Ukusebenzisa Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Ezimpindelweni
1 Umphostoli uPawulu wayekwazi ukubaluleka kokukhuthala ekunakekeleni labo ababebonisa isithakazelo eqinisweni. Wabafanisa nezitshalo ezincane, ezidinga ukuniselwa kanye nokuhlakulelwa njalo. (1 Kor. 3:6-9) Kungokufanayo nanamuhla, abantu abanesithakazelo badinga ukunakekela kothando esibanikeza khona lapho senza izimpindelo ukuze sihlakulele ukukhula kwabo okungokomoya.
2 Kuhle ukukhumbula njalo ukuthi abantu esibahambelayo ngokuvamile bayodinga izikhumbuzo zokubasiza ukuba bakhumbule amaphuzu okwakhulunywa ngawo engxoxweni eyedlule. Ngakho-ke, empindelweni ngayinye kungase kutuseke ukubukeza kafushane lokho enaxoxa ngakho ekuhambeleni kwangaphambili, ugxila emaphuzwini umninikhaya awazisa ngokukhethekile. Hilela umninikhaya engxoxweni futhi uziphawule ngokushesha izinto anesithakazelo kuzo kanye nezidingo zakhe.
3 Lapho wenza impindelo, kungakhathaliseki ukuthi incwadi “Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke” yayihanjisiwe noma cha, ungase uthande ukusebenzisa lendlela eqondile ekuqaliseni isifundo:
◼Ungase ubuze: “Yini eyenza uJesu waba umuntu omkhulu kunabo bonke emhlabeni?” Lokho ungakuphendula ngokukhomba ezihlokweni ezimbalwa kwezingu-133 ezigxila ekuphileni kwakhe, ubuntu bakhe, ukufundisa kwakhe, kanye nemisebenzi yakhe. Isahluko 24 sichaza injongo yakhe yokuza emhlabeni. Isahluko 35 sibukeza iNtshumayelo yakhe edumile YaseNtabeni. Isahluko 133 sinikeza umbono omncane wezibusiso isintu esiyozijabulela lapho eqedela umsebenzi wakhe. Bonisa umninikhaya indlela imibuzo kanye nemibhalo esekugcineni kwesahluko ngasinye esisiza ngayo ukuba siqonde amaphuzu abaluleke kakhulu asesahlukweni ngasinye. Hlanganisa nje amaphuzu ambalwa bese wenza amalungiselelo aqondile okubuya.
4 Enye indlela kungaba ilena:
◼“Ngayijabulela ngempela ingxoxo yethu ngesonto eledlule. Abantu abaningi baye bezwakalisa ukukhathazeka ngokuphathelene nezimo zezwe eziya ziba zimbi. Ngicabange ukuthi isahluko 111 salencwadi, Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, sizokuthakazelisa. [Lungiselela ukukhulumela izingxenye ozikhethile esahlukweni 111 ukuze uphendule owodwa noma emibili yemibuzo esekugcineni kwesahluko, ngokwesibonelo: “Yiziphi izimo zezwe eziphawula ukuba khona kukaKristu?” noma “UJesu unikeza muphi umfanekiso ukuze asize abafundi bakhe besikhathi esizayo baqonde lapho isiphelo sesiseduze?”] Ngokusekelwe kulokho esikufundayo lapha, ubungathi liyini ithemba lethu ngesikhathi esizayo esiseduze? [Lindela impendulo bese utusa umninikhaya.] Yini okumelwe siyenze ukuze sibe nethemba lokusinda ekupheleni kwalesimiso esibi?” Funda uJohane 17:3 bese usikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke.
5 Lapho ulandelela ukuhambela kwangesikhathi esedlule lapho incwadi “Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke” yathathwa khona, ungase uthi:
◼ “Esikhathini esedlule lapho ngikuvakashele, saxoxa ngezimo zezwe ezidinga ukushintshwa. Ingabe wake wacabanga ukuthi izimo ziyoba njani kulomhlaba lapho ububi bungasekho?” Lindela impendulo bese uvula isahluko 133, uphawule imibuzo emibili yokuqala yokubukeza esekugcineni kwesahluko. Funda futhi uxoxe ngezigaba eziphendula lemibuzo, nifunde eminye yemibhalo esekugcineni kwesahluko. Unganezela engxoxweni ngokuvula umfanekiso okulesosahluko.
6 Lapho Okwashiywa Khona Ipheshana: Ngezinye izikhathi ipheshana lishiywa ekuhambeleni kokuqala. Lapho wenza izimpindelo, ungaxoxa ngesigaba esisodwa noma ezimbili ezisepheshaneni kanye nemibhalo ecashuniwe. Uma umuntu ebonisa isithakazelo, ungase uthande ukuhambisa incwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke futhi wenze amalungiselelo okuqhuba ingxoxo ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
7 Njengoba sinakekela ngokwethembeka ukunisela izitshalo ezincane zokholo lobuKristu esiphathiswe zona, uNkulunkulu uyozikhulisa kube udumo nenkazimulo kuye.—1 Kor. 3:7.