Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngomuzwa Wokuphuthuma
1 Sibonisa ukwazisa kwethu okujulile ngezithembiso zoMbuso kaNkulunkulu ngokuhlanganyela ngenhliziyo yonke enkonzweni yobuKristu. Kudingeka sihlanganyele kulomsebenzi ngomuzwa wokuphuthuma. Ngani? Ngenxa yokuthi izisebenzi zimbalwa, isiphelo salesi simiso sezinto siyasondela, futhi ukuphila kwalabo abasensimini yethu kusengozini. (Hez. 3:19; Math. 9:37, 38) Umthwalo wemfanelo osinda ngaleyo ndlela udinga ukuba senze konke okusemandleni ethu enkonzweni. Singawubonisa kanjani umuzwa wokuphuthuma ngokuphathelene nomsebenzi wethu wenkonzo yasensimini? Ngokulungiselela izintshumayelo ezinhle kusengaphambili, ngokubafuna ngenkuthalo abantu noma kuphi lapho bengatholakala khona, ngokugcina umbhalo oqondile wabo bonke ababonisa isithakazelo nangokubuyela ngokushesha ukuze silandelele leso sithakazelo, nangokukhumbula ukuthi njengoba kuhileleke ukuphila, kufanele siyithathe ngokungathi sína inkonzo yethu. Ukusikisela okulandelayo kungase kube wusizo njengoba silungiselela ukuba ngo-February sishumayele izindaba ezinhle ngomuzwa wokuphuthuma. Isipho sizoba incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
2 Ungase ukwazi ukuqala ingxoxo ngokusho kafushane ezinye zezinkinga okubhekwana nazo emphakathini, ungabe usuthi:
◼ “Abantu abaningi bayakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa bayazibuza: ‘Ikusasa elinjani afuna sibe nalo?’ Ubungawuphendula kanjani lowo mbuzo? [Lindela impendulo.] Bewazi yini ukuthi iBhayibheli liyichaza ngokucacile intando kaNkulunkulu ngesintu kanye nezinyathelo azithathayo ukuze ayifeze?” Vula ikhasi 301 encwadini ethi Umvuthwandaba WesAmbulo. Funda isAmbulo 21:1 esisesigabeni 1 kanye nencazelo enikezwayo ngalombhalo engxenyeni yokugcina yesigaba 2. Vula umfanekiso osekhasini 302 ukuze ubonise ukuthi lokhu kusho ukuthini ngekusasa lethu. Funda isAmbulo 21:4 esigabeni 6. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R12,00. Hlela ukuba ubuye ngesikhathi esifanelekile ukuze nizoqhubeka nengxoxo.
3 Ungase ulandelele ingxoxo yesikhathi esidlule yesAmbulo 21:1, 4, ngalentshumayelo emfushane:
◼ “Ekukuhambeleni okudlule, saxoxa ngesithembiso sikaNkulunkulu sokulungiselela isintu umphakathi omusha wasemhlabeni. [Phinda udonsele ukunakekela esithombeni esisekhasini 302 encwadini ethi Umvuthwandaba WesAmbulo.] Ungathanda yini ukubona umkhaya wakho ujabulela izimo ezinjengalezi? [Lindela impendulo.] Umbuzo uwukuthi, Zithembeke kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu? Ngicela uphawule lokho yena ngokwakhe akushoyo.” Funda isAmbulo 21:5, 6a esisesigabeni 8 ekhasini 303. Buza umbuzo wesigaba 9 ekhasini 304, bese ufunda impendulo, kuhlanganise nomusho wokugcina walesi sigaba. Cela ukumqhubela isifundo seBhayibheli samahhala. Lungiselela ukuba umbonise kamuva ukuthi siqhutshwa kanjani.
