Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
Ungaba Yini Iphayona Elisizayo Ngo-March? Ngo-April? Ngo-May?
1 Isihloko esithi “Kufuneka Abashumayeli Abangu-1000” sakhishwa kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-April 1881. Sasinxusa wonke amadoda nabesifazane abazinikezele, “iNkosi ebanikeze ulwazi lwaYo lweqiniso,” ukuba basebenzise noma isiphi isikhathi abanaso ukuze bahlanganyele ekusakazeni iqiniso leBhayibheli. Labo ababengase bakwazi ukunikela ingxenye yesikhathi sabo noma ngaphezulu emsebenzini weNkosi bakhuthazwa ukuba ngokuzithandela babe abavangeli abangama-colporteur—abanduleli bamaphayona anamuhla.
2 Nakuba izikhathi sezishintshile kusukela ngawo-1800, kuneqiniso elilodwa elingakashintshi—izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele zifuna ukuqhubeka zisebenzisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka ekusakazeni izindaba ezinhle. Ukukhonza njengamaphayona asizayo kwenza abamemezeli bebandla bathuthukise ikhono labo njengoba beba nesikhathi esengeziwe enkonzweni yoMbuso.—Kol. 4:17; 2 Thim. 4:5.
3 Kusukela ubuphayona obusizayo baqala, buye bajatshulelwa amakhulu ezinkulungwane zabazalwane nodade. Ukushisekela lesi sici senkonzo yobuphayona kwakhula kangangokuba ngo-April 1990 ensimini yegatsha laseNingizimu Afrika kwafinyelelwa inani eliphakeme lamaphayona asizayo angaphezu kuka-10000! Kusukela ngaleso sikhathi abamemezeli baye banda kuwo wonke amazwe angaphansi kwegatsha lethu futhi lokhu kuzokwenza ukuba kube lula ukulifinyelela leli nani. Eqinisweni sisengase sikwazi ukuphinde senze lomzamo omuhle phakathi nenkathi yomsebenzi okhethekile ngo-1997.
4 Siyanikhuthaza ukuba nibe nomgomo wokuba amaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu phakathi kuka-March, April no-May. Kungani kuhlanganiswa no-March? Kungenxa yokuthi kulonyaka iSikhumbuzo sokufa kukaKristu sizoba ngeSonto ngo-March 23. Ayikho enye indlela engcono esingachitha ngayo amasonto andulela iSikhumbuzo kunokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso owaqalwa iNkosi yethu noMsindisi, uJesu Kristu. Lapho sinikeza inqwaba yobufakazi ngo-March, singamema abaningi abathakazelayo ukuba bahlanganyele nathi ekukhumbuleni ukufa kukaKristu. U-March uyokhetheka futhi ngoba ngokokuqala ngqá sizobe sihambisa incwadi entsha, ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngaphezu kwalokho, inyanga ka-March ineMigqibelo emihlanu namaSonto amahlanu, okuyokwenza ukuba kwenziwe umsebenzi omningi enkonzweni yasensimini ngalezo zimpelasonto. Yiqiniso, ngenyanga ka-April no-May, umzamo wentshiseko oqhubekayo enkonzweni uyosenza sikwazi ukulandelela isithakazelo esitholakele futhi siqale izifundo ezintsha zeBhayibheli, sisebenzisa incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Siyoyihlanganisa kahle nensimu yethu, ikakhulukazi ngezimpelasonto, ngomagazini bamuva abahambisana nesikhathi INqabayokulinda ne-Phaphama! Khumbula ukuhambisa izikhokhelo zalabomagazini ababili abahle ngawo wonke amathuba ukuze uqikelele ukuthi abantu abathakazelayo bakuthola njalo ukudla okungokomoya.
5 Obani Abafanelekela Ukuba Amaphayona Asizayo?: Incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, ikhasi 113, iyachaza: “Kungakhathaliseki izimo zakho siqu, uma ubhapathiziwe, unesimo esihle ebandleni, ungahlela ukuba uhlangabezane nemfuneko yamahora angama-60 ngenyanga enkonzweni yasensimini futhi ukholelwa ukuthi ungakhonza inyanga eyodwa noma ezengeziwe njengephayona elisizayo, abadala bebandla bayokujabulela ukucabangela isicelo sakho salelilungelo lenkonzo.” Ingabe ungasenza isikhathi sokujabulela leli lungelo ngo-March? ngo-April? ngo-May?
