I-Kingdom News Efike Ngesikhathi Ezosakazwa Emhlabeni Wonke
1 NgeSonto, ngo-April 23, kuzonikezwa inkulumo yeningi ekhethekile enesihloko esikhangayo esithi “Isiphelo Senkolo Yamanga Siseduze.” Lapho umhlangano uphela ngalolosuku, kuyokhululwa ipheshana elishukumisa ingqondo elinamakhasi amane i-Kingdom News. Isigijimi esifike ngesikhathi elisiqukethe siyosakazwa emhlabeni wonke phakathi nenkathi yamasonto amathathu kusukela ngo-April 24 kuya ku-May 14.
2 Kuzo zonke izingxenye zomhlaba, abantu badidekile. Kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi, bahlushwa izinkinga. I-Kingdom News izobathakazelisa ngempela labo abakhathazeke ngobuqotho ngalokho okwenzekayo, ngoba izobaqondisa eZwini likaNkulunkulu njengeliwumthombo ongenaphutha wesiqondiso somuntu. (IHu. 119:105) Sonke sibheke phambili ekutholeni ikhophi ye-Kingdom News lapho ikhululwa ngo-April 23. Okwamanje, kunokuningi kokwenziwa kulungiselelwa lomkhankaso omkhulu wamasonto amathathu.
3 Bakhuthaze Bonke Bahlanganyele Ngentshiseko: Obani abangahlanganyela kulomsebenzi? Ngokuqinisekile wonk’ umuntu osengummemezeli uyozimisela ukuhlanganyela! Kuthiwani ngesibafundela iBhayibheli ababa khona njalo emihlanganweni yebandla? Abanye sebenesikhashana impela behlanganyela nathi futhi bathuthuka kahle. Uma sebenze ukuphila kwabo kwavumelana nezimiso ezingokomBhalo, bayakufanelekela yini ukubalwa njengabamemezeli boMbuso? Ummemezeli oqhuba lesosifundo seBhayibheli angaxoxa ngalendaba nomfundi, futhi uma umfundi efisa ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, abadala ababili bayobukeza naye ukwaziswa okusemakhasini 98 no-99 encwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu. Lokhu kufanele kwenziwe ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze kuthi labo abafanelekayo ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe bahlanganyele ngokugcwele kulomkhankaso. Abafundi beBhayibheli abangakakufanelekeli ukubalwa njengabamemezeli abangabhapathiziwe basengakhuthazwa ukuba bahlanganyele lelipheshana elifike ngesikhathi i-Kingdom News nabangane noma amalungu omkhaya.—Bheka INqabayokulinda ka-November 15, 1988, ikhasi 16, isigaba 8.
4 Lomsebenzi awunzima; wonk’ umuntu angaba nengxenye. Abazali bangase bahlanganise nezingxenye zokuprakhtiza i-Kingdom News njengengxenye yesifundo seBhayibheli somkhaya samasonto onke ukuze wonke amalungu omkhaya abe esekulungele ukuyihambisa endlini ngendlu. Intshumayelo elula ngokuvamile ingcono kakhulu. Ngemva kokuzethula kafushane, hambisa i-Kingdom News kumninikhaya, futhi umkhuthaze ukuba ayifunde. Uma abaninikhaya bebonisa isithakazelo, bhala phansi ukuze uphindele uyohlakulela isithakazelo. (1 Kor. 3:6, 7) Isihluthulelo sokuphumelela siwukuba nentshumayelo elula, elungiselelwe kahle.
5 ‘Kuyoba nokuningi kokukwenza’ ngo-April nango-May. Ku-Nkonzo Yethu YoMbuso yenyanga ezayo, kuzonikezwa ukwaziswa okwengeziwe esenezelweni esinesihloko esithi “Okuningi Kokukwenza Emsebenzini WeNkosi.”—1 Kor. 15:58.