Ukuphindela Ukuze Uvuse Isithakazelo EBhayibhelini
1 Ngezinye izikhathi enkonzweni yasensimini sihlangana nabantu ababonisa isithakazelo esithile ezindabeni ezinhle kodwa abamatasa kakhulu ukuba baxoxe nathi ngesikhathi esisuke sibahambele ngaso. Ingabe siyazama ukuphindela ngesinye isikhathi ukuze sihlanganyele nabo isigijimi soMbuso? Noma mhlawumbe sibé nengxoxo enhle nomninikhaya, kodwa akayithathi incwadi. Ingabe siyaphindela ukuze sixoxe naye ngokuqhubekayo ngeqiniso?
2 Kubalulekile ukuhlanganisa insimu yethu ngokungashwampuluzi futhi silandelele sonke isithakazelo esingase sisithole. Ingabe izimpindelo sizenza kuphela kulabo abamukela incwadi noma omagazini? Uma kunjalo, kungenzeka kunabantu abathakazelayo esingabanaki. Ngokuqinisekile ngeke sithande ukwahlulela othile njengongasifanelekeli isikhuthazo esiqhubekayo esingokomoya ngenxa nje yokuthi akazange ayithathe incwadi. (Qhathanisa namaRoma 14:4.) Mhlawumbe ngemva kokuhambela kwethu, umninikhaya angase acabange ngalokho esikushilo noma angase awazise umzamo esiwenzile wokumvakashela. Kungenzeka abe nesimo sengqondo esihle ngokwengeziwe lapho sibuya.
3 Lapho uphindela kumuntu owayematasa, ungase uthi:
◼“Ngiyajabula ukuphinde ngikubone. Esikhathini esidlule ngilapha, asizange sikwazi ukuxoxa ngenxa yokuthi wawungenaso isikhathi. Ngiyabona ukuthi ungumuntu omatasa, ngakho ngizofushanisa. Ngokunokwenzeka uyakukhathalela ukuba nempilo enhle wena nalabo obathandayo. Nokho, ingabe bewazi ukuthi uNkulunkulu uthembise ukuqeda konke ukugula? Ingabe ngeke yini lokho kujabulise? [Lindela impendulo.] Phawula iphuzu elisesigabeni 4 salencwajana enesihloko esithi ‘Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha.’” Uma isikhathi sivuma, funda isigaba bese nicabangela omunye wemiBhalo esekugcineni kwekhasi 4 echaza izimo zezwe elisha. Uma umninikhaya enesithakazelo, ungase ukwazi ukuqalisa isifundo seBhayibheli sasekhaya.
4 Lapho uphinda uvakashela othile owamukela ipheshana, ungase usho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Esikhathini esedlule lapho ngikubona, wamukela ipheshana elinesihloko esithi Ubani Ngempela Obusa Izwe? Ingabe ukuthola kunzima ukwamukela ukuthi uSathane uyalibusa lelizwe? [Lindela impendulo.] Phawula isigaba sokuqala ekhasini 6.” Funda isigaba, bese ubuza: “Kungani uSathane efuna ukusikhohlisa?” Ngemva kwempendulo yomninikhaya, cabangelani ndawonye isigaba sesine esisekhasini 3. Ningase niqhubeke nicabangela kahle ipheshana, noma ungase ufune ukuveza incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? bese nicabangela isigaba 8 ekhasini 13.
5 Kunesizathu esihle sokuba nesimo sengqondo esiqondile nokulandelela isithakazelo esisithola emsebenzini wethu wokushumayela ngisho nakuba sisincane. Kubalulekile ukukhathalela abanye, ukushukumiseleka ukuba sibasize bafunde iqiniso. Inhlangano kaJehova ilungiselela izincwadi kanye nezintshumayelo ezisikiselwayo okungasisiza ekwenzeni abanye baqaphele isidingo sabo esingokomoya.—Math. 5:3.
6 Uma uye waba nengxoxo enhle nothile obenesithakazelo ngisho nakuba sisincane, ungakudebeseleli ukuphindela ukuze uhlakulele lesosithakazelo. Kungase kuphumele ekuqaliseni isifundo seBhayibheli sasekhaya nasekufakeni othile endleleni eyisa ekuphileni. Siyanikhuthaza nonke ukuba niqhubeke nihlanganyela ngobuqotho kulomsebenzi osindisa ukuphila.—1 Thim. 4:16.