6 Isimo sengqondo esiqondile sabadala kanye nokusekela ngomphefumulo wonke kwabo bonke abamemezeli kufanele kwenze ukusabela kulolu bizo lwamaphayona asizayo angu-10 000 kube yimpumelelo. (Heb. 13:7) Zonke izinhloko zemikhaya ziyacelwa ukuba zibone ukuthi bangaki emikhayeni yazo abangangena ezinhlwini zamaphayona asizayo phakathi nenyanga eyodwa noma ngaphezulu ezizayo.—IHu. 148:12, 13; qhathanisa nezEnzo 21:8, 9.
7 Ungasheshi uphethe ngokuthi ngeke ukwazi ukuba iphayona elisizayo ngenxa yomsebenzi wakho wokuziphilisa wesikhathi esigcwele, isimiso sesikole, imithwalo yemfanelo yomkhaya, noma ezinye izibopho ezingokomBhalo. Kungase kungabi lula ngabanye ukuba bahlanganyele; kodwa ngokuhlela okuhle kanye nesibusiso sikaJehova, bangaphumelela. (IHu. 37:5; IzAga 16:3) Vumela isifiso sakho sokuhlanganyela enkonzweni yobuphayona silawule izimo zakho; ungavumeli izimo zakho zilawule isifiso sakho sokuphayona. (IzAga 13:19a) Ngakho, ngothando olujulile ngoJehova nangomakhelwane, abaningi bayakwazi ukulungisa isimiso sabo samasonto onke sokuphila ukuze bandise inkonzo yabo inyanga eyodwa ngesikhathi. (Luka 10:27, 28) Labo abazikhandlayo enkonzweni yoMbuso bagcinelwe izibusiso eziningi.—1 Thim. 4:10.
8 Lokho Okufezwa Ubuphayona Obusizayo: Umzamo womphefumulo wonke owenziwa izinkulungwane zezinceku zikaNkulunkulu ukuze zibe amaphayona asizayo wenza ukuba udumo olukhulu luye kuJehova. Njengoba laba bamemezeli boMbuso bezikhandla ukuze basakaze izindaba ezinhle kubantu abengeziwe, basondelana eduze ngokomuntu siqu noJehova ngoba bafunda ukuncika kuye ngokwengeziwe ukuze bathole umoya wakhe nesibusiso.
9 Ukuba namaphayona asizayo, avamile nakhethekile phakathi kwethu kwenza ukuba ebandleni kube nomoya oqabulayo wentshiseko. Intshiseko yawo iyathelelana njengoba exoxa ngokuhlangenwe nakho kwawo kwasensimini. Lokhu kushukumisa abanye ukuba bahlolisise izinto eziza kuqala kubo kanye namathuba okuhlanganyela ngokuthé xaxa emsebenzini obaluleke kakhulu wenkonzo. Udade owabhapathizwa eneminyaka engu-70 ngokushesha waqala ukuba iphayona elisizayo eliqhubekayo. Eminyakeni ethile kamuva, lapho ebuzwa ukuthi kungani nakuba emdala kangaka ayesazikhandla enkonzweni njengephayona elisizayo nyanga zonke, wathi wayenomuzwa wokuthi iminyaka yakhe engu-70 yokuqala wayedlale ngayo, futhi wayengafuni ukudlala nganoma yimiphi eminye iminyaka yakhe yokuphila esasele!
10 Umuntu ngamunye ohlanganyela emsebenzini wamaphayona asizayo uba nekhono elithuthukisiwe enkonzweni. Omunye ufakazi osemusha wavuma: ‘Lapho ngisemncane ngangivame ukuhamba nabazali emsebenzini wokushumayela. Ngangiyijabulela ngempela inkonzo yasensimini. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ngaqaphela ukuthi esikoleni ngangehlukile kwezinye izingane. Ngaqala ukuzinyeza ngokuxoxa ngeqiniso nengifunda nabo. Lapho ngishumayela endlini ngendlu, ngaqala ukwesaba ukuhlangana nomuntu engimazela esikoleni. Ngicabanga ukuthi inkinga yami kwakuwukwesaba abantu. [IzAga 29:25] Lapho sengiphothulile esikoleni, nganquma ukuzama ukuba iphayona lesikhashana. Ngenxa yalokho, ukushumayela ngakujabulela ngendlela engangingazange ngikujabulele ngayo ngaphambili. Ngangingasakubheki nje njengento ejabulisayo, futhi kwakungasewona umthwalo onzima. Lapho ngibona abantu engifunda nabo iBhayibheli bethuthuka eqinisweni, ngangiba nomuzwa ojulile wokwaneliseka obangelwa ukubona ukuthi uJehova uNkulunkulu wayeyisekela imizamo yami.’ Lona omusha waqhubekela ekukhonzeni njengephayona elivamile.
