Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/92 k. 8
  • Indlela Yokuhlakulela Isithakazelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuhlakulela Isithakazelo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Izimpindelo Kuholela Ezifundweni ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ukuphindela Ukuze Uvuse Isithakazelo EBhayibhelini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 11/92 k. 8

Indlela Yokuhlakulela Isithakazelo

1 Kwesinye isichazamazwi sifunda ukuthi “ukuhlakulela” kusho ukulungiselela noma ukukhuthaza ukukhula. Kodwa futhi leligama lingasho ukuthuthukisa ngokusebenza ngokuzikhandla, ngokunakekela, noma ngokutadisha. Ukwenza abafundi kuwumgomo obalulekile wenkonzo yethu. (Math. 28:19, 20) Khona-ke, kudingeka senze umzamo wokuhlakulela isithakazelo esisithola enkonzweni yasensimini.

2 Ngokuvamile kudingeka ukuphindela ngokuphindaphindiwe ukuze kukhuthazwe ukukhula okungokomoya kubantu abanhliziyo ziqotho. Izimpindelo ezikhiqizayo kufanele ziholele esifundweni seBhayibheli sazikhathi zonke.

3 Ingabe uphindela kuphela kulabo ababonisa isithakazelo esikhulu? Akudingeki ukuba uhambise incwadi ukuze uphindele. Elinye iphayona ngokuvamile elingahambisi izincwadi eziningi ekuhambeleni kokuqala liyaphindela kuwo wonke umuntu onobungane. Ingxoxo enhle ohlanganyela kuyo umqondo ongokomBhalo inikeza isisekelo esihle sokuphindela.

4 Sebenzisa Amapheshana Ukuze Uqalise Izifundo ZeBhayibheli Ezimpindelweni: Izihloko ezihlukahlukene zamapheshana ethu ziyafaneleka osukwini lwethu. Zigcizelela isidingo sokungenisa ulwazi lweBhayibheli nokulusebenzisa.

Ungase uthi:

◼ “Esikhathini esidlule sakhuluma ngezinye izizathu zokuthembela eBhayibhelini. Hlobo luni lwekusasa iBhayibheli elikhuluma ngalo?” Qala ngokufunda isigaba sesibili esisekhasini 3 lepheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Funda imibhalo. Buza umninikhaya ukuthi uzizwa kanjani ngalokhu okufundayo. Phetha ngokucabangela ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esithi “Indlela Ongakuthola Ngayo” esisekhasini 5.

5 Ngendlela efanayo, ungasebenzisa ipheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile?

Ungase uthi:

◼ “Njengoba sakucabangela kafushane esikhathini esedlule, abantu abaningi abathembeli kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, bayabuza, ‘Uma uNkulunkulu enamandla kangaka, kungani evumela ukuba abantu bafe?’ Lelipheshana lingasiza ekuphenduleni lowombuzo.” Donsela ukunakekela engxenyeni eqala esigabeni sesine ekhasini 2. Buza umbuzo ofanelekayo ngemva kwesigaba ngasinye, bese ucabangela imibhalo ekhonjiwe kodwa engacashuniwe. Lapho abantu sebenayo kakade incwadi ungase futhi uhambise omagazini bamuva.

6 Ukuqhubekisela Phambili Isifundo: Ngokulandela izindlela ezisikiselwe lapha, uqalisa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ukuze uyiqhubekisele phambili ingxoxo ezoqhubeka zikhathi zonke, buza umninikhaya ekuphetheni kokuhambela kwakho: “Ingabe uqaphelile ukuthi siphendule imibuzo ebalulekile ngemizuzu nje embalwa? Ngesonto elizayo singasebenzisa isikhathi esithe xaxa sikhulume ngethemba lovuko noma esinye isihloko esikuthakazelisayo.” Ungase usebenzise omunye wemibuzo eshiwo kulezihloko isikhathi ngasinye umhambela. Ngesikhathi esifanelekile, ungaguqukela encwajaneni engangomagazini noma uqalise isifundo ngencwadi ethi Ungaphila Phakade.

7 Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukuqhuba isifundo seBhayibheli nomfuni weqiniso oqotho! Kwangathi singabusiswa ngenkonzo ekhiqizayo ngokusebenzisa ukusikisela okunikeziwe okuphathelene nendlela esingahlakulela ngayo isithakazelo esisitholayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela