Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngesimo Sengqondo Esiqondile
1 Sonke siyathanda ukuthola injabulo nempumelelo kulokho esikwenzayo, ikakhulukazi emsebenzini wokwenza abafundi. Yini esilethela lokho kwaneliseka? Kuqala ekulondolozeni kwethu isimo sengqondo esiqondile kuyilapho sizigcina simatasa emsebenzini ozuzisayo wokusiza abanye. (IzAga 11:25) Isimo sethu lapho sishumayela izindaba ezinhle kufanele sibonise ukuthi siyakukholelwa ngempela lokho esikushoyo. Uma sikhuluma ngokusuka enhliziyweni, khona-ke ubuqotho bethu nokuqiniseka kuyobonakala. (Luka 6:45) Ngokuprakthiza intshumayelo yethu, siyoba nesibindi ngokwengeziwe lapho sikhuluma nabantu ensimini. Lokhu kuyoba okubaluleke kakhulu ngo-September lapho sihambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni noma ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Ukusikisela okulandelayo ungase ukuthole kuwusizo ekushumayeleni izindaba ezinhle ngesimo sengqondo esiqondile.
2 Lapho uhambisa incwadi ethi “Ungaphila Phakade,” ekuhambeleni kokuqala ungase usho lokhu:
◼ “Lapho ngixoxa nomakhelwane, ngiqaphele ukuthi abaningi balangazelela umphakathi olondekile nomhlaba onokuthula. Ucabanga ukuthi kungani umuntu eye wahluleka ukufinyelela izimo ezinjalo? [Lindela impendulo.] Abanye abaholi bangase babe qotho futhi benze ubuhle obuthile, kodwa qaphela lokho ngokuhlakanipha iBhayibheli eliseluleka ngakho.” Funda iHubo 146:3, 4; bese ubuza: “Ukhona yini umuntu onganelisa izidingo zomuntu?” Funda amavesi 5 no-6. Mbonise umfanekiso osemakhasini 156-8 encwadi ethi Ungaphila Phakade, bese udonsela ukunakekela ezinzuzweni zokubusa kukaNkulunkulu. Hambisa lencwadi ngomnikelo osikiselwe.
3 Uma ekuqaleni kwaxoxwa ngokubusa kukaNkulunkulu, ungazama lokhu kusikisela lapho uphindela:
◼ “Lapho ngize lapha ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, saxoxa ngokuhluleka komuntu ukuletha ukuthula kwangempela emhlabeni. Uzokhumbula ukuthi sasithola isizathu esinikezwa iBhayibheli salokho kwehluleka. [Phinda ufunde iHubo 146:3.] Uqaphelile yini ukuthi kungani uNkulunkulu eseluleka ukuba singabeki amathemba ethu kubantu? [Lindela impendulo.] Mhlawumbe uyavuma ukuthi noma iliphi ithemba lekhambi elihlala njalo kumelwe livele kuNkulunkulu. Isizathu sokuba sibe nalokhu kuqiniseka sichazwe kumaHubo 146:10. [Funda.] Uma sifuna ukuba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu, yini okufanele siyenze?” Vula ikhasi 128 lencwadi ethi Ungaphila Phakade, ufunde isigaba 5, bese uqokomisa uJohane 17:3. Cela ukumbonisa indlela izigidi eziye zazuza ngayo ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade ngesifundo seBhayibheli. Uma evuma, yethula incwadi ethi Ulwazi bese uqala isifundo.
4 Ungase uzame lentshumayelo lapho uhambisa incwadi ethi “Ukuphila Komkhaya”:
◼ “Lapho sixoxa nomakhelwane bethu, sithole ukuthi abaningi bafuna ukuphila komkhaya okujabulisayo. Ucabanga ukuthi yini engasiza abantu ukuba bathole injabulo enkulu ekuphileni kwabo komkhaya? [Lindela impendulo.] Awuvumi yini ukuthi kungaba yinzuzo ukulalela lokho uMdali womkhaya akushoyo? EBhayibhelini unikeza iziqondiso ezidingekayo. Lezi zimiso kuxoxwa ngazo kulencwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Ake ubheke nje izihloko ezihlukahlukene okuxoxwa ngazo. [Mbonise ikhasi lokuqukethwe.] Lencwadi ibonisa ikhambi elihlala njalo lezinkinga zesintu. Lencwadi siyishiya nje ngo-R3,50.”
5 Lapho uphindela kulabo owabahambisela incwadi ethi “Ukuphila Komkhaya,” ungase uthande ukusho lokhu:
◼ “Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule saxoxa ngokuthi ukulalela uMdali kungasiza kanjani ekuxazululeni izinkinga zomkhaya. Uqaphelile yini ukuthi ukucindezela kwansuku zonke nezinkinga kubeka inselele yangempela emikhayeni yanamuhla? [Lindela impendulo.] Phawula lokho uMsunguli womshado akusho embhangqwaneni wokuqala wabantu.” Funda uGenesise 1:28 bese uvula ikhasi 8 lencwadi ethi Ukuphila Komkhaya futhi uqhubeke nengxoxo yakho, usebenzisa amaphuzu owakhethe ezigabeni 11-13. Sikisela isifundo seBhayibheli. Uma samukelwa, qala isifundo ngencwadi ethi Ulwazi.
6 Lapho usebenza ezitolo, ungase usebenzise lendlela emfushane ngencwadi ethi “Ungaphila Phakade”:
◼ “Namuhla senzela osomabhizinisi bomphakathi inkonzo ekhethekile. Sonke sikhathazekile ngokwanda kobugebengu nobudlova endaweni yakithi. Ucabanga ukuthi ukhona umuntu onekhambi langempela lalenkinga? [Lindela impendulo.] UNkulunkulu unalo ikhambi.” Vula ikhasi 157 lencwadi ethi Ungaphila Phakade; funda bese ukhulumela umbhalo wezAga 2:22. Mbonise isihloko sesahluko 19, bese uhambisa incwadi ngomnikelo osikiselwe.
7 Lapho uphindela kusomabhizinisi owamhambisela incwadi ethi “Ungaphila Phakade,” ungase usho lokhu:
◼ “Ekuhambeleni kwami kwesikhathi esidlule, ngaphawula ukuthi uNkulunkulu uyena kuphela onekhambi elihlala njalo lobugebengu nobudlova. Ngokwesithembiso sakhe, singathemba ukuthi uzokuba khona umhlaba onokuthula.” Funda isigaba 4 ekhasini 159 lencwadi ethi Ungaphila Phakade, kuhlanganise neHubo 37:37, 38. Khulumela imifanekiso esekhasini 158. Sikisela isifundo seBhayibheli samahhala, esingase siqhutshelwe endaweni yabo yebhizinisi noma ekhaya.
8 ‘Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu,’ sinazo zonke izizathu zokuba nombono oqondile lapho sishumayela izindaba ezinhle. (1 Kor. 3:9) Ukulondoloza kwethu lesi simo sengqondo kuyosilethela isibusiso esicebile sikaJehova.