Imihlangano Yenkonzo Ka-March
Isonto Eliqala Ngo-March 6
INgoma 25
13 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Xoxani ngeBhokisi Lemibuzo.
15 imiz: “Sinikwe Okuningi—Kufunwa Okuningi.” Imibuzo nezimpendulo. Khuthaza labo abafanelekayo ukuba bacabangele ukubhalisa njengamaphayona asizayo ngo-April.
17 imiz: “Ukumemezela ‘Amazwi Esiprofetho.’” Bukeza amaphuzu avelele. Cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho ezikuthole ngokusebenzisa noma ngokuhambisa incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo. Banxuse bonke babe nesimo sengqondo esiqondile lapho behambisa lencwadi, ngoba ikhuluma ngezenzakalo zamanje ezikhathaza wonk’ umuntu. Makwenziwe umboniso owodwa noma emibili wezintshumayelo.
INgoma 31 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 13
INgoma 24
10 imiz: Izaziso zebandla. Khulumela kafushane ibhokisi elithi “Isikhumbuzo Kunobhala Nombonisi Wenkonzo.” Umbiko wezimali.
15 imiz: “I-Kingdom News Efike Ngesikhathi Ezosakazwa Emhlabeni Wonke.” Inkulumo ebekwa umdala. Gcizelela ukubaluleka kwalomsebenzi okhethekile ozayo ngo-April no-May. Banxuse bonke, kuhlanganise nabasanda kuhlanganyela, ukuba bahlele ukuhlanganyela ngokugcwele.
20 imiz: “Inkonzo YaseBethel—Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe.” Ukuhlanganiswa kwezigaba 1-13 ngemibuzo nezimpendulo.
INgoma 36 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 20
INgoma 40
15 imiz: Izaziso zebandla. Makube nomboniso obonisa indlela umkhaya oyisebenzisa ngayo INcwadi Yonyaka Ka-1995. Iqembu lomkhaya lisho amazwi okuyazisa lencwadi; ubaba ubukeza kafushane amaphuzu avelele esethulo esisemakhasini 3-11. Baxoxa ngokuthi bazozama kanjani ukufunda amakhasi ambalwa e-Ncwadi Yonyaka ndawonye isonto ngalinye futhi baqikelele ukuthi usuku nosuku bacabangela itekisi leBhayibheli elikhonjwe encwadini ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke.
15 imiz: Izidingo zebandla. Noma inkulumo enesihloko esithi “Uma Nikweleta Izintela, Khokhani Izintela,” esiku-Nqabayokulinda ka-November 15, 1994, amakhasi 26-8.
15 imiz: “Siza Abanye ‘Bagcine Izinto Ezilotshiwe.’” Bukeza amaphuzu ayinhloko, bese kuba nomboniso owodwa noma emibili ebonisa ukwenziwa kwezimpindelo.
INgoma 52 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-March 27
INgoma 205
5 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bawubike ngokushesha umbiko wabo ka-March. Abaqhubi bezifundo zamaqembu kufanele bathinte bonke abamemezeli abasohlwini abaluthole kunobhala, babakhuthaze ukuba bafake noma imiphi imibiko engakalethwa.
12 imiz: “Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Emlandweni Wesintu.” Xoxa nezilaleli. Bukeza amalungiselelo ebandla eSikhumbuzo. Chaza ukuthi kungani kudingeka simeme abathakazelayo futhi sibasize ukuba babe khona.
18 imiz: “Inkonzo YaseBethel—Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe.” Lapho kuhlanganiswa izigaba 14-18, hlela ukuba kube nomboniso ubaba axoxa kuwo nendodana yakhe eyeve eshumini nambili ngomgomo wenkonzo yaseBethel nokuthi yini engenziwa yindodana ukulungiselela lenkonzo ngokuvumelana nokusikisela okunikeziwe. Uma ebandleni kunabantu ababengamalungu omkhaya waseBethel noma abaseyiwo namanje, ubaba angase ahlanganise oyedwa noma ababili balababazalwane lapho exoxa nendodana yakhe. Ngemva komboniso kufanele kuxoxwe ngezigaba 19-23 ngemibuzo nezimpendulo.
10 imiz: Ukuhambisa isikhokhelo se-Nqabayokulinda ngo-April. Bukeza lokhu kusikisela okulandelayo kokuhambisa izikhokhelo endlini ngendlu: Mamatheka ngobungane. Yiba nentshiseko. Khuluma ngokunensa. Khulumela isihloko esisodwa kumagazini owodwa. Nikeza umninikhaya omagazini. Uma senqatshwa isikhokhelo, hambisa omagazini ababili. Mazise ukuthi uzobuya nomagazini abalandelayo. Isiphetho sakho masibe sihle uma umagazini ungathathwa. Gcina umbhalo wesithakazelo nezincwadi ezihanjisiwe. Ekuphetheni, makube nomboniso omfushane owodwa noma emibili wezintshumayelo zokuhanjiswa komagazini bamuva.
INgoma 176 nomthandazo wokuphetha.