Siza Abantu Abanjengezimvu Ukuba Bakhele Esisekelweni Esiqinile
1 Ukwakha indlu kudinga ukuhlela ngokucophelela nomzamo obumbene. Ngemva kokuba ipulani yendlu isidwetshiwe, indawo yokwakha kumelwe ilungiswe futhi kubekwe isisekelo esiqinile. Lomsebenzi uyaqhubeka uthuthuka kuze kube yilapho usuqediwe. Ngokufanayo, kumelwe sisize abantu abanjengezimvu ukuba bafunde iqiniso ngokuqhubekayo. Sizama ukuvusa isithakazelo ekuhambeleni kokuqala. Ngemva kwalokho, senza izimpindelo, sibeka isisekelo ngokufundisa amaqiniso ayisisekelo aphathelene noNkulunkulu nenjongo yakhe ngesintu.—Luka 6:48.
2 Nokho, ngaphambi kokuba kubekwe isisekelo, ngomqondo ongokomfanekiso, kudingeka silungise indawo yokwakha, sicabangela izimo zomninikhaya. Iyiphi indaba eyacatshangelwa esikhathini esidlule? Yimiphi imibhalo eyasetshenziswa? Kwaba njani ukusabela? Iyiphi incwadi eyashiywa? Lapho uphindela, yiba namaphuzu athile engqondweni, futhi wakhe isisekelo ngokuqhubekayo. Ekuhambeleni ngakunye ulwazi lomninikhaya luyakhula futhi ukholo lwakhe kuNkulunkulu luyanda.
3 Uma kwahanjiswa incwadi ethi “Ungaphila Phakade,” ungase uthi:
◼“Ngiyajabula kakhulu ukukuthola usekhaya. Mhlawumbe uzokhumbula ukuthi lapho sixoxa esikhathini esidlule, sakhuluma ngokuthi abantu bakulendawo yakithi baphelelwa isithakazelo kuNkulunkulu. IBhayibheli likuveza ngokucacile ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo esintwini nokuthi abalungile bayobusiswa ngoMbuso wakhe. [Funda uMathewu 6:9, 10.] NgaloMbuso, kuyoba nokulunga nobulungisa.” Funda u-Isaya 11:3-5, bese udonsela ukunakekela komninikhaya ezigabeni ezimbili zokuqala zesahluko 1 sencwadi ethi Ungaphila Phakade. Bonisa indlela incwadi engase ifundwe ngayo.
4 Uma ekuhambeleni kokuqala kwahanjiswa ipheshana elithi Izwe Elisha Elinokuthula, kungase kubukezwe amaphuzu ayinhloko acatshangelwa ngesikhathi esidlule, aphathelene nesidingo sezimo ezingcono nezithembiso zeBhayibheli. Gcizelela ukuthi ukuze siphile phakade ezweni elisha, kumelwe singenise ulwazi olunembile. Funda uJohane 17:3. Chaza ukuthi ngemva kokungenisa ulwazi olunjalo, kumelwe senze intando kaNkulunkulu. Funda eyoku-1 Johane 2:17. Donsela ukunakekela komninikhaya emaphuzwini athile asekhasini 5 lepheshana.
5 Uma ekuhambeleni kokuqala kwaqokonyiswa indaba yokuphila komkhaya lapho kuhanjiswa incwadi ethi “Ungaphila Phakade,” ungase uthi:
◼“Esikhathini esidlule ngilapha, sakhuluma ngendaba yokuphila komkhaya. Savuma ukuthi ukuze kube nokuphila komkhaya okujabulisayo, kumelwe kulandelwe iziqondiso ezitholakala eBhayibhelini. Ucabanga ukuthi yini edingekayo ukuze umshado uphumelele?” Lindela imphendulo. Qokomisa amaphuzu athile asekwazisweni okusemakhasini 243-6 encwadini ethi Ungaphila Phakade. Cela umninikhaya akhulumele imifanekiso bese nicabangela amaphuzu owakhethile uma kufaneleka. Gcizelela ukubaluleka okunenzuzo kwezimiso zeBhayibheli.
6 Uma kwashiywa ipheshana elithi Jabulela Ukuphila Komkhaya, bukezani izimiso eziyinhloko zeBhayibheli ezisemakhasini 4 no-5. Hambisa-ke incwadi ethi Ungaphila Phakade. Bhekisela esahlukweni 29, esithi “Ukwenza Ukuphila Komkhaya Kube Yimpumelelo,” bese ubonisa indlela lokhu okungacatshangelwa ngayo nomninikhaya nomkhaya wakhe.
7 Sonke kufanele sihlanganyele njalo ekwenzeni izimpindelo. Silandelele bonke ababonise isithakazelo ngokwenza izimpindelo eziphumelelayo phakathi no-September.