Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/95 k. 1
  • Sinikwe Okuningi—Kufunwa Okuningi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sinikwe Okuningi—Kufunwa Okuningi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzinikela Ngokuzithandela Ekwenzeni Yonke Imisebenzi Emihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Umyalezo Okumelwe Siwumemezele
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 3/95 k. 1

Sinikwe Okuningi—Kufunwa Okuningi

1 Yeka indlela esiboniswe umusa ngayo ngokuba neqiniso! Ngenxa yokuzinikezela kwethu kuJehova, ‘siphathiswe izindaba ezinhle.’ (1 Thes. 2:4) Lokhu kusinikeza umthwalo wemfanelo omkhulu. UJesu wathi: “Wonke umuntu owanikwa okuningi, kuyofunwa ngenkani okuningi kuye.”—Luka 12:48b.

2 Yeka indlela ayiqiniso ngayo lawomazwi! Njengoba sonke sibusiswe ngolwazi lweZwi likaNkulunkulu, inhlangano yabafowethu emangalisayo, nethemba elihle kakhulu, kungashiwo ngempela ukuthi sinikwe okuningi. Kunengqondo ukuthi kulindeleke okuningi nakithi.

3 Londoloza Umbono Ofanele Wezimfuneko: Abanye baye baphetha ngokuthi kulindeleke okuningi kakhulu kithi. NjengeNhloko yebandla lobuKristu, uJesu Kristu uyena osho “lokho okudingekayo” ukuze lisebenze ngendlela efanele. (Efe. 4:15, 16) Usiqinisekisa ngokuthi ‘ijoka lakhe ngelomusa nomthwalo wakhe ulula.’ (Math. 11:28-30) Ngothando uyababonelela labo abanokulinganiselwa okuthile. (Luka 21:1-4) Uma sinikeza okungcono kakhulu esinakho, kungakhathaliseki ukuthi kungakanani, siyobusiswa.—Kol. 3:23, 24.

4 Zibuze, ‘Izithakazelo zoMbuso ziza kuqala yini ekuphileni kwami? Ingabe isikhathi nempahla yami ngikusebenzisa ngendlela edumisa igama likaNkulunkulu futhi izuzise abanye? Ingabe ngithola injabulo enkulu ekukhonzeni uJehova kunasekujabuleleni ngobugovu izinto ezibonakalayo?’ Izimpendulo zethu eziqotho zalemibuzo zembula izisusa ezisezinhliziyweni zethu.—Luka 6:45.

5 Gwema Ukulingelwa Ekwenzeni Okubi: Akukaze ngaphambili kube nezilingo ezingaka nokucindezeleka kokuthambekela ezithakazelweni zomuntu siqu, ubugovu, nothando lwenjabulo yezinto ezingokwenyama. Nsuku zonke sibhekana nezinselele zokuziphatha, nezilingo zokuba siyekethise. Ukuze sibhekane nalezizinselele ngokuphumelelayo, kumelwe sicele uJehova asisize. (Math. 26:41) Ngomoya wakhe, angasiqinisa. (Isaya 40:29) Ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke kuwusizo kakhulu. (IHu. 1:2, 3) Ukuzikhuza nokuzithiba nakho kunendima ebalulekile.—1 Kor. 9:27.

6 Akwanele nje ukuthanda okuhle—kumelwe sikuzonde futhi okubi. (IHu. 97:10) Lokhu kusho ukungasihlakuleli isifiso salezozinto ezimbi. IzAga 6:16-19 zinikeza uhlu lwezinto eziyisikhombisa uJehova azizondayo. Kusobala ukuthi umuntu ofuna ukujabulisa uJehova kumelwe azizonde izinto ezinjalo. Njengoba sibusiswe ngolwazi olunembile lweqiniso, kufanele sifune ukwenza ngokuvumelana nalololwazi, izingqondo zethu zigxile ezintweni ezinhle.

7 Kufanelekile ukuthandazela izimo ezikahle zokuba ‘ngaso sonke isikhathi sibe nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Abaningi bathole ukuthi isimiso esimatasa enkonzweni kaJehova siyisivikelo ngoba asisishiyi isikhathi sokuphishekela izinto ezingenamsebenzi.

8 Sesikucabangele konke, lokho uJehova akufuna kithi kunengqondo kakhulu. (Mika 6:8) Sinazo zonke izizathu zokubonga ilungelo ngalinye lenkonzo. (Efe. 5:20) Ngakho, siyaqhubeka ‘sisebenza kanzima futhi sizikhandla,’ siqiniseka ukuthi umvuzo wethu uyohlale umkhulu ngaphezu kwanoma yini engase idingeke kithi.—1 Thim. 4:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela