Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/95 k. 10
  • Siza Abanye Ukuba Bazizuzise

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abanye Ukuba Bazizuzise
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Landelela Sonke Isithakazelo Ukuze Uzuzise Abanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Landelela Isithakazelo Owasithola
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Shumayela Ngokuqonda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 9/95 k. 10

Siza Abanye Ukuba Bazizuzise

1 UJehova uthembisa ukuthi uzosifundisa okufanele sikwazi. Uyasiqinisekisa kumaHubo 32:8: “Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.” Lesi siqinisekiso siyinzuzo kakhulu kithi. Ngokungabi nabugovu sifuna ukubonisa abanye indlela abangazizuzisa ngayo ngokulalela iseluleko esihlakaniphile esiseBhayibhelini. (Isaya 48:17) Ngo-September singakwenza lokhu ngokuhambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade. Ekunikezeni izintshumayelo zethu, kunezindlela ezihlukahlukene esingabonisa ngazo ukuba yinzuzo kweBhayibheli.

2 Ngenxa yokwanda kwezinkinga zomshado namuhla, ungase ukhethe ukuqokomisa lomqondo osencwadini ethi “Ungaphila Phakade”:

◼ “Abantu abaningi engikhulume nabo bakhathazeke kakhulu ngokwanda kokungabi nanjabulo emshadweni nezehlukaniso. Uzizwa kanjani ngalenkinga? [Lindela impendulo.] Abaningi baye bahluleka ukuqaphela izimbangela eziyisisekelo. Uma yenza umzamo oqotho, imibhangqwana ngeke nje ilondoloze imishado yayo kodwa ingathola nenjabulo yangempela. Isihluthulelo sokuphumelela sisekusebenziseni iseluleko esitholakala eBhayibhelini.” Funda eyabase-Efesu 5:28, 29, 33. Vula ikhasi 243, xoxani ngezigaba 16 no-17, bese uhambisa incwadi.

3 Izingane zidinga ukuba abazali bazo bachithe nazo isikhathi esizuzisayo futhi baziqeqeshe. Lapho uqokomisa incwadi ethi “Ungaphila Phakade,” ungase uthi:

◼Sonke sikhathazekile ngenhlalakahle yesikhathi esizayo yentsha yethu. Ngokombono wakho, iyiphi indlela engcono kakhulu abazali abangasiza ngayo izingane zabo ukuba zithole ikusasa elilondekile? [Lindela impendulo.] Lalela lesi seluleko esivela esageni seBhayibheli esabhalwa eminyakeni engu-3 000 edlule. [Funda izAga 22:6.] Nakuba izingane zethu zingazuza kakhulu emfundweni eziyithola esikoleni, ukuqeqeshwa kwazo okubaluleke kakhulu zikuthola ekhaya kunikezwa abazali bazo. Kudinga isikhathi, ukunaka, nothando, kodwa kuwufanele umzamo.” Vula ikhasi 245, xoxani ngezigaba 20 no-21, bese uchaza indlela lencwadi engase isetshenziswe ngayo njengesisekelo sesifundo somkhaya seBhayibheli.

4 Ungase ufise ukuhambisa incwadi ethi “Ungaphila Phakade” ngokubonisa indlela umhlaba ozoba ngayo ipharadesi:

◼ “Ngiyaqiniseka ukuthi ukhathazekile ngokuthi ukuphila kwakho kuzoba njani esikhathini esizayo. EMthandazweni WeNkosi, uJesu wasifundisa ukuba sithandazele ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengasezulwini. Uyoba njani umhlaba lapho lokho sekwenzeka? [Lindela impendulo.] Nanku umdwebo obonisa indlela umhlaba oyipharadesi ozobukeka ngayo. [Vula umfanekiso osemakhasini 12 no-13. Khona-ke funda u-Isaya 11:6-9, osesigabeni 12.] Ngeke yini kube kuhle ukuphila emhlabeni onjena? Lencwadi izobonisa indlela wena nomkhaya wakho eningaphila ngayo epharadesi ngalendlela.”

5 Ukulungiselela intshumayelo yakho kusengaphambili kuyisici esiyinhloko ekunqumeni ukuthi uzophumelela yini endlini. Ngaphambi kokuba ungqongqoze, qiniseka ukuthi unokuthile okuqondile ozokusho ngokuphathelene nomqondo ongokomBhalo. Okunye, yiba namazwi amafushane ozowasho ngokuphathelene nesici esithakazelisayo sikamagazini noma ipheshana ohlose ukukuhambisa uma incwadi ingamukelwa. Wasebenzise ngokunenzuzo wonke amathuba onawo okutshala izimbewu zeqiniso loMbuso ngo-September. (UmSh. 11:6) Uyobe usiza abanye ukuba bavune izinzuzo eziyohlala phakade.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela