Usuku Olubaluleke Kakhulu Ngo-1991
1 Usuku olubaluleke kakhulu ekhalendeni lethu kulonyaka olwangoMgqibelo, ngoMarch 30. Ngemva kokushona kwelanga ngalolosuku, sizogubha iSikhumbuzo sokufa kukaJesu. (1 Kor. 11:20, 24) Kungani usuku lokufa kukaJesu lwenziwa usuku okufanele lukhunjulwe ngokukhethekile?
ISIKHUMBUZO—UKUBALULEKA KWASO
2 Ukufa kukaJesu kwakuyisenzakalo esibaluleke emhlabeni wonke. Lapho ebhalela amalungu ebandla lobuKristu elizelwe ngomoya, umphostoli uPawulu wathi: “Njalo, nxa nidla lesisinkwa niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.” (1 Kor. 11:26) Ngakho iSikhumbuzo siletha ukunakekela okukhethekile ekubalulekeni kokufa kukaJesu Kristu ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova. Siqokomisa okushiwo ukufa kukaJesu komhlatshelo, ikakhulukazi ngokuhlobene nesivumelwano esisha futhi nendlela ukufa kwakhe okuthinta ngayo labo abazoba izindlalifa kanye naye eMbusweni wasezulwini.—Joh. 14:2, 3; Heb. 9:15.
3 Ngokulondoloza ubuqotho kuze kube sekufeni, uJesu walingcwelisa igama likaYise futhi wabonisa ukuthi umuntu ophelele wayengathembeka kuNkulunkulu ngaphansi kwalo lonke uhlobo lwesilingo uSathane ayengaluletha kuye. Ukufa kwakhe futhi kwalungiselela umhlatshelo womuntu ophelele owawudingeka ekuhlengeni inzalo ka-Adamu futhi wakwenza kwaba nokwenzeka ngabaningi ababezobonisa ukholo ukuba baphile phakade emhlabeni oyipharadesi. Ngenxa yakho konke lokho okwakuyofezwa ukufa kukaJesu, kwakufaneleka kakhulu ngaye ukuba ayale abafundi bakhe ukuba bakukhumbule ukufa kwakhe.—rsZU kk. 142-3.
INDLELA ESINGABONISA NGAYO UKWAZISA
4 Izwe linemikhosi eminingi phakathi nonyaka, futhi kwenziwa okuningi ukuba ikhuthazwe. Ngakolunye uhlangothi, iSidlo SeNkosi Sakusihlwa siwukuphela komkhosi abalandeli bezinyathelo zikaJesu abazinikezele abayalwa ukuba bawugcine. Ngokungangabazeki, uwumkhosi omkhulu kunayo yonke onyakeni kuwo wonke amaKristu eqiniso. Ingabe ukubaluleka okukhulu kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa esikhunjulwayo akufanele yini kusishukumisele ukuba sigxilise ukunakekela kuso isonto ngalinye phakathi noMarch?
5 Mhlawumbe singathatha imizuzu embalwa isonto ngalinye phakathi noMarch ukuba sixoxe nezifundo zethu zeBhayibheli ngemibhalo eqokomisa ukubaluleka kokufa kukaKristu futhi sizibonise isisekelo seSikhumbuzo. Singazikhuthaza futhi ukuba zilandelele ngokuseduze ukufundwa kweBhayibheli okuphathelene neSikhumbuzo ngoMarch 25-30, njengoba kuphawulwe kuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova lika-1991. Lokhu kungasiza ekujuliseni ukwazisa kwazo ngeSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
6 Njengoba umkhosi weSikhumbuzo ungoMgqibelo, kuzoba lula ngabaningi ukuba bahlele izimo zabo ukuze babe khona. Abamemezeli abaningi balisebenzisa ngokugcwele iphuzu lokuthi kunezimpela-sonto eziyisihlanu ngoMarch zokuba bakhonze njengamaphayona asizayo. Lokhu kubavumela ukuba bahlanganyele kakhudlwana ekugcizeleleni umkhosi weSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Kunikeza amathuba engeziwe okusiza abasha ekuhlanganyeleni ukuba bazilungiselele ezingqondweni ngalesenzakalo esikhethekile.
7 Ngenxa yokubaluleka komkhosi weSikhumbuzo, masenze konke esingakwenza ukuze sisize abanye ukuba babe khona. Izikhumbuzo eziwusizo ngemininingwane okumelwe inakekelwe abadala zingatholakala kuyiNkonzo Yethu YoMbuso kaMarch 1989 neka-April 1990.
8 Kwangathi singasondela kulolusuku olubaluleke kakhulu ngo-1991 ngokuqonda okucacile nangokwazisa okujulile ngakho konke lokho ukufa kukaJesu okukushoyo ngesintu. Yebo, kwangathi sonke singaba khona ngobusuku bangoMarch 30 njengoba abakhulekeli bakaJehova beqiniso ngokwethembeka bephinda futhi belalela umyalo kaJesu ‘wokumemezela ukufa kweNkosi ize ifike.’