Sebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini Ezihlukahlukene Enkonzweni Yakho
1 Abantu namuhla banesithakazelo ezindabeni ezihlukahlukene. Lapho uhlanganyela enkonzweni yasensimini ngo-July, ungaphatha izincwajana ezingangomagazini eziningana, usebenzise ethile ngokukhethekile engakhanga kubantu ensimini. Mhlawumbe ungathanda ukuzama enye yalezi zintshumayelo:
2 Lapho uhambisa incwajana ethi “UHulumeni Oyoletha IPharadesi,” ungase ubuze:
◼ “Ucabanga ukuthi umhlaba ubuyoba njani ukuba bekunguNkulunkulu kuphela ongumbusi? [Lindela impendulo.] Lapho sithandaza uMthandazo WeNkosi, noma uBaba Wethu, esawufundiswa uJesu Kristu, sisuke sicela lokho kanye ukuba uNkulunkulu athathe izintambo zokubusa umhlaba. [Vula ikhasi 3, bese ufunda isigaba sokuqala, esicaphuna uMathewu 6:10.] Uma ungathanda ukuhlala ezweni elinjalo, kufanele ufunde lencwajana.” Sikisela ukuyishiya ngomnikelo ka-R1,00.
3 Ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo” ingaqokonyiswa ngalendlela:
◼ “Ucabanga ukuthi luyoke lube khona usuku lapho engekho kithi oyolahlekelwa othandekayo ngokufa? [Lindela impendulo.] Lencwajana ebhalwe kahle iye yaduduza izigidi ngethemba leBhayibheli eliqinisekile lokuthi lolo suku luzofika esikhathini esiseduze esizayo. [Vula ikhasi 5, bese ufunda isigaba sesihlanu, kuhlanganise neyoku-1 Korinte 15:21, 22. Yibe usuvula umfanekiso osekhasini 30.] Lapha umdwebi uveze injabulo esingase sibe nayo ekwamukeleni abathandekayo bethu abafile ngovuko. Kodwa leso simo esijabulisayo siyokwenzeka kuphi? Lencwajana izokubonisa impendulo yeBhayibheli yalowo mbuzo.” Uma incwajana ithathwa, ungase unezele: “Ngingathanda ukuphinde ngibuye bese sixoxa ngalesi sihloko ngokuqhubekayo.”
4 Ungase uqokomise incwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” usebenzisa lendlela eqondile yokuqala isifundo seBhayibheli:
◼ “Abantu abaningi banemibuzo ethile ngeBhayibheli. Kungenzeka wake wazibuza ngempendulo yomunye wayo. [Vula ikhasi 30.] Lombuzo wokugcina uye wavusa isithakazelo sabaningi: ‘Ungakulungiselela kanjani ukuphila okuphakade ePharadesi?’” Uma nixoxa ngezigaba 57-8 ezisemakhasini 29-30 bese ufunda isAmbulo 21:3, 4, uyobe ususibekile isisekelo sokuqala isifundo seBhayibheli. Phetha ngokushiya incwajana nokuhlela ukuphindela lapho ningaxoxa khona ngeminye yemibuzo.
5 Ungase uthande ukuzama lentshumayelo elula ngencwajana ethi “IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade”:
◼ “Enye yezinto zokuqala engazifunda eBhayibhelini kwakuyigama likaNkulunkulu. Uyazi ukuthi ubani? [Lindela impendulo.] Ake ngikubonise lona. Lilapha eBhayibhelini kumaHubo 83:18. [Funda.] Lencwajana ibonisa ukuthi igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, livela ngezilimi eziningi. [Mbonise ibhokisi elisekhasini 8.] Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngoJehova nangezinjongo zakhe, kufanele ufunde lencwajana.” Nikeza umninikhaya lencwajana.
6 Njengoba sinezincwajana ezinhle ezinhlobonhlobo esingazisebenzisa, ngokuqinisekile sikuhlomele kahle ‘ukushumayela izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo.’—Isaya 61:1.