Ukuxhuma Isingeniso Sethu Nalokho Esikuhambisayo
1 Lapho ulungiselela isethulo sakho kulenyanga, ungase okokuqala ucabangele izinkinga ezinkulu ezibhekene nabantu endaweni yakini bese ukhetha amazwi komagazini bamuva noma encwajaneni engangomagazini abonisa ikhambi elisebenzayo, elingokomBhalo.
2 Kweminye imiphakathi, abantu bangase bakhathazeke ngokuntuleka komsebenzi okwandayo nezindleko eziphakeme zokuphila. Uma uhlangabezana nalesosimo, ungase uthinte leyonkinga ngokuqondile esingenisweni sakho.
Ungase uthi:
◼ “Besikhuluma nomakhelwane bethu ngalokho okungenziwa ukuze kuqinisekwe ukuthi bonke abantu bathola umsebenzi nezindlu. Ingabe ubona ukuthi kunengqondo ukulindela ukuba ohulumeni babantu bakufeze lokhu? [Lindela impendulo yomnini-khaya.] Kunothile owaziyo ukuthi zingaxazululwa kanjani lezinkinga; phawula isithembiso sakhe esiqinisekisayo kuIsaya 65:21-23. [Funda.] UMdali wethu wenza ukuba lesithembiso sibhalwe ukuze sikhuthazeke, futhi siyilokho sonke esikudingayo kulezikhathi ezinzima, akunjalo?”—rsZU, k. 14.
3 Kuleliqophelo esethulweni sakho, ungaxhuma indaba ekomagazini bamuva noma esencwajaneni engangomagazini. Uma uhlanganyela emsebenzini kamagazini, ungase ukhethe iphuzu elifanelekile esihlokweni esithi “Ithemba Linqoba Ukuphelelwa Yithemba!” kuNqabayokulinda kaJuly 1. Uma uhambisa incwajana ethi “Bheka,” kungani ungabonisi indlela umqondo wokutholakala kwezindlu nomsebenzi ngabo bonke oboniswa ngayo esembozweni sangaphambili nangemuva salencwajana. Ungayivula ukuze umnini-khaya akwazi ukubona wonke umfanekiso ngesikhathi esisodwa.
4 Emasimini lapho abanini-khaya bekhathazwa izinto ezihlukahlukene, isingeniso esivumelana nezimo ngokwengeziwe singaba usizo. Ungase ufune ukuzama isingeniso sesibili esisencwadini ethi Ukubonisana ngaphansi kwesithi “UMbuso.”
Ungase uthi:
◼ “UJesu wasifundisa ukuba sithandazele uMbuso kaNkulunkulu ukuba uze nokuba intando yakhe yenziwe emhlabeni njengasezulwini. Ingabe ubona ukuthi uma nje intando kaNkulunkulu yenziwa lapha, umhlaba ngempela uyoba yipharadesi?” Ngemva kokuphendula komnini-khaya yethula futhi ufunde IsAmbulo 21:3-5.
Ngakho, uma uhambisa incwajana ethi UHulumeni, funda izingxenye ezikhethiwe zesingeniso esisekhasini 3. Phawula lamazwi: “NgoMbuso, uNkulunkulu ngokushesha uzophelisa izimpi, indlala, izifo, nobulelesi.” Buza umnini-khaya ukuthi iyiphi kulezinkinga anomuzwa wokuthi ingengathi sína kakhulu.
Uma uhambisa “INqabayokulinda” kaJuly 15, ungase uthi:
◼ “Abantu abaningi bacishe bakholelwe ukuthi lesithembiso siyogcwaliseka, kodwa abaqiniseki ukuthi iBhayibheli liyisiqondiso esinokwethenjelwa noma cha. Ngiyaqiniseka ukuthi uyosithola siqinisa ukholo lesihloko esithi, ‘Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?’”
5 Abantu abasebasha nabo banganikeza isigijimi soMbuso ngokuphumelelayo, ngisho nakubantu abadala.
Ekwethuleni uIsaya 65:21-23, abamemezeli abasebasha bangase bathi:
◼“Ngiyazi ukuthi njengomuntu omdala unokuhlangenwe nakho okuningi ekuphileni kunami, kodwa lombhalo usiduduza sonke.”
6 Qiniseka ukuthi ugcina umbhalo wokunakekela wako konke okuhanjisiwe, kuhlanganise nokuthi iyiphi incwajana engangomagazini noma umagazini okuhanjisiwe. Uyokudinga lokhu kwaziswa lapho uphindela uyohlakulela isithakazelo.