11 Uma sikubheka ngeso elingokoqobo, lapho abaningi bekhonza njengamaphayona asizayo ebandleni, insimu ihlanganiswa kahle. Umzalwane onakekela ukwabiwa kwamasimu angacela amaphayona asizayo ukuba asize ekuhlanganiseni izingxenye ezingasetshenzwa njalo. Ukuphatha umphako kanye nokuchitha usuku lonke enkonzweni kuyokwenza amaphayona akwazi ukusebenza ngisho nensimu ekude kakhulu.
12 Abadala Kufanele Benze Amalungiselelo Kusengaphambili: Kuzo zonke lezi zinyanga ezintathu ezizayo, kufanele kwenziwe amalungiselelo okuba kube nesimiso sezici ezihlukahlukene zokufakaza ngezikhathi ezingafani zesonto, kuhlanganise nokufakaza ntambama nakusihlwa, ukuze abaningi ngangokunokwenzeka bakwazi ukuhlanganyela. Ngaphezu kokwenza umsebenzi wendlu ngendlu njalo, hlanganisani nezikhathi zokufakaza emgwaqweni, zokusebenza insimu yamabhizinisi nokuhambela abebengekho emakhaya. Ngokwenza kanjalo, abadala basiza labo abaphayonayo ukuba bahlanganyele nebandla enkonzweni ngesikhathi esiyofaneleka kakhulu nesivumelana nezimo zamaphayona. Ibandla kufanele laziswe kahle ngawo wonke amalungiselelo enkonzo yasensimini. Imihlangano yenkonzo kufanele ihlelwe kahle futhi iqhutshwe kahle ngisho nalapho amabandla eba nomhlangano ngeSonto ekuseni. Ngaphezu kwalokho, kufanele kube nensimu eyanele bese ku-odwa ngokushesha omagazini kanye nezincwadi ezanele.
13 Hlela Isimiso Sakho Siqu Senkonzo: Umzalwane othile, owaqale wanqikaza ukuba iphayona elisizayo, wathi: “Kulula kakhulu kunalokho engangikucabanga. Kudinga nje isimiso esihle.” Ngemuva kulesi senezelo, uyasibona yini isimiso esiyisampula sephayona elisizayo esingase sibe wusizo kuwe? Kudingeka nje ukuba amaphayona asizayo enze amahora angu-15 kuphela enkonzweni isonto ngalinye.
14 Ukuze bakwazi ukukhonza njengamaphayona asizayo, omama bamakhaya nalabo abasebenza kusihlwa ngokuvamile bangakwazi ukuhlela ukuba izikhathi zasekuseni zibe ezenkonzo yasensimini. Izingane zesikole kanye nalabo abasebenza ebusuku ngokuvamile bangenza ukuba izikhathi zantambama zibe ezomsebenzi wokushumayela. Abasebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa baye bakwazi ukucela usuku olulodwa ngesonto noma ukusebenzisa zonke izimpelasonto enkonzweni, naphezu kokufakaza kusihlwa. Abaningi abakwazi ukwenza inkonzo yasensimini ngezimpelasonto kuphela bakhetha izinyanga ezinezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele. Kulonyaka, u-March unjalo, kanye no-August no-November. Usebenzisa isimiso esingagcwalisiwe esisekhasini 6 esinikezwe njengesiqondiso, cabangisisa kahle ngalokho okungase kube isimiso esikahle senkonzo yakho siqu ngokuvumelana nezimo zakho.
15 Enye inzuzo yaleli lungiselelo lokuba iphayona elisizayo ukuthi lingavunyelaniswa nezimo. Ungazikhetha izinyanga oyophayona ngazo, futhi ungakhonza kaningi ngendlela ofisa ngayo. Uma ungathanda ukuba iphayona elisizayo eliqhubekayo kodwa ungenakukwazi ukukwenza, wake wacabanga yini ngokweqisa inyanga eyodwa kuwo wonke unyaka? Ngakolunye uhlangothi, abanye bayakwazi ukukhonza njengamaphayona asizayo ngokuqhubekayo isikhathi esithile.
16 Ukuziqeqeshela Ukuba Iphayona Lesikhathi Esigcwele: Abaningi abanomoya wokuphayona bangathanda ukuba amaphayona avamile, kodwa abaqiniseki noma banaso yini isikhathi, izimo ezifanele noma amandla okukwenza. Ngokungangabazeki abaningi balabo manje abangamaphayona avamile baqale basebenzisa inkonzo yobuphayona obusizayo njengokuziqeqeshela umsebenzi wesikhathi esigcwele. Ngokwenezela nje ngehora elilodwa esimisweni sakho sokuba iphayona elisizayo, noma usuku olulodwa olugcwele isonto ngalinye, ungakwazi ukugcwalisa umgomo wamaphayona avamile. Ukuze ubone ukuthi ungakwazi yini ukukwenza, kungani ungazami ukwenza amahora angu-90 enkonzweni phakathi nenyanga eyodwa noma ngaphezulu ozobe uyiphayona elisizayo ngayo? Ngesikhathi esifanayo, uyobe wandisa izimpindelo kanye nezifundo zeBhayibheli, okuyokwenza ujabulele inkonzo yobuphayona ehlanganisa kahle zonke izici.
17 Omunye udade wajabulela ukuba iphayona elisizayo eliqhubekayo iminyaka eyisithupha. Ngaso sonke leso sikhathi kwakulokhu kuwumgomo wakhe ukungenela inkonzo yamaphayona avamile. Ukuze akufinyelele lokho, wazama imisebenzi yokuziphilisa emine ngethemba lokuthi uzokwazi ukuhlela izimo ngendlela yokuba akwazi ukuhlanganisa imfuneko yamahora angu-90 yamaphayona avamile. Inyanga ngayinye, wayebhala isimiso esisodwa noma ezimbili ukuze abale ukuthi kwakungenzeka yini. Kodwa lapho ezihlolisisa, waba nomuzwa wokuthi wayengenakukwazi ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Nakuba kunjalo, waqhubeka ecela isiqondiso sikaJehova. Khona-ke, ngolunye usuku lapho elungiselela uMhlangano Wenkonzo, wafunda isihloko esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1991 esasithi: “Kunokugcizelela ngokungafanele imfuneko yamahora, kungani ungagxilisi ukunakekela ethubeni elandayo lokuhlanganyela emsebenzini wokubutha? (Joh. 4:35, 36)” Uyalandisa: “Lomusho ngawufunda kahlanu noma kayisithupha, futhi ngangiqiniseka ukuthi lena kwakuyimpendulo evela kuJehova. Nganquma ngaleso sikhathi ukungenela inkonzo yamaphayona avamile.” Nakuba isikhathi somsebenzi wakhe oyitoho sasikwenza kungabi lula, wasifaka isicelo sokuba iphayona elivamile. Ngemva kwesonto isikhathi sashintshwa, wanikezwa amahora omsebenzi wokuziphilisa ayezomlungela kahle kakhulu. Waphetha, “Ingabe lesi akusona isandla sikaJehova?,” wabe esenezela: “Uma ucela isiqondiso sikaJehova futhi usithole, ungasenqabi—samukele.” Uma unesifiso esiqotho sokuba iphayona elivamile, mhlawumbe kuyothi kuphela izinyanga ezintathu zobuphayona obusizayo kulo-March, April no-May, uyobe usuqiniseka ukuthi nawe ungaphumelela enkonzweni yesikhathi esigcwele.
18 Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoyibusisa intshiseko yabantu bakhe futhi asekele imizamo yabo njengoba bememezela izindaba ezinhle zensindiso phakathi nalenkathi ekhethekile yomsebenzi. (Isaya 52:7; Roma 10:15) Ingabe uzosabela obizweni lokuba namaphayona asizayo angu-10 000 ngokuhlanganyela ngo-March? ngo-April? ngo-May?
[Ibhokisi ekhasini 3]
Indlela Yokuphumelela Njengephayona Elisizayo
■ Qiniseka ukuthi uzophumelela
■ Thandaza kuJehova ukuba abusise imizamo yakho
■ Cela omunye ummemezeli ukuba aphayone nawe
■ Yiba nesimiso senkonzo esisebenzisekayo
■ Faka i-oda lomagazini abanele
■ Sekela amalungiselelo ebandla enkonzo
■ Funa amathuba okufakaza ngokwethukela