Imihlangano Yenkonzo KaJuly
Isonto Eliqala NgoJuly 6
INgoma 123
10 imiz: IZaziso ezifanelekayo ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso nanoma iziphi izaziso zebandla. Futhi, qokomisa amaphuzu amabili aqondile okukhulunyelwa angasetshenziswa lapho kuhanjiswa INqabayokulinda kaJuly 1, 1992. Khuthaza ummemezeli ngamunye ukuba akwenze umgomo wakhe ukuhlanganyela njalo enkonzweni isonto ngalinye nokuletha umbiko ngokushesha ekupheleni kwenyanga.
20 imiz: “Hambisa Izincwajana Ezingangomagazini Ukuze Uhlanganyele Ithemba Lakho LoMbuso.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo; imiboniso. Yazisa ibandla ngezincwajana ezingangomagazini ezitholakalayo esitokweni, futhi cela ukukhulumela kwezilaleli ngezincwajana ezifaneleka ngokukhethekile ensimini yebandla. Lapho nicabangela isigaba 9, bonisa indlela incwajana engangomagazini efanelekayo engahanjiswa ngayo ekufakazeni ngokwethukela kumakhelwane, umngane emsebenzini, noma kwezinye izindawo. Uma isikhathi sivuma, yiba nabamemezeli ababelwe kusengaphambili balandise okuhlangenwe nakho kwabo ekusebenziseni izincwajana ezingangomagazini. Khuthaza ngentshiseko abazalwane ukuba bahlanganyele ngokugcwele ekuhambiseni izincwajana ezingangomagazini phakathi noJuly.
15 imiz: Indlela Engathola Ngayo Iqiniso. Okuhlangenwe nakho. Umdala uxoxa nabantu ababili noma abathathu. Qokomisa indlela iZwi likaNkulunkulu nenhlangano okwabashukumisa ngayo kwaze kwaba sephuzwini lokuzinikezela nobhapathizo. Gcizelela izinzuzo abazitholayo ngokuba seqinisweni.
INgoma 165 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJuly 13
INgoma 193
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. IZindaba EzingokwaseZulwini. Khumbuza ibandla ngamalungiselelo enkonzo yasensimini.
20 imiz: “Ukuxhuma Isingeniso Sethu Nalokho Esikuhambisayo.” Inkulumo emfushane nemiboniso. Hlela ukuba nomboniso wommemezeli osemusha enikeza intshumayelo engokomBhalo esebenzisa ukusikisela okunikezwe esigabeni 2. Lapho wethula uIsaya 65:21-23, sebenzisa indlela ehlelwe esigabeni 5. Omunye ummemezeli angase abonise ukuhanjiswa kwencwajana ethi “Bheka,” ehlanganisa ukusikisela okusezigabeni 3 no-4. Kuyo yomibili lemiboniso usihlalo kufanele agcizelele indlela ummemezeli abeyoqhubeka ngayo uma bekungekho sithakazelo esikhethekile esiboniswa umnini-khaya. Khumbuza ibandla ukuba liphake izincwajana ezingangomagazini nomagazini ngemva kwalomhlangano.
15 imiz: Imibuzo NgeArmagedoni. Inkulumo ehlanganisa ukwaziswa okusencwadini Ukubonisana, amakhasi 49-53.
INgoma 137 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJuly 20
INgoma 8
15 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngombiko webandla wenkonzo yasensimini kaJune, unikeze ukutusa kanye nesikhuthazo esidingekayo ngentuthuko. Veza indlela ukucabanga ngetekisi lonyaka nomongo walo okusisiza ngayo ukuba sithole injabulo yeqiniso njengoba sihlanganyela enkonzweni yasensimini futhi sihlanganyela nebandla. (Roma 12:9-16) Xoxa ngamalungiselelo okugcina ensimu engabelwe uma ekhona. Sebenzisa amaphuzu asesenezelweni sencwadi kaJune 1, 1992. Khuthaza ngokufudumele bonke ukuba bawasekele ngokugcwele amalungiselelo omkhankaso.
15 imiz: “Ingabe Usikisela Isifundo SeBhayibheli?” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo elandelwa okuhlangenwe nakho okukhethiwe okubonisa indlela izifundo zeBhayibheli ezingaqaliswa ngayo ekuhambeleni kokuqala noma empindelweni.
15 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo esekelwe esihlokweni esithi “‘Qhubekani Nilungiswa’” kuNqabayokulinda kaNovember 1, 1990.
INgoma 184 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJuly 27
INgoma 180
10 imiz: Izaziso zebandla. IBhokisi Lemibuzo. Umbonisi wenkonzo angase abelwe ukusingatha lengxenye.
20 imiz: “Ukuhlakulela Isithakazelo Esigijimini SoMbuso.” Ngemva kwesethulo esifushane, yiba nomboniso wokwenziwa kwempindelo (1) kumuntu owamukele omagazini bamuva, (2) kumuntu obonise isithakazelo kodwa ongazamukelanga izincwadi, (3) nakumuntu owamukele incwajana ethi “Bheka.” Esimweni ngasinye beka isisekelo sokuhambela okulandelayo.
15 imiz: “Ukwamukela, Ukusebenzisa, Nokuzuza EZwini LikaNkulunkulu.” Cela amazwi amafushane alungiselelwe okwazisa ngemihlangano yesifunda. Ungaletha ukunakekela emaphuzwini abalulekile afundwa emhlanganweni wesifunda odlule. Khona-ke, yiba nengxoxo yemibuzo nezimpendulo ngesihloko ekhasini 1. Memezela usuku lomhlangano wesifunda olandelayo, uma senilwazi, futhi ukhuthaze bonke ukuba babe khona.
INgoma 157 nomthandazo wokuphetha.