Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Kuqaliswa Izifundo Ngendlela Eqondile
1 UJesu wasiyala ukuba ‘senze abafundi.’ (Math. 28:19) Ukufeza lokhu ngokuvamile kudinga ukuqalisa izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo. Ukusebenzisa indlela eqondile yokuqalisa izifundo zeBhayibheli enkonzweni yendlu ngendlu kungasisiza ukuba lokhu sikufeze ngokushesha. Futhi kuyichaza ngokucacile injongo eyinhloko yokuhambela.
2 Yini esingase siyisho lapho sisebenzisa indlela eqondile ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli? Indlela elula ingcono kakhulu. Singase sithi: “Nginesithakazelo ekusizeni abantu ukuba baqonde iBhayibheli futhi ngingajabulela ukulitadisha nawe kanye nomkhaya wakho ekhayeni lakho ngaphandle kwemali noma ukuzibopha. Singasebenzisa iBhayibheli lakho. Uma ungenalo, ngingakutholela lona.”
3 Enye indlela ingase ibe ilena: “Injongo yami ekuhambeleni namuhla iwukukhuthaza isifundo seBhayibheli sasekhaya, esiyokusiza ukuba uqonde ukuthi lelizwe liphokophelephi nokuthi yini uNkulunkulu asigcinele yona. Ngingajabulela ukukubonisa indlela ongazuza ngayo eBhayibhelini lakho.” Uma umnini-khaya evuma, ungasebenzisa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula noma incwadi ethi Ungaphila Phakade, mhlawumbe uqalise ekhasini 10, isigaba 11. Lesihlokwana siqokomisa isithembiso sikaJehova sokubuyisela iPharadesi.
4 Sebenzisa Amapheshana EBhayibhe- li: Abaningi baye bathola amapheshana ewusizo lapho besebenzisa indlela eqondile. Lapho umnini-khaya ekungenisa, mnikeze ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula elingasongiwe ukuze akwazi ukuwubona wonke umfanekiso. Phatha elinye ipheshana esandleni sakho, futhi ufunde noma uyibeke ngamanye amazwi imibuzo esezigabeni zokuqala ezimbili. Xoxa ngezimpendulo, futhi ufunde umbhalo osekelayo owodwa noma emibili. Khona-ke yisho ukuthi uyijabulele ingxoxo, futhi uhlele ukuphindela. Chaza kafushane isimiso sethu sesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, uma kufanelekile, noma hlela nje ukuphindela futhi ucabangele elinye iphuzu elisepheshaneni.
5 Lapho uhlela ukuphindela, kuhle ukuchaza okuthile onomuzwa wokuthi kuyomthakazelisa umnini-khaya. Lokhu kungaba ngendlela yombuzo. Kuyoshiya umnini-khaya ebheke phambili ekuhambeleni kwakho okulandelayo lapho lombuzo uyophendulwa khona.
6 Incwadi ethi Ungaphila Phakade iyithuluzi elihle kakhulu lokusiza labo abangazi ukuthi izinjongo zikaNkulunkulu ziyini nokuthi ufunani. Ifundisa ukuthi izimfuneko zikaNkulunkulu zihlanganisa ukulalela imithetho yakhe, ukuhlanganyela nomzila wakhe noma inhlangano nokumelela ngokwethembeka ukubusa koMbuso wakhe kwabanye ngaleyondlela bavumelanise ukuphila kwabo nezimfuneko zokuziphatha ezihlelwe eBhayibhelini. Inikeza abantu ulwazi ngoJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu, izinjongo zikaNkulunkulu ngokuqondene nomhlaba nendima kaKristu njengeNkosi entsha yomhlaba. Imifanekiso esesahlukweni 19 iyodonsa ukunakekela kwabantu abanhliziyo-ziqotho, ivuse isithakazelo eBhayibhelini nasezinjongweni zikaJehova. Ngakho masisebenzise wonke amathuba okuqalisa izifundo nokuhlanganyela ekuthunyweni ‘kokwenza abafundi.’—Math. 24:14; 28:19, 20; Marku 13:10.