Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/98 k. 8
  • Mema Bonke Abomile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Mema Bonke Abomile
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngomuzwa Wokuphuthuma
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Thembela KuJehova Ukuba Akhulise
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 2/98 k. 8

Mema Bonke Abomile

1Njengoba Umprofethi U-Amose Abikezela, Umkhaya Wesintu Namuhla ‘Awomele Amanzi, Kepha Womele Ukuzwa Amazwi KaJehova.’ (Amose 8:11) Ukuze Sisize Abantu Abakulesi Simo Esiwuqwathule Ngokomoya, Sibatshela Ngamalungiselelo KaNkulunkulu Okukhipha Isintu Esilalelayo Esonweni Nasekufeni, Achazwa Esahlukweni Sokugcina Sesambulo Ngokuthi ‘Umfula Wamanzi Okuphila.’ Sinelungelo Lokumema Bonke Abantu Abomele Ukulunga Ukuba ‘Bathathe Amanzi Okuphila Mahhala.’ (IsAm. 22:1, 17) Singakwenza Kanjani Lokhu Ngo-February? Ngokuhambisela Labo Abanesithakazelo Esiqotho Incwadi Ethi Isambulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Ungase Uthande Ukuzama Lezi Zintshumayelo:

2 Njengoba abantu abaningi bekhathazekile ngezindaba zempilo, ungase uyithole iphumelela le ndlela:

◼ “Abantu abaningi bakhathazekile ngezindleko ezikhulayo zokunakekela impilo. Kungenzeka wake wacabanga ngale ndaba. [Lindela impendulo.] Likhona yini ikhambi elihlala njalo lale nkinga? [Lindela impendulo.] Nali ithemba elijabulisayo.” Funda isAmbulo 22:1, 2. Yibe usuvula incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo emfanekisweni osemakhasini 308-9, futhi usebenzise isigaba 22 esisekhasini 311 ukuwuchaza. Phetha ngokuba uthi: “Le ncwadi ichaza ivesi ngalinye lencwadi yesAmbulo.” Hambisa le ncwadi ngomnikelo ovamile. Yenza amalungiselelo okubuya.

3 Lapho wenza impindelo, ungase uvuselele ingxoxo ngokuba uthi:

◼ “Esikhathini esidlule ngilapha, saxoxa ngekhambi elihlala njalo lezinkinga zempilo. Ucabanga ukuthi siyoke sibe khona yini isikhathi lapho kungekho muntu oyogula? [Lindela impendulo.] Phawula lawa mazwi athakazelisayo.” Funda u-Isaya 33:24. Yibe usuvula isifundo 5 sencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, bese nixoxa ngezigaba 5-6, ubuze imibuzo ehambelana nezigaba esekuqaleni kwesifundo, nifunde nemibhalo embalwa ekhonjiwe. Yisho ukuthi ukuqedwa kokugula nokufa kuyingxenye nje yokufezeka kwenjongo kaNkulunkulu yokuqala ngomhlaba. Hlela ukubuya nizoxoxa ngezigaba 1-4 no-7 zesifundo esifanayo.

4 Uma ezingqondweni zabantu kunendaba esematheni ephathelene nokufa kothile ngaphambi kwesikhathi, ungase uzame le ndlela:

◼ “Kungenzeka uzwile [yisho leyo ndaba]. Lapho ukuphila kwabantu kunqanyulwa ngokudabukisayo kungakabi isikhathi, abaningi bayazibuza ukuthi imikhaya yalezo zisulu ingaduduzwa kanjani. Ucabangani wena?” Lindela impendulo. Yibe usuvula ikhasi 299 lencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, bese umbonisa umfanekiso wovuko. Qhubeka uthi: “Abaningi bayamangala lapho bezwa ukuthi abalungile nabangalungile bayobuyiselwa ekuphileni ePharadesi emhlabeni. [Funda izEnzo 24:15 njengoba zicashunwe esigabeni 9 ekhasini 297, bese unikeza incazelo esesigabeni 10.] Le ncwadi ikhuluma ngeminye imininingwane eminingi ethakazelisayo emayelana nenjongo kaNkulunkulu ngekusasa. Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngakho, ungathatha le ncwadi ngomnikelo ka-R12,00.” Yenza amalungiselelo okubuya, uqaphele ukuthi iziphi izinto lowo muntu anesithakazelo kuzo nazikhathalelayo.

5 Lapho uphindela, yenza ukuba intshumayelo yakho ifanelane nomninikhaya. Mhlawumbe ungase uthi:

◼“Esikhathini esidlule sixoxa nawe, kwangithakazelisa lokho owakusho mayelana nenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba. [Kuphinde lokho akusho.] Ngithole ukwaziswa engicabanga ukuthi uzokuthola kuthakazelisa.” Vula isifundo 5 sencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Funda futhi nixoxe ngezigaba eziningi kuye ngesithakazelo somninikhaya. Ngemva kokumisa isikhathi sokubuya nizoqhubeka nesifundo, nikeza umninikhaya isimemo esichaza izikhathi zemihlangano yebandla. Chaza ukuthi uyini uMhlangano Weningi, bese ummema ukuba abe khona kuwo.

6 Uma uthanda intshumayelo elula eqokomisa ipheshana, ungase usho lokhu:

◼ “Ngingathanda ukukunikeza leli pheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafileyo?” Linikeze umninikhaya, bese umcela ukuba abheke kwelakhe njengoba ufunda isigaba sokuqala. Lindela ukuba aphendule umbuzo ophakanyiswe emshweni wokugcina. Funda isigaba sesibili, bese uvula umfanekiso osekhasini 299 encwadini Umvuthwandaba WesAmbulo. Qhubeka uthi: “Le ncwadi inikeza imininingwane eyengeziwe ngovuko nangezinye izithembiso zeBhayibheli ezijabulisayo zesikhathi esizayo. Uma ungathanda ukuyifunda, ungazitholela lena ngomnikelo ka-R12,00.” Hlela ukuba ubuye ukuze ukhulise isithakazelo salomuntu eqinisweni.

7 Ukumema abanye ngendlela ehehayo kungase kubenze beze emanzini okuphila, uJehova awenza atholakale manje. Khona-ke, masisho kubo bonke abomile ukuthi, “Woza!”—IsAm. 22:17.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela