Landelela Sonke Isithakazelo Ukuze Uzuzise Abanye
1 Kufanele sikuphaphamele ukulandelela sonke isithakazelo esisitholayo ensimini. Abanye banomuzwa wokuthi kuyinzuzo ukwenza impindelo uma nje umuntu ethathe incwadi. Nokho, lokho kuyiphutha. Noma nini lapho umuntu ebonisa ngisho nesithakazelo esincane esigijimini soMbuso, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze simzuzise lowo muntu. Ngakho izimpindelo sizenza sinomgomo wokuhlakulela isithakazelo salowo muntu nokuqala isifundo seBhayibheli sasekhaya. Lona umgomo wethu ngisho nalapho singayishiyanga incwadi. Singakwenza kanjani lokhu?
2 Uma ingxoxo yenu esikhathini esidlule yayiphathelene nokwanda kwezinkinga zomshado namuhla futhi washiya incwadi ethi “Ungaphila Phakade,” ungaqala ingxoxo yakho ngalendlela:
◼ “Ekuhambeleni kwami okudlule, sakhuluma ngomshado nangeseluleko esiyinzuzo seBhayibheli esingasisiza ukuba sithole injabulo enkudlwana. Akulona yini iqiniso ukuthi ngisho nasemikhayeni ekahle kakhulu, ngezikhathi ezithile izinkinga ziyaphakama? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisinikeza iseluleko esihle kakhulu esingasisiza ukuba sixazulule izinkinga ebuhlotsheni bomkhaya. Umkhaya ungabusiswa ngokutadisha iBhayibheli ndawonye.” Vula ikhasi 246, bese nixoxa ngesigaba 23. Funda uJohane 17:3, bese usikisela ukuwusiza umkhaya ukuba uqale ukutadisha iBhayibheli ekhaya.
3 Uma nakhuluma ngezingane nesidingo sazo sokuba ziqeqeshwe, ungaqhubeka nengxoxo ngalendlela:
◼ “Esikhathini esidlule sakhuluma ngokuqeqesha okungokomoya izingane ezikudingayo nendlela abazali abangazisiza ngayo. Abazali abaningi engixoxe nabo bashaqekile ngokuziphatha okubi kwentsha eningi kangaka namuhla. Ucabangani . . . ? [Yisho isibonelo sokuziphatha okungekuhle kwentsha okuvamile emphakathini wakini. Lindela impendulo.] Ake ngikubonise esinye seseluleko esiwusizo esiseBhayibhelini.” Vula ikhasi 246 isigaba 22 encwadini ethi Ungaphila Phakade, nixoxe ngephuzu eliyinhloko, bese nifunda eyabase-Efesu 6:4. Phawula ukuthi izingane eziningi empeleni zifuna ukuqeqeshwa nokuqondiswa. Uma abazali bekukhuthalele ukukunikeza, izingane zijabula futhi zibe nenhlonipho kakhudlwana ekuziphatheni kwazo. Chaza indlela esitadisha ngayo iBhayibheli nezingane zethu.
4 Uma isihloko sengxoxo yenu sasiwumhlaba oyiPharadesi, khona-ke ungase usho lokhu ukuze uvuselele isithakazelo:
◼ “Sabheka imifanekiso ethile ekulencwadi eyasibonisa indlela umhlaba oyoba yiyo lapho uNkulunkulu ewenza ube ipharadesi. Bewungenakusho lutho kithi uma besingenakuwujabulela nabathandekayo bethu. Akunjalo yini?” Lindela impendulo. Yibe usuvula ikhasi 162 lencwadi ethi Ungaphila Phakade. Funda isAmbulo 21:3, 4, bese uchaza indlela abathandekayo bethu abangahlala ngayo njalo nathi. Uma esabela kahle, funda uJohane 5:28, 29 ukuze ubonise ukuthi abafile bazobuyiselwa ekuphileni. Bhekisela esembozweni sencwadi bese uthi: “Kuyiqiniso ngempela—singaphila phakade ePharadesi emhlabeni!” Hlela okunye ukuhambela ukuze nixoxe ngokuthi kungani sazi ukuthi kuseduze.
5 Injongo eyinhloko yempindelo iwukusiza abantu abathakazelayo ukuba bazuze esigijimini soMbuso. Abantu abaningi badinga into ezobashukumisa ivuse isithakazelo sabo ezintweni ezingokomoya. Donsela ukunakekela kwabo emaphuzwini athile ayinzuzo asencwadini, ugcizelele indlela engabasiza ngayo ukuba baliqonde kangcono iBhayibheli. Izimpindelo ezifinyelela lemigomo ziyobasiza abanye ukuba bazizuzise ngendlela engcono kakhulu.