Memezela Izindaba Ezinhle ZoMbuso Ngezincwajana Ezingangomagazini
1 Yeka injabulo okuyiyo ukwazi iqiniso nokuba phakathi kwalabo abamemezela izindaba ezinhle ngentshiseko! Abantu abangekho enhlanganweni kaNkulunkulu kudingeka bezwe izindaba ezinhle zoMbuso masinyane. Iqiniso ngoMbuso lichazwe kalula ezincwajaneni ezithi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Zikuchaza ngokucacile ukuphila emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, futhi umfundi zimbonisa izinto ezingokoqobo zoMbuso ezichazwa eZwini likaNkulunkulu. Yiqiniso, ukuhambisela umuntu othakazelayo incwajana kumane nje kuyisiqalo somsebenzi wethu. (1 Kor. 9:23) Masibalandelele ngokushesha bonke esibahambiselayo, ngomgomo wokusikisela isifundo ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Singakufeza kanjani lokhu ngo-August?
2 Incwajana ethi “Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!” ingase ihanjiswe ngentshumayelo emfushane kakhulu. Njengoba umbonisa isembozo sayo, ungase uthi:
◼ “Ngingathanda ukukubonisa okuthile okunesigijimi esihle.” Vula incwajana ethi Jabulela, bese ufunda isigaba sokuqala sesethulo. Yibe usuqhubeka: “Iphendula nalombuzo [vula isihloko esingenhla kwesithombe 8]: ‘Kungani umuntu efa?’ Uyokuthola kuthakazelisa ukubhekisisa izithombe nokufunda imibhalo ekulencwajana. Uma uthanda, ungazithathela lencwajana ngomnikelo ka-R1,00.”
3 Yini oyoyisho uma wenza impindelo lapho uhambise khona incwajana ethi “Jabulela”? Ungazama lendlela:
◼ Mbonise umfanekiso 49 encwajaneni ethi Jabulela bese ubuza, “Asisihle yini lesi sithombe? [Lindela impendulo.] Sisencwajaneni engakushiyela yona ekukuhambeleni okudlule. Ngingathanda ukukubuza lombuzo osekhasini elilandelayo.” Vula isithombe 50 bese ufunda umbuzo: “‘Ingabe uyafuna ukuphila phakade kulelopharadesi elihle?’ [Lindela impendulo.] Uma leso kuyisifiso sakho, phawula ukuthi ithi yini okufanele uyenze: ‘Khona-ke funda okwengeziwe ngalokho okushiwo uNkulunkulu.’ [Funda uJohane 17:3.] Ngingathanda ukutadisha nawe iBhayibheli mahhala. Ungakuthanda lokho?” Yenza amalungiselelo aqondile okubuya.
4 Lapho uhambisa incwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” ungase uqale ngokumbonisa wonke umfanekiso osesembozweni bese ubuza:
◼ “Ucabanga ukuthi yini edingekayo ukuze wonke lomhlaba wenziwe ube njena?” Lindela impendulo. Chaza ezinye izici zomfanekiso, okukhulunywa ngazo ekhasini 3. Yibe usuthi: “Abantu abaningi banomuzwa wokuthi akunakwenzeka ukwenza umhlaba onjengalona. Kodwa uNkulunkulu angawenza. [Hlanganyela naye amaphuzu asesigabeni 43; bese ufunda u-Isaya 9:6, 7.] UNkulunkulu uthembisa ukuletha umhlaba omusha lapho abantu abavela kuzo zonke izizwe beyojabulela khona ipharadesi elimangalisayo. Ngingathanda ukuba ufunde lencwajana. Izokubonisa indlela wena nomkhaya wakho eningalijabulela ngayo ikusasa eliqhakazile elenziwe uNkulunkulu.”
5 Lapho uphindela, ungasebenzisa incwajana ethi “Bheka,” ukuze uchaze ukuthi kungani kunesidingo sokufunda okwengeziwe ngeBhayibheli. Mhlawumbe phinda umbonise isembozo bese uthi:
◼ “Lapho ekuqaleni ngikubonisa lesithombe, savumelana ngokuthi singathanda ukuphila emhlabeni omuhle njengalona. Ukuze lokhu kwenzeke, kunokuthile sonke okudingeka sikwenze.” Vula incwajana ethi “Bheka,” esigabeni 52; funda isigaba nombhalo okuJohane 17:3. Hlobanisa lokhu kwaziswa nomfanekiso osesigabeni 53 ophathelene nemfundo efanelekile yeBhayibheli, bese uchaza ukuthi oFakazi BakaJehova lemfundo bayinikeza mahhala emakhaya. Sikisela ukuba umbonise indlela yethu yokufunda, usebenzisa incwadi ethi Ulwazi.
6 Lapho uhambisa incwajana ethi “UHulumeni Oyoletha IPharadesi,” ungase uzame ukusho lokhu:
◼ “Sengizwe abantu abaningi bethi bangathanda ukuphila ngaphansi kukahulumeni ongazixazulula ngempela izinkinga ezinkulu esibhekene nazo namuhla. [Yisho izinkinga zasendaweni ezinjengokuswelakala komsebenzi, ukwanda kobugebengu, noma ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa.] Lezi zinto zisenza sizizwe singalondekile neze ngekusasa lethu nelabathandekayo bethu. Ucabanga ukuthi uyoke ubekhona yini uhulumeni oyoxazulula lezi zinkinga? [Lindela impendulo.] Kungenzeka wake wawuthandaza uMthandazo Wenkosi. Uma kunjalo, ubuwazi yini ukuthi empeleni ubuthandazela uhulumeni wokulunga?” Vula ikhasi 3 encwajaneni ethi UHulumeni, bese ufunda izigaba ezimbili zokuqala. Hambisa incwajana ngomnikelo ka-R1,00.
7 Uma wahambisa incwajana ethi “UHulumeni Oyoletha IPharadesi,” lapho uphindela ungase uqale ingxoxo ngokuthi:
◼ “Esikhathini esidlule saxoxa ngesidingo sokuba nohulumeni wokulunga ongaxazulula izinkinga zesintu. Incwajana engakushiyela yona ikhomba uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lethu. Abanye abantu bayazibuza ukuthi engabe lohulumeni uyokwenzani ukuze uthuthukise isimo sethu. IBhayibheli libonisa ukuthi uKristu usekubonisile kakade ukuthi uzophumelela kuyilapho abaholi abangabantu behlulekile.” Vula incwajana ethi UHulumeni ikhasi 29, bese ufunda izigaba ezine zokugcina. Yibe usuthi: “Ingabe lelo akulona ikusasa elijabulisayo? Ungathanda ukulibona?” Lindela impendulo. Funda uJohane 17:3. Mkhuthaze ukuba afunde okwengeziwe ngesifundo seBhayibheli sasekhaya.
8 Uma usebenzisa ezinye izincwajana, ungazilungiselela ezakho izintshumayelo, usebenzisa lezi ezisikiselwe ngenhla njengeziyisibonelo. Gcina umbhalo oqondile wabo bonke abantu abathakazelayo obatholayo bese uqikelela ukuthi uphindela ngokushesha ngangokunokwenzeka. Lungiselela kahle bese ucela isibusiso sikaJehova njengoba umemezela izindaba ezinhle zoMbuso.