Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli Ngencwadi Ethi Ungaphila Phakade
1 Uthando ngabantu kufanele lusishukumisele ukuba sisheshe ukuphindela siyosiza labo abalambele futhi bomele iqiniso. (Math. 5:6) Kufanele siqaphele futhi sihlakulele noma iyiphi inhlansi yesithakazelo esingase siyithole uma singafuni ife. Ukulungiselela kuyisihluthulelo sempumelelo.
2 Umgomo wethu kufanele ube ukuqala izifundo zeBhayibheli. (Math. 28:20) Izincwadi zokuqala ezanyatheliswa zethi Ungaphila Phakade zazinalamazwi ayisethulo: “Lena ngempela incwadi enhle kakhulu yokusetshenziswa ekufundeni nanoma ubani, mncane noma mdala, kungakhathaliseki izinga labo lemfundo.” Ibhalwe ngendlela eyenza ukuba kube lula ukuqhuba izifundo, yenze ngisho nabamemezeli abasanda kuqala bakwazi ukuhlanganyela. Impumelelo yethu ekuqaleni izifundo ezintsha ixhomeke ekuphumeleleni kwethu ukwenza izimpindelo.
3 Singaziqala Kanjani Izifundo? Lapho siphindela, ngokuvamile kuhle ukuhlanganisa ingxoxo yethu nephuzu elithile noma umbuzo owaphakanyiswa ekuhambeleni kwethu kokuqala. Mhlawumbe naxoxa ngesimo sabafile, washiya umbuzo othi, “Liyini ithemba ngabathandekayo bethu abafile?” Chaza ukuthi uvuko akulona nje ithemba elicatshangelwayo; iBhayibheli linezibonelo eziningi zovuko oselwenzekile kakade. Vula imifanekiso esemakhasini 167-9. Xoxani-ke ngokusezigabeni 1 no-2 ekhasini 166. Uma enaso isithakazelo, sikisela ukubuya nizoqhubeka nengxoxo.
4 Kungenzeka ukuthi ukhulume nomzali owazwakalisa ukukhathazeka ngezinkinga ezandayo okuhlangatshezwana nazo ekukhuliseni izingane. Ngamazwi akho ungase usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Bonke abazali bazifunela okungcono kakhulu izingane zabo. IBhayibheli lineseluleko esingasiza abazali baqeqeshe izingane zabo ukuba zithole ukuphila okwanelisayo okunenjongo. Ngenxa yalesosizathu, situsa kakhulu ukuba imikhaya itadishe iBhayibheli ndawonye. [Bhekisela esigabeni 23 ekhasini 246.] Ulwazi oluzuziwe lungaletha izibusiso ezihlala njalo emkhayeni wonke.” Funda uJohane 17:3. Yisho ukuthi ubungathanda ukubuya uzobonisa umkhaya indlela ongaqala ngayo isifundo sawo.
5 Uma ungummemezeli omncane noma osanda kuhlanganyela futhi ekuhambeleni kokuqala ukhulumé kafushane ngethemba lePharadesi, vula incwadi ekhasini 3, bese usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “IBhayibheli lithembisa ukuthi labo abenza intando kaNkulunkulu bangabheka phambili ekuphileni emhlabeni onjengalona, lapho kuyoba khona injabulo nokuthula. Lencwadi ibonisa lokho okufanele sikwenze ukuze sijabulele lesosibusiso.” Chaza kafushane indlela yethu yokufunda, bese usikisela ukuba umbonise yona.
6 Njengabafundi bakaJesu, sinesibopho sokusiza abantu. (Roma 10:14) Uma sahambisa incwadi noma saba nje nengxoxo enhle, sinomthwalo wemfanelo wokuhlakulela isithakazelo. (Math. 9:37, 38) Uma sisifeza kahle lesisabelo, sonke singahlanganyela izibusiso eziba umphumela walokho.—1 Thim. 4:16.