Ukuhlakulela Isithakazelo Esigijimini SoMbuso
1 Sekudlule isikhathi esithile—mhlawumbe usuku noma ezimbili, mhlawumbe isonto—wagcina ukukhuluma nothile obonise isithakazelo esigijimini soMbuso. Kungakhathaliseki ukuthi uzamukele izincwadi zeBhayibheli noma cha, kubalulekile ukuhlakulela noma yisiphi isithakazelo ngokushesha ngangokunokwenzeka.
2 Bukeza amaphuzu owawabhala ngokunakekela ngemva kokuhambela kokuqala. Khona-ke, lapho upakisha isikhwama sakho sasensimini, qiniseka ukuthi ufake nekhophi yalokho okuhambisile ukuze ubhekisele kuyo lapho wenza impindelo.
Uma uhambise incwajana ethi “Bheka,” ungase uthi:
◼ “Ngiyajabula ukuphinde ngikubone. Ngesikhathi esagcina ngaso ukuxoxa, ngakubonisa isembozo salencwajana, futhi safunda umbhalo eBhayibhelini obonisa ukuthi, ngoMbuso wakhe, uNkulunkulu uyolungiselela bonke abantu izindlu nomsebenzi. Kodwa uNkulunkulu uye wathembisa ukuqeda ukugula, ukuguga, ngisho nokufa. Ingabe ukuthola kunzima ukukukholelwa lokho? [Lindela impendulo yomnini-khaya.] Phawula leliphuzu esigabeni 4 salencwajana engakushiyela yona.” Funda isigaba, bese ucabangela umbhalo owodwa noma emibili yaleyo ebhalwe ngezansi kwekhasi. Isifundo seBhayibheli siyaqaliswa!
3 Ukuze ulungiselele ukuhambela okulandelayo ungaphetha ingxoxo ngokuthi:
◼ “Eqinisweni, konke esiye sakhuluma ngakho kuseBhayibhelini, kodwa abantu abaningi bayazibuza ukuthi bangakukholelwa yini ngempela lokho iBhayibheli elikushoyo. Lapho ngibuya futhi, ngiyothanda ukusebenzisa imizuzu embalwa ukuze sicabangele lendaba kanye nawe.” Lapho uphindela uyohlakulela isithakazelo, qalisa ingxoxo kusukela esihlokwaneni esithi “Incwadi Echaza IPharadesi,” esiqala ngesigaba 5 salencwajana.
4 Emasimini Lapho Kungahanjiswanga Khona Izincwadi: Izethulo ezifanayo ezivamile zingasetshenziswa lapho sivakashela abantu ababonisa isithakazelo esithile kodwa abangathathanga izincwadi. Ungase ubhekisele encwajaneni engangomagazini owawuyihambisa ngesikhathi sengxoxo yangaphambili. Kungase kudingeke uphindele kaningana usebenzisa iBhayibheli nekhophi yakho siqu yencwajana engangomagazini ngaphambi kokuba umnini-khaya amukele incwajana. Uma uhambise INqabayokulinda kaJuly 1 noma kaJuly 15, bhekisela ezindabeni ezihlobene encwajaneni ethi “Bheka,” lapho uphindela uyohlakulela isithakazelo.
5 Izimpindelo ezinhle eziholela esifundweni seBhayibheli ngencwajana UHulumeni zingalungiselelwa ngokwaziswa okusemakhasini 238-40 encwadini ethi Ukubonisana. Noma isifundo seBhayibheli singaqaliswa ngokubuza lombuzo: “Bewazi yini ukuthi iBhayibheli liqukethe amathemba amabili? Elinye lingelokuphila phakade emhlabeni. Lencwajana ichaza indlela lokho okuyokwenzeka ngayo.” Khona-ke phenya ekhasini 15 lalencwajana, futhi ufunde imibhalo emithathu ekhonjiwe.
6 Uma uhambise omagazini ababili, incwadi enoqwembe oluqinile, noma incwajana engangomagazini noma uye waba nengxoxo yeBhayibheli ethakazelisayo nothile, unomthwalo wemfanelo wokuhlakulela isithakazelo. Sinikhuthaza nonke ukuba nibekele eceleni isikhathi esithile phakathi noJuly ukuze nihlanganyele kulomsebenzi osindisa ukuphila.—1 Thim. 4:16.