izindaba ezinhle kwabanye “ngoNkulunkulu wethu.” Uma ufuna ukuthuthuka kulesi sici, thandaza kuJehova ucele usizo. Khona-ke, ngokuvumelana nemithandazo yakho, landelela isithakazelo. Ngokuqinisekile uJehova uyoyibusisa imizamo yakho!
[Ibhokisi ekhasini 3]
Indlela Yokuphumelela Ekwenzeni Izimpindelo
■ Bonisa isithakazelo esiqotho kumuntu ngamunye.
■ Khetha isihloko seBhayibheli esikhangayo ozoxoxa ngaso.
■ Beka isisekelo sokuhambela ngakunye okulandelayo.
■ Hlala ucabanga ngomuntu ngemva kokuba uhambile.
■ Buya ngemva kosuku olulodwa noma ezimbili ukuze uzothuthukisa isithakazelo.
■ Khumbula ukuthi umgomo wakho uwukuqala isifundo seBhayibheli.
■ Thandazela usizo lokuqunga isibindi sokwenza lomsebenzi.