Yenza Izenzo ZikaJehova Zaziwe
1 “Nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme . . . ngokuba wenzile izinto ezinkulu.” (Isaya 12:4, 5) Usabela kanjani kulokhu kunxusa? Uma sicabanga ngezenzo zikaJehova kithi njengendikimba nanjengabantu ngabanye, ingabe izinhliziyo zethu azishukunyiselwa yini ukuba sitshele abanye? Eminyakeni engu-73 edlule, uJehova wakhulula abantu bakhe ebugqilini baseBabiloni. Kusukela ngo-1919 ukukhulekela kweqiniso kuye kwamiswa ngokuqinile futhi manje kuye kwasakazekela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Isilinganiso uJehova aye wenza ngaso lezinto siye sakwedlula kakhulu lokho ebesikulindele. Njengomuntu ngamunye, ukwazisa ngokujule kangakanani ukuqondisa, ukuvikela, kanye nesibusiso kukaNkulunkulu? Ingabe ungenza okwengeziwe ukuze wenze izenzo zakhe zaziwe futhi uphakamise igama lakhe?
2 Inkathi yeSikhumbuzo isikhumbuza ngesenzo saphezulu esiyobonga phakade ngenxa yaso. Inyanga ka-April iyoba isikhathi esifaneleke ngokukhethekile sokubonisa uJehova ukubonga kwethu kanye nokwazisa ngokubhalisa njengephayona elisizayo. Futhi, uma uba iphayona elisizayo phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda, uyozuza ngisho nangokwengeziwe osizweni lwakhe kanye nesikhuthazo enkonzweni.
3 Ngokuvamile, amalungiselelo aphumelela kahle lapho amaqembu abamemezeli ebhalisa njengamaphayona asizayo. Kungenziwa isimiso esihle ukuze wonke umuntu abe nothile angasebenza naye, futhi odade abanezingane ezincane bangahlela ukusizana. Ngokuhlela okuhle, abaningi baye bathola ukuthi akunzima kakhulu ukufinyelela imfuneko yamahora angu-60. Lokhu kusho ukunikela enkonzweni isilinganiso samahora amabili nje ngosuku noma amahora angu-15 ngesonto. Amanye amaphayona asizayo afakaza ihora noma amabili ngaphambi noma ngemuva komsebenzi wawo wokuziphilisa futhi ngezimpelasonto abe nesikhathi eside enkonzweni.
4 Ngisho nakuba ungakwazi ukuba iphayona elisizayo, ungase ukwazi ukwandisa umsebenzi wakho wenkonzo yasensimini. Futhi, ngokusiza ngento yokuhamba noma ngokusebenza nabanye abaphayonayo, uyoba isikhuthazo kubo. Noma yini esingayenza ukuze senze igama likaJehova kanye nezenzo zakhe kwaziwe ngeke uMdali wethu onokwazisa angakunaki.—Mal. 3:16.