Ukugubha Umkhosi Wokufa Okunikeza Ithemba Lokuphila Okuphakade
1 Ngemva kokushona kwelanga ngo-April 6, 1993, siyogubha umkhosi wokufa kweNxusa Eliyinhloko lokuphila. (IzE. 3:15) Ngempela, kufaneleka kakhulu ukukhumbula ukuphila nokufa kukaJesu Kristu. Lona kanye ithemba lethu lokuphila phakade lixhomeke egazini likaJesu elathululwa.
2 ISikhumbuzo sigcizelela ukubaluleka kokufa kukaKristu ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova. Leyonjongo ihlanganisa ukulungiselela umhlatshelo womuntu ophelele odingekayo ukuze uhlenge inzalo ka-Adamu, wenze kube nokwenzeka ngezigidi ukuba zibonise ukholo futhi ziphile phakade emhlabeni oyipharadesi.—Joh. 3:16.
3 Bonke abathandi beqiniso nokuphila babheke phambili ekugubheni umkhosi weSidlo SeNkosi Sakusihlwa belalela umyalo kaJesu. (Luka 22:19) Yini esingayenza thina ngabanye ukuze sibonise ukwazisa kwethu ngelungiselelo lomhlatshelo kaKristu wesihlengo? Ekuqapheleni ukubaluleka kwalomkhosi, ukuhlela okuhle kubaluleke kakhulu. Yimaphi amalungiselelo owenzela lesisenzakalo esikhethekile?
4 Ukulungiselela Kusengaphambili Kudingekile: Yebo, siyoqiniseka ukuthi ilungu ngalinye lomkhaya liyoba khona. Kufanele futhi silungiselele ngokwengqondo ngokufunda nangokuzindla ngezindima zeBhayibheli eziphawulelwe u-April 1-6 kuyi-Khalenda Lika-1993. Kuyoba okufanelekile ukuhlanganisa ukwaziswa okuphathelene nokubaluleka kweSikhumbuzo esifundweni sethu somuntu siqu nasesifundweni seBhayibheli somkhaya ngaphambi nje kuka-April 6. Hlela ukufika kusenesikhathi futhi uhlale isikhashana ngemva kokuphetha komkhosi weSikhumbuzo ukuze ukulungele ukwamukela abasha okungenzeka ukuthi kungokokuqala beba khona.
5 Emasontweni angaphambi kweSikhumbuzo, memela bonke abantu abathakazelayo obaziyo kulomkhosi. Sebenzisa izimemo ezinyathelisiwe ezi-odwe yibandla lakini. Lapho uzisebenzisa, khumbula ukwazisa abantu abathakazelayo ikheli nesikhathi salomkhosi ebandleni lakini. Hlela uhla lwalabo ofisa ukubamema. Ingabe bonke abafisa ukuba khona banakho okokuhamba? Uma kungenjalo, yini ongayenza ukuze ubasize? Uma unendawo eyengeziwe emotweni yakho, kungani ungabuzi abadala ukuthi ukhona yini odinga okokuhamba?
6 Ngenxa yokuthi lona umkhosi obaluleke kakhulu onyakeni futhi kulindeleke inani elikhulu labazoba khona, kuyodingeka ukuba abadala benze amalungiselelo akhethekile kusengaphambili. (1 Kor. 14:40) Okungenani isonto elilodwa ngaphambi kuka-April 6, abadala bayohlela ukuba nomhlangano okhethekile nabazalwane abayosiza kulomkhosi, baqiniseke ukuthi bayaziqonda izimiso zokuhlala nendlela okumelwe izifanekiselo zidluliswe ngayo. Uma wabelwe ukusiza phakathi nalomkhosi njengomlindi noma umuntu ohambisa izifanekiselo, qikelela ukuba ulandele iziqondiso zabadala eduze ngokuphathelene nalezindaba. Ngokuhlola izikhumbuzo ebhokisini elisekhasini 7, abadala bangaqikelela ukuthi wonke amalungiselelo abalindi, abantu abahambisa izifanekiselo, izifanekiselo, nesikhulumi anakekelwa kahle kusengaphambili.
7 Bambalwa kuphela kubafowabo bakaKristu abasasele emhlabeni namuhla, futhi maduze nje, umkhosi weSidlo SeNkosi Sakusihlwa uyofika ekupheleni kwawo. (1 Kor. 11:25, 26) Uma nje kuseyilungelo lethu ukwenza kanjalo, kwangathi singaqhubeka sigubha ngokufanelekile umkhosi wokufa okunikeza ithemba lokuphila okuphakade.