“Yenzani Lokhu Ukuba Ningikhumbule”
1 UJesu weluleka abalandeli bakhe ukuba bagubhe isikhumbuzo sokufa kwakhe. (Luka 22:19) Lomkhosi wawuzosebenza njengesikhumbuzo somhlatshelo omkhulu uJesu awenza ngenxa yesintu. Kulonyaka oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba bazogubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu ngoLwesihlanu, April 17, ngemva kokushona kwelanga.
2 Ukuzilungiselela Kwakho Siqu: Singakulungiselela kanjani ukugujwa okufanele kwalesenzakalo esibalulekile? Enye indlela iwukuzindla ngobuqotho ngokuphila kanye nenkonzo kaJesu yasemhlabeni. Waba uMhlengi wesintu ngokunikela njengomhlatshelo ukuphila kwakhe kobuntu obuphelele. (Math. 20:28) Ukuze sinisize nonke ukuba nazise lelilungiselelo, situsa ukuba nicabangele izahluko 112 kuze kufike kusahluko 116 sencwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
3 Ukufunda kwethu iBhayibheli ngaphambi kweSikhumbuzo salonyaka, njengoba kuphawulwe kuKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1992, kuhlanganisa amavesi akhethiwe avela encwadini yeBhayibheli kaMarku. Lokhu kufundwa kweBhayibheli okukhethekile kuhlelelwe isikhathi esiyizinsuku eziyisithupha kusukela ngeSonto kuya kuLwesihlanu, April 12-17. Sonke sizofuna ukuba nesikhathi esanele sizindla ngalezenzakalo ezibalulekile.
4 Ukulungiselela Kahle Kwabadala: Qikelelani ukuthi izimemo zeSikhumbuzo zikhona. Ingabe zikhona izihlalo ezanele zabo bonke abalindeleke ukuba babe khona? Lapho kunamabandla angaphezu kwelilodwa azosebenzisa ihholo, kudingeka amalungiselelo ahlelekile ukuze ibandla ngalinye libe nesikhathi esanele sokugubha iSikhumbuzo. Labo abakhonza njengabalindi kufanele batshelwe imisebenzi yabo. Kufanele basukumele phezulu ekwamukeleni abantu abasha abakhona. Kufanele kukhethwe isikhulumi esifaneleka kahle esizonikeza ukwaziswa ngokucacile nangokomBhalo. Yabelani abadala abanokwethenjelwa noma izinceku ezikhonzayo ukuba zihambise izifanekiselo. Kufanele kube khona isinkwa esingenamvubelo kanye newayini elibomvu elingaxutshiwe. Ukuze nithole izikhumbuzo ezengeziwe, bhekani INqabayokulinda kaFebruary 15, 1985, ikhasi 17.
5 Ngokulungiselela kahle kusengaphambili, siyobonisa ukuthi sikuqaphela ngokugcwele ukubaluleka kwalesenzakalo esikhethekile nanokuthi sifisa ukugubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu ngokuvumelana nomyalo kaJesu.—1 Kor. 11:23-26.
[Ibhokisi ekhasini ]
1. Ingabe wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, utsheliwe ngesikhathi esiqondile kanye nendawo yalomkhosi? Ingabe isikhulumi sinayo into yokuhamba?
2. Ingabe asenziwe amalungiselelo aqondile okuba khona kwezifanekiselo?
3. Ingabe asenziwe amalungiselelo okuba othile alethe indwangu yetafula ehlanzekile kanye nenani elidingekayo lezingilazi namapuleti?
4. Imaphi amalungiselelo enziwe okuhlanza ihholo ngaphambi kweSikhumbuzo kanye nokuhlanza nje okulula ngemva kweSikhumbuzo uma kukhona elinye ibandla elizosebenzisa ihholo ngalobobusuku? Ingabe izikhulisa-zwi ezifanele zihleliwe uma kuyihholo eliqashiwe?
5. Ingabe babiwe abalindi kanye nabahambisi bezifanekiselo? Ingabe kuye kwahlelwa ukuba kube khona umhlangano nabo ngaphambi kweSikhumbuzo ukuze kubukezwe imisebenzi yabo? Nini? Iyiphi inqubo ezolandelwa ukuze kuqikelelwe ukuthi bonke badluliselwa kahle?
6. Ingabe asenziwe wonke amalungiselelo okusiza abazalwane nodade abagugile nababuthakathaka? Ingabe enziwe amalungiselelo okukhonza noma imuphi wabagcotshiwe okungenzeka akakwazi ukuvuka futhi ongakwazi ukuza eHholo LoMbuso?