Ingabe Singaphinda Sikwenze?—Kunesinye Isimemo Samaphayona Asizayo
1 Siphinde senzeni? Ingabe singaba amaphayona asizayo phakathi nenkathi yeSikhumbuzo? Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1997 sasenza sanaka isihloko esigqamile esithi: “Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10 000.” Sasiqiniseka ukuthi nizosithatha ngokungathi sína leso simemo. Lapho kuhlanganiswa umbiko wenkonzo ka-March 1997, sajabula ukuthola ukuthi kwakunabangu-8728 ababebhalisele inkonzo yobuphayona obusizayo! Uma senezela kulelo nani inani lamaphayona avamile angu-4803 nelamaphayona akhethekile angu-174 abika ngaleyo nyanga, sathola ukuthi amaphesenti angu-20 abo bonke abamemezeli abangaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika ayesenkonzweni yobuphayona. Ingabe singaphinda sikwenze kule nkathi yeSikhumbuzo?
2 Sibatusa ngokufudumele bonke abaye benza umzamo owengeziwe wokwandisa umsebenzi wabo wenkonzo yasensimini ngonyaka odlule. Ngokusobala, nonke nashukunyiswa uthando olungenabugovu ngoJehova uNkulunkulu nangomakhelwane benu. (Luka 10:27; 2 Pet. 1:5-8) Abamemezeli abanezimo ezihlukahlukene zokuphila báhlela izimo zabo ukuze babe amaphayona asizayo. Kwelinye ibandla, abamemezeli abangu-51 baphayona kanyekanye ngenyanga eyodwa, kuhlanganise neningi labadala, umama onendodakazi enezinyanga ezingu-15 ubudala, udade owayeka umsebenzi wabe esethola itoho ukuze akwazi ukuphayona kanye nodade osekhulile owayengakaze aphayone ngaphambili. Umbonisi wesifunda wabhala: “Kwenziwa umzamo omkhulu emsebenzini wokushumayela. . . . Lokhu akubi nomphumela ensimini kuphela kodwa nebandla linentshiseko emangalisayo. Abafowethu bajabulela ukwazana kangcono kanye nokubona imiphumela emihle enkonzweni.”
3 Intsha nayo yayingazibekile phansi ngonyaka odlule. Ummemezeli ongabhapathiziwe oneminyaka engu-13 ubudala e-United States wayelokhu ebheke phambili esikhathini lapho ayezobonakalisa khona ukuzinikezela kwakhe kuJehova. Ngemva kokubhapathizwa ngo-February, wabhala ngesifiso sakhe sokuba iphayona elisizayo ngo-March: “Njengoba kwakungasekho okwakungangivimba, ngasifaka ngokushesha isicelo sami. . . . Okuningi okuhlangenwe nakho okuhle esiye sakujabulela bekungeke kube khona ukube beningakhiphanga isimemo sothando sokuphayona. Ngiyambonga uJehova ngokuthola leli lungelo lokuba phakathi kwalabo abangu-100 000 [e-United States] abasabela.” Uye wazibekela umgomo wokuphinde aphayone.
4 Mhlawumbe wawuphakathi kwabangu-8728 abahlanganyela emsebenzini wobuphayona obusizayo ngo-March odlule, noma abangu-7264 ngo-April, noma abangu-4564 ngo-May. Ingabe ungaphinda ukwenze kulo nyaka? Uma ungazange ukwazi ukuphayona ngonyaka odlule, ungakwazi yini ukukwenza kulo nyaka? Ingabe singakwazi ukulidlula inani labangu-10 198 labathatha ubuphayona obusizayo ngo-April 1990? Kwakuyinani elikhulu kunawo wonke lamaphayona asizayo anoma iyiphi inyanga eyodwa lawo wonke amazwe angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika.
5 Gxila Ku-April Naku-May: Kulo nyaka, uSuku Lukamagazini olukhethekile luzoba ngoMgqibelo ngo-April 4, futhi iSikhumbuzo sizoba ngoMgqibelo ngo-April 11, okwenza inyanga ka-April ibe inyanga enhle kakhulu yokwenza okwengeziwe enkonzweni. (2 Kor. 5:14, 15) Phakathi nezinsuku ezingu-11 zokuqala zenyanga, sizogxila ekumemeni abantu abaningi ngangokunokwenzeka abanesithakazelo ukuba babe khona eSikhumbuzweni. Uma uhlela ukuba iphayona elisizayo, siza ufake isicelo sakho kusasele isikhathi esanele ngaphambi kosuku ofisa ukuqala ngalo.—1 Kor. 14:40.
6 Njengoba u-May enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, abamemezeli abasafunda esikoleni noma abasebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa bangase bakuthole kulula ukuba amaphayona asizayo ngaleyo nyanga. Ngokwenza isimiso sokusebenza amahora ayishumi enkonzweni yasensimini impelasonto ngayinye kulezi ezinhlanu, kungadingeka uhlele ukwenza amahora ayishumi nje kuphela engeziwe ngaleyo nyanga ukuze ufinyelele amahora angu-60 adingekayo.
7 Ngo-April nango-May, sizobe sihambisa izikhokhelo ze-Nqabayokulinda. Uma isikhokhelo singamukelwa, hambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki kanye namakhophi omagazini. Lokhu kufanele kushukumisele abengeziwe bethu ukuba benze umzamo wokuphayona. Kungani sisho kanjalo? Kulula ukuhambisa omagazini futhi kuyajabulisa ukubasebenzisa enkonzweni. Bangasetshenziswa kuzo zonke izici zenkonzo—endlini ngendlu nasezitolo, nalapho sixoxa nabantu emgwaqweni, ezindaweni zokupaka izimoto, emapaki nakwezinye izimo zokufakaza ngokwethukela. Okubaluleke nakakhulu, omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! basekela amaqiniso oMbuso. Benza abantu baqaphele ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli, banikeze ubufakazi bokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa. Futhi bathinta ukuphila kwabafundi ngokukhuluma ngendlela enokuqonda ngezidingo zangