Ukwamukela, Ukusebenzisa, Nokuzuza Ezwini LikaNkulunkulu
1 Nakuba izigidi zabantu zinawo amaBhayibheli, abaningi abalamukeli njengeZwi likaNkulunkulu, abaningi abasisebenzisi iseluleko salo esihlakaniphile, futhi ngalesosizathu bambalwa abazuzayo kulo. Nokho, abantu bakaJehova bayakholelwa ngempela ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi lisiza ezintweni zonke. (2 Thim. 3:16, 17) Ngakho-ke, isihloko sesimiso somhlangano wesifunda sonyaka wenkonzo ka-1993 siyobe sithi “Ukwamukela, Ukusebenzisa, Nokuzuza EZwini LikaNkulunkulu.”
2 Kuyoba nezinkulumo, imiboniso, okuhlangenwe nakho, nezingxoxo zokusikhuthaza, ukujulisa ukwazisa kwethu ngeZwi likaNkulunkulu, nokusisiza ukuba silisebenzise ngokugcwele ngokwengeziwe kuzo zonke izici zokuphila. Isimiso sangoMgqibelo ntambama siyocabangela iseluleko nesiyalo phakathi komkhaya ngokuphathelene nokuzijabulisa, abangane, nokuthanda izinto ezibonakalayo. Siyobonisa indlela okumelwe sihluke ngayo ezweni futhi singacoshi imikhuba yalo emibi nolimi lokweyisa noma lwenhlamba. Ngaphezu kwalokho, kuyonikezwa iseluleko esiyozuzisa abazali abangabodwa nezintandane.
3 Futhi, ngoMgqibelo abantu abasanda kuzinikezela bayoba nethuba lokubhapathizwa ngemva kokuzwa inkulumo engokomBhalo yobhapathizo. Labo abalungiselela ukubhapathizwa emhlanganweni wesifunda kufanele bazise umbonisi owengamele webandla ngokushesha ngangokunokwenzeka ngesifiso sabo ukuze abe nesikhathi esanele sokuhlela ukuba abadala babukeze imibuzo yabafundi yobhapathizo.
4 Isimiso sangeSonto ekuseni siyohlaziya izindlela esizihlukanisa ngazo nezwe ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu. Phakathi kwezinto okuyoxoxwa ngazo ukubaluleka kokubukeka kwethu nendlela yokugwema ukonakalisa ingqondo yethu. Ntambama, umbonisi wesigodi uyonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Yini Ephawula IBhayibheli Njengelinokwethenjelwa?” Sifuna ukuqiniseka ukuba simemela bonke abantu abathakazelayo kulesimiso esihle.
5 Izinsuku nendawo yalesimiso somhlangano wesifunda kuyonikezwa umbonisi wenu wesifunda, futhi sikhuthaza bonke ukuba babe khona ukuze bamukele, basebenzise, futhi bazuze eselulekweni seZwi likaNkulunkulu.—Jak. 1:22-25.