Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/98 k. 1
  • “Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okusenza Sibe Khona ESikhumbuzweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • “Qhubekani Nikwenza Lokhu”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Usuku Olubaluleke Kakhulu Ngo-1991
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • “Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 3/98 k. 1

“Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula”

1 Abantu bathambekele ekuvumeleni ukuba izinto ezisemqoka zingabe zisaba ezibalulekile ngokuhamba kwesikhathi. Lesi esinye sezizathu esenza uJesu, lapho emisa “isidlo seNkosi sakusihlwa,” ayale abafundi bakhe: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” Kusukela ngaleso sikhathi, njalo ngonyaka ngesikhathi uJesu afa ngaso, amaKristu ebelokhu eqhubeka ngokuthobeka ‘ememezela ukufa kweNkosi, ize ifike.’—1 Kor. 11:20, 23-26.

2 Maduzane nje, uJesu uzokwamukela ekhaya lasezulwini abokugcina bensali ‘yomhlambi omncane’ enciphayo. (Luka 12:32; Joh. 14:2, 3) Kulo nyaka insali yabagcotshiwe kanye nesixuku esikhulu esandayo ‘sezinye izimvu’ bazobuye babe nethuba lokugubha Isidlo SeNkosi Sakusihlwa, ngo-April 11. (Joh. 10:16; IsAm. 7:9, 10) Kuzoqiniswa ukwazisa ngothando olukhulu lukaJehova ngokuthumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ngenxa yesintu. Kuzoqokonyiswa isibonelo sikaJesu, uthando lwakhe, ukuthembeka kwakhe kuze kube sekufeni ukuze alungiselele isihlengo nokubusa kwakhe manje njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu omisiwe, kanye nezibusiso uMbuso oyozilethela isintu. Yisenzakalo sokukhunjulwa ngempela!

3 Lungiselela Manje: Sonke masizikhandle ukuze senze lenkathi yeSikhumbuzo ibe eyenjabulo enkulu nokubonga kithi nakubo bonke abazohlanganyela nathi. Singenza izingqondo zethu ziyilungele ngokubuye sifunde ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene nezinsuku ezimbalwa zokugcina zenkonzo kaJesu nezenzakalo ezaholela ekufeni kwakhe. Isifundo sethu somkhaya emasontweni ambalwa ngaphambi kweSikhumbuzo singase sigxile ekubukezweni kwezahluko 112-16 zencwadi Umuntu Omkhulu.

4 Bangaki obaziyo abangase beze eSikhumbuzweni uma ungathatha isinyathelo kuqala sokwakha isithakazelo sabo ngalesi senzakalo, ubameme futhi ubenze bazizwe bamukelekile? Lwenze manje uhlu, bese wenza ongakwenza ukubasiza ukuba beze. Ngemva kwalokho, basize ukuba baqhubeke bekhula ngokomoya ngokubakhuthaza ukuba babe khona njalo emihlanganweni.

5 Phakathi nezinsuku zeSikhumbuzo, kuzokwenziwa amalungiselelo akhethekile okwenza wonke umuntu abe namathuba engeziwe okushumayela. Ngokuhlela okuhle, ungabuthatha yini ubuphayona obusizayo ngo-April? ngo-May? Enye yezindlela ezingcono kakhulu zokubonisa ukuthi sikukhumbula ngokwazisa konke okushiwo umhlatshelo kaJesu kithi iwukukhuluma ngoNkulunkulu wethu, uJehova, nangezibusiso ezizolethwa uMbuso ophethwe iNdodana yakhe.—IHu. 79:13; 147:1.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela