Landelela Isithakazelo Owasithola
1 Lapho sisebenza indlu nendlu, ngokuvamile sincane isikhathi esikwazi ukusichitha nomuntu onesithakazelo. Ezimweni eziningi umsebenzi wokufundisa ngempela wenziwa lapho senza izimpindelo futhi siqhuba izifundo zeBhayibheli. (Math. 28:19, 20) Ukuze sifundise ngokuphumelelayo ezimpindelweni, kudingeka sibukeze lokho esaxoxa ngakho ekuhambeleni kokuqala bese silungiselela ingxoxo elandelayo.
2 Uma nakhuluma ngokuntengantenga kwelungiselelo lomkhaya, ungase usebenzise ukwaziswa okusesahlukweni 29 sencwadi ethi “Ungaphila Phakade.” Ungase uthi:
◼ “Esikhathini esidlule saxoxa ngokuhlakanipha kokulandela iseluleko seBhayibheli ukuze sibe nokuphila komkhaya okujabulisayo. Ucabanga ukuthi siyini isihluthulelo sokuhlanganisa imikhaya namuhla?” Lindela impendulo. Bhekisela esigabeni 27 esisekhasini 247, bese ufunda eyabaseKolose 3:12-14. Nikeza okunye ukukhulumela okubonisa indlela uthando oluqotho olungagcina ngayo imikhaya indawonye. Chaza indlela isifundo esihleliwe sencwadi ethi Ungaphila Phakade esingasiza ngayo ekuxazululeni izinkinga.
3 Uma ekuhambeleni kwakho kokuqala naxoxa ngezimo zezwe eziwohlokayo, ungase ukulandelele lokho ngokuthi:
◼ “Ngiyaqiniseka uzovuma ukuthi kudingeka izinguquko ezinkulu uma siyoke siphile ngokuthula. IBhayibheli libonisa ukuthi uSathane uyimbangela eyinhloko yezinkinga zethu. Abaningi bayazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu emvumele ukuba aqhubeke isikhathi eside kangaka. Ucabangani?” Lindela impendulo. Vula ikhasi 20, izigaba 14 no-15, encwadini ethi Ungaphila Phakade, bese uchaza ukuthi kungani uSathane engakabhujiswa. Yibe usufunda eyabaseRoma 16:20, ebonisa lokho esingakulindela esikhathini esiseduze esizayo.
4 Uma nakhuluma ngezibusiso eziyotholwa ngaphansi kokubusa koMbuso, lapho uphindela, ungase uthi:
◼ “UMbuso kaNkulunkulu uyoletha izibusiso ezimangalisayo emhlabeni nasesintwini. Lezizibusiso ziboniswe kahle lapha emakhasini 12 no-13. Yini oyibonayo ekukhangayo? [Lindela impendulo.] Cabanga ukuthi kuyoba njani ukuphila emhlabeni onjengalona.” Funda isigaba 12. Uma sikhona isithakazelo, buza umbuzo osesigabeni 13, bese nixoxa ngempendulo. Phawula ukuthi lesisahluko siphendula imibuzo eminingi ephathelene nezibusiso zoMbuso nokuthi uyokujabulela ukuxoxa ngazo ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
5 Ungase ukwazi ukuqala isifundo ngokuthi:
◼ “Abantu abaningi baye bathola izimpendulo zemibuzo yabo yeBhayibheli ngokusebenzisa lencwadi.” Vula ikhasi elinezihloko ezingaphakathi, bese ubuza: “Isiphi isihloko lapha esikuthakazelisa kakhulu?” Lindela impendulo, vula isahluko esibathakazelisayo, bese ufunda isigaba sokuqala. Chaza indlela imibuzo esekugcineni kwekhasi ngalinye eqokomisa ngayo amaphuzu ayinhloko asesigabeni ngasinye. Babonise ngokuxoxa ngesigaba esisodwa noma ezimbili, bese wenza amalungiselelo okuphinda ubuye.
6 Ukulandelela isithakazelo esaboniswa encwadini ethi Ungaphila Phakade kubonisa isifiso sethu sokufeza inkonzo yethu ngokugcwele. (2 Thim. 4:5, NW) Singase sikwazi ukusiza izilaleli zethu ukuba zithole ukuphila okuphakade.—Joh. 17:3.