Indlela Yokusebenzisa Ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
Incwajana Entsha Elungiselelwe Ukwenza Izimpindelo Nokuqala Izifundo ZeBhayibheli
1. Iyiphi incwajana entsha eyakhululwa eMhlanganweni Wesigodi othi “Qapha Inhliziyo Yakho!” elungiselelwe ukusisiza senze izimpindelo futhi siqale izifundo zeBhayibheli?
1 EMhlanganweni Wesigodi othi “Qapha Inhliziyo Yakho!” sajabula ukuthola incwajana yokusisiza senze izimpindelo futhi siqale izifundo zeBhayibheli. Le ncwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu, iyefana naleyo ebesiyisebenzisa ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, ngokuthi zombili zinezahluko ezimfushane. Lokhu kuzosisiza siphumelele ekusebenziseni le ncwajana lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli simi emnyango. Nokho, njengoba le ncwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? yayikhuluma ngezimfuneko zobuKristu, okungaba yinselele kubafundi abasha ukuba bazamukele, le ncwajana entsha igxila ezindabeni ezinhle ezitholakala eBhayibhelini.—IzE. 15:35.
2. Kungani kuye kwalungiselelwa incwajana ethi Izindaba Ezinhle?
2 Kungani iye yalungiselelwa? Abazalwane emhlabeni wonke bebelokhu becela okuthile okulula okuzodonsela abantu eqinisweni futhi kwendlalele incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, eyithuluzi lethu eliyinhloko lokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Abantu abenqenayo ukufunda incwadi ngokuvamile abanankinga yokufunda iBhayibheli besebenzisa incwajana. Ngaphezu kwalokho, kulula kakhulu ukuhumushela incwajana ezilimini eziningi.
3. Le ncwajana ihluke kanjani kwezinye izincwadi zokuqhuba izifundo?
3 Indlela Ehlelwe Ngayo: Izincwadi zethu eziningi zokuqhuba izifundo zibhalwe ngendlela yokuba umuntu akwazi ukuzifunda futhi aqonde iqiniso, ngisho nangaphandle kokusizwa. Le ncwajana ihlukile. Ilungiselelwe njengethuluzi lesifundo seBhayibheli esinomuntu osiqhubayo. Ngenxa yalokho, lapho uyihambisela othile, kungcono kakhulu ukuxoxa ngesigaba esisodwa noma ezimbili. Izigaba zimfushane, ngakho kungaxoxwa ngazo ngisho nalapho nimi emnyango noma endaweni yebhizinisi. Nakuba kukuhle ukuqala esifundweni sokuqala, singakwazi ukuqala isifundo nganoma isiphi isahluko kule ncwajana.
4. Le ncwajana isisiza kanjani ukuba sifundise ngeBhayibheli ngokuqondile?
4 Ezincwadini zethu eziningi, izimpendulo zemibuzo enyathelisiwe zingatholakala ezigabeni. Kodwa kule ncwajana, izimpendulo zitholakala eBhayibhelini ngokuyinhloko. Abantu abaningi bafuna ukufunda iBhayibheli kunezincwadi zethu. Ngakho-ke, imbalwa kakhulu imiBhalo ecashuniwe. Kufanele ifundwe eBhayibhelini ngokuqondile. Lokhu kusiza abafundi baqonde ukuthi abakufundayo kuvela kuNkulunkulu.—Isaya 54:13.
5. Kungani kubalulekile ngofundisayo ukusilungiselela kahle isifundo ngasinye?
5 Le ncwajana ayiyichazi yonke imiBhalo. Kungani? Kungenxa yokuthi iklanyelwe ukukhuthaza umfundi ukuba abuze imibuzo futhi isize ofundisayo ukuba asebenzise ikhono lakhe lokufundisa. Khona-ke, kubalulekile ukusilungiselela kahle isifundo ngasinye. Nasi isixwayiso: Ungakhulumi kakhulu. Siyakuthanda ukuchaza imiBhalo. Kodwa sivame ukufeza okuningi ngokucela umfundi ukuba achaze ukuthi uwuzwa kanjani. Ngokusebenzisa imibuzo ngokuhlakanipha, singamsiza ukuba acabangisise ngencazelo yevesi ngalinye.—IzE. 17:2.
6. Singayisebenzisa kanjani le ncwajana (a) lapho abantu bengakholelwa kuNkulunkulu naseBhayibhelini? (b) lapho sisendlini ngendlu? (c) lapho sicela izifundo zeBhayibheli ngokuqondile? (d) lapho senza izimpindelo?
6 Njengezinye izincwadi zokuqhuba izifundo, le ncwajana ingahanjiswa noma nini, kungakhathaliseki ukuthi isiphi isipho saleyo nyanga. Abaningi bayokujabulela ukuyisebenzisa ukuze baqale izifundo noma bemi emnyango. Ngaphezu kwalokho, njengoba kwashiwo emhlanganweni wesigodi, ukuyisebenzisa lapho sibuyela kubantu ababonise isithakazelo, kungenza umsebenzi wokwenza izimpindelo ujabulise ngempela!—Bheka amabhokisi emakhasini 5-7.
7. Ungasiqhuba kanjani isifundo seBhayibheli usebenzisa le ncwajana?
7 Indlela Yokuqhuba Izifundo: Singaqala ingxoxo ngokufunda umbuzo obhalwe ngokugqamile onenombolo. Ngemva kwalokho, funda isigaba nomBhalo noma imiBhalo ebhalwe ngomalukeke. Sebenzisa imibuzo ngokuhlakanipha ukuze usize umninikhaya aqonde lokho okushiwo imiBhalo. Ngaphambi kokudlulela engxenyeni elandelayo, ungabe usucela umninikhaya ukuba aphendule umbuzo obhalwe ngokugqamile ukuze uqiniseke ukuthi uyalithola iphuzu. Kungaba ngcono ukuxoxa ngombuzo owodwa kuleyo ebhalwe ngokugqamile phakathi nezikhathi ezimbalwa zokuhambela kokuqala. Ngokuhamba kwesikhathi, singase sikwazi ukuyelula ingxoxo yethu ihlanganise sonke isifundo.
8. Kufanele siyethule kanjani imiBhalo, futhi ngani?
8 ImiBhalo ekhonjiwe eyandulelwa igama elithi “funda,” ngokuvamile iyona ewuphendula ngokuqondile umbuzo obhalwe ngokugqamile. Lapho wethula umBhalo gwema ukuthi, “Umphostoli uPawulu wabhala” noma “Phawula lokho okwabikezelwa uJeremiya.” Umninikhaya angase acabange ukuthi simane sifunda amazwi abantu nje. Kuyoba ngcono ukuthi, “IZwi likaNkulunkulu lithi” noma “Phawula lokho okwabikezelwa iBhayibheli.”
9. Ingabe yonke imiBhalo ekhonjiwe phakathi nesifundo kufanele ifundwe?
9 Ingabe kufanele siyifunde yonke imiBhalo ekhonjiwe, noma sifunde kuphela leyo okuthiwe kuyo “funda”? Kuyoya ngezimo. Awukho umBhalo ofakwe ngaphandle kwenjongo. Ngamunye uqukethe imininingwane ekufanelekelayo ukuba sixoxe ngayo. Kodwa kwezinye izimo, ukungabi nasikhathi, ukungabi nasithakazelo noma ikhono lokufunda kumfundi kungase kusho ukuthi sizofunda kuphela imiBhalo okuthiwe kuyo “funda.”
10. Kunini lapho isifundo singasishintshela encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli?
10 Lapho Kufanele Sishintshele Encwadini Ethi Okufundiswa IBhayibheli: Ngemva kwezingxoxo eziningana nalapho isifundo sesiqhutshwa njalo singase sishintshele encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli noma siqhubeke nencwajana ethi Izindaba Ezinhle size siyiqede. Abamemezeli bangasebenzisa ukwahlulela kwabo ekunqumeni ukuthi bangashintsha nini. Uma sishintshela encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli, ingabe kumelwe siyiqale ekuqaleni? Akunamthetho kulokhu. Abantu abefani. Noma kunjalo, abafundi abaningi bayozuza ngokuphinde bazifunde ngokujulile izihloko ezifanayo kwethi Okufundiswa IBhayibheli.
11. Kungani kufanele siyisebenzise ngokunenzuzo le ncwajana entsha?
11 Ezweni lapho izindaba ezinhle ziyindlala khona, sinelungelo eliyingqayizivele lokumemezela izindaba ezingcono kakhulu—zokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa nokuthi maduze uzoletha izwe elisha okuyohlala kulo ukulunga! (Math. 24:14; 2 Pet. 3:13) Siyaqiniseka ukuthi abaningi abezwa lesi sigijimi bayovumelana nala mazwi aphefumulelwe: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula, oletha izindaba ezinhle zokuthile okungcono, omemezela insindiso, lowo othi kulo iZiyoni: ‘UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!’” (Isaya 52:7) Kwangathi singayisebenzisa le ncwajana entsha ukuze silethele abantu abomile ensimini yethu izindaba ezinhle ezivela kuNkulunkulu!
[Ibhokisi ekhasini 5]
Lapho Abantu Bengakholelwa KuNkulunkulu NaseBhayibhelini:
● Kwezinye izindawo, abamemezeli bathola ukuthi igama elithi “Nkulunkulu” nelithi “IBhayibheli” enza umuntu angafuni ukuxoxa. Esimweni esinjalo, ekuhambeleni kokuqala kungaba ngcono ukuxoxa ngezinto ezikhathaza abantu endaweni, njengesidingo sikahulumeni ongcono, indlela yokuthola usizo oludingwa imikhaya nokuthi ikusasa lisiphatheleni. Mhlawumbe incwajana ethi Izindaba Ezinhle singayethula ngemva kokuba sesibe nezingxoxo eziningana ezimayelana nokuthi sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi kungani singalethemba iBhayibheli.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Enkonzweni Yendlu Ngendlu:
● “Nginihambele ukuze nginibonise indlela okulula ngayo ukuthola ukuthi iyini injongo kaNkulunkulu ngekusasa lesintu. Wake wazibuza yini ukuthi ingabe uNkulunkulu uyoke asikhulule ekuhluphekeni? [Lindela impendulo.] Le ncwajana iyabonisa ukuthi ungayitholaphi impendulo yalo mbuzo eBhayibhelini. [Mnikeze incwajana, bese ufunda isigaba sokuqala sesifundo 1, kanye noJeremiya 29:11.] Ngokwalokhu, ingabe kubonakala kunengqondo kuwe ukuthi uNkulunkulu usifunela ikusasa elingcono? [Lindela impendulo.] Ungayigcina le ncwajana uma uyithanda. Esikhathini esizayo, singaxoxa ngesigaba sesibili ukuze sithole ukuthi iBhayibheli liwuphendula kanjani umbuzo othi, ‘UNkulunkulu uyosikhulula kanjani isintu ezimbangeleni zokuhlupheka?’” Uma umninikhaya ebonakala enesikhathi esithe xaxa ekuhambeleni kokuqala, ningase nikwazi ukufunda nokuxoxa ngesigaba sesibili nemiBhalo emithathu ekuso. Hlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo wesibili kuleso sifundo.
● “Abantu abaningi bayakuthanda ukuthandaza, ikakhulu uma benezinkinga. Ingabe uke uthandaze? [Lindela impendulo.] Ucabanga ukuthi uNkulunkulu ulalela yonke imithandazo, noma kungenzeka ukuthi eminye ayimjabulisi? [Lindela impendulo.] Lapha nginencwajana ebonisa indlela yokuthola impendulo yeBhayibheli yaleyo mibuzo. [Mnikeze ikhophi, bese nixoxa ngesigaba sokuqala sesifundo 12 kanye nemiBhalo ephawulwe ngokuthi “funda.”] Akujabulisi yini ukuthi uNkulunkulu uzimisele ukusilalela? Kodwa ukuze sizuze ngokugcwele emthandazweni, kudingeka simazi kahle uNkulunkulu. [Vula esifundweni 2 bese umbonisa izihlokwana.] Uma uthanda, ngingakushiyela le ncwajana bese ngibuya ngolunye usuku sizofunda ukuthi iBhayibheli liyiphendula kanjani le mibuzo ethakazelisayo.”
● “Ngilapha ukuze sixoxe ngalokho okukhathaza abantu ngokuthi liphokophelephi leli zwe. Ucabanga ukuthi izimo ziyoke zibe ngcono? [Lindela impendulo.] Iningi labantu liyamangala ukuthola ukuthi iBhayibheli linezindaba ezinhle ezingasinika ithemba. Nayi eminye imibuzo ephendulwa iBhayibheli.” Mnikeze incwajana bese umcela ukuba akhethe umbuzo omthakazelisa kakhulu esembozweni ngemuva. Ngemva kwalokho, yana esifundweni bese umbonisa ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani. Hlela ukubuyela ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo kuleso sifundo.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Zama Ukusicela Ngokuqondile Isifundo:
● “Ngithe angidlule lapha ngizokubonisa indlela entsha yokufunda iBhayibheli. Lapha nginencwajana enezahluko ezingu-15 ezibonisa lapho ungathola khona izimpendulo zemibuzo ebalulekile eBhayibhelini lakho. [Mbonise isembozo esingaphambili nesingemuva.] Ingabe wake wazama ukuqonda iBhayibheli? [Lindela impendulo.] Ake ngikubonise indlela ezilula ngayo lezi zifundo. [Xoxani ngesigaba sokuqala sombuzo 3 esifundweni 3, bese nifunda isAmbulo 21:4, 5. Uma kufaneleka, xoxani ngesigaba esilandelayo nemiBhalo ephawulwe ngokuthi “funda.”] Ngingakushiyela yona le ncwajana, uma uyithanda. Kunganjani uke uzame isifundo esisodwa seBhayibheli ngale ndlela? Uma usithanda, ungaqhubeka. Ngokuzayo singaxoxa ngesifundo sokuqala. Phawula ukuthi siyikhasi elilodwa nje vo.”
[Ibhokisi ekhasini 7]
Ihambise Lapho Wenza Impindelo:
● Lapho sibuyela kothile obonise isithakazelo, singase sithi: “Kwaze kwakuhle ukuphinde sibonane. Ngikuphathele le ncwajana esinika izimpendulo zemibuzo eminingi ethakazelisayo. [Mnikeze incwajana bese umcela ukuba abheke ngemuva esembozweni.] Isiphi kulezi zihloko osithanda kakhulu? [Lindela impendulo. Yibe sewuvula isifundo asikhethile.] Ake ngikubonise indlela engasetshenziswa ngayo le ncwajana ukuze kutholakale impendulo yeBhayibheli.” Mbonise ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani ngokuxoxa naye ngesigaba esisodwa noma ezimbili nemiBhalo ephawulwe ngokuthi “funda.” Ususiqalile njalo isifundo seBhayibheli! Shiyela umninikhaya incwajana bese uhlela ukubuya. Lapho senisiqedile isifundo, ningaxoxa ngesinye esikhethwe umninikhaya noma niqale ekuqaleni.