4 Njengoba abaningi bekhathazekile ngezinkinga ezandayo isintu esibhekene nazo, ekuhambeleni kokuqala ungase usho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Cishe wonke umuntu ukhathazekile ngezinkinga esibhekana nazo emphakathini wethu. [Yisho ezimbalwa.] Izazi zezombangazwe zithembisa ukuletha amakhambi ahlala njalo, futhi ezinye ziye zazama ukukwenza lokho. Ucabanga ukuthi yini ebangela ukuba izimo ziqhubeke ziba zimbi? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linikeza impendulo abantu abaningi abangakaze bayicabange. Incwadi yesAmbulo ichaza impi eyenzeka ezulwini. Phawula umphumela, njengoba ushiwo kusAmbulo 12:9.” Funda leli vesi, bese uvula ikhasi 182 encwadini ethi Umvuthwandaba WesAmbulo. Sebenzisa lomfanekiso ukuze uchaze indlela uSathane ahileleke ngayo ezindabeni zezwe. Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R12,00. Yenza amalungiselelo okubuya nizoxoxa ngendlela uNkulunkulu azoxazulula ngayo izinkinga zesintu.
5 Uma wawuthembise ukubuya uzochaza ikhambi likaNkulunkulu ezinkingeni zanamuhla, ungase uzame lendlela:
◼ “Ngenze umzamo okhethekile wokubuya ukuze sizoqhubeka nengxoxo yethu ngokuphathelene nekhambi langempela ezinkingeni isintu esibhekene nazo. Ekukuhambeleni kwami okudlule, sabona ukuthi iBhayibheli lichaza uSathane uDeveli njengodukisa lonke izwe elakhiwe. Njengoba eyisidalwa esingokomoya esingaphezu kwabantu, ucabanga ukuthi ikhona indlela yokuqeda ithonya lakhe? [Lindela impendulo.] Ngicela uphawule lokho iBhayibheli elikushoyo.” Funda bese uchaza isAmbulo 20:1-3. Ngokusebenzisa umfanekiso osemakhasini 4-5 encwadi ethi Ulwazi, bonisa ukuthi izimo ziyoba njani lingasekho ithonya likaSathane. Sikisela isifundo seBhayibheli bese uzama ukusiqala ngaso leso sikhathi.
6 Njengoba abantu abaningi kangaka benesithakazelo endaweni ezungezile, ukuze uqale ingxoxo ungase usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Siye sathola ukuthi cishe wonke umuntu ukhathazekile ngokungcola komoya wethu, amanzi nokudla. Kwamanye amazwe isimo sendawo ezungezile kakade sesibeka ukuphila engozini. Njengoba uNkulunkulu enguMdali womhlaba, ucabanga ukuthi yini azoyenza ngalokhu? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lithi uNkulunkulu uyofuna silandise ngendlela esisebenzisa ngayo leplanethi. [Funda isAmbulo 11:18b.] Cabanga nje uphila emhlabeni ongasenalo lonke uhlobo lokungcola!” Phawula isithembiso sikaNkulunkulu sepharadesi, njengoba sishiwo kuyisAmbulo 21:3, 4. Mbonise umfanekiso osekhasini 302 encwadini ethi Umvuthwandaba WesAmbulo. Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R12,00 bese uhlela ukuba uphindele.
7 Uma uphindela kothile owabonisa isithakazelo engxoxweni emayelana nomhlaba oyiPharadesi, ungase uthi:
◼ “Ekukuhambeleni okudlule, savumelana ngokuthi ukuze kuxazululwe inkinga yokungcola komhlaba, kuyodingeka uNkulunkulu angenele ezindabeni zesintu. Kodwa umbuzo uwukuthi, Yini okufanele siyenze ukuze sisindele emhlabeni omusha wokulunga owenziwe uNkulunkulu?” Funda uJohane 17:3. Mema umninikhaya ukuba azuze elungiselelweni lethu lesifundo seBhayibheli samahhala ukuze azuze lolu lwazi olukhethekile.
8 Yeka ilungelo okuyilo ukusetshenziswa njengezisebenzi zanamuhla zokuvuna nokwenza umsebenzi wokushumayela osindisa ukuphila! Kwangathi sonke singazigcina simatasa ekushumayeleni izindaba ezinhle sinomuzwa wokuphuthuma, ‘sazi ukuthi umshikashika wethu awulona ize.’—1 Kor. 15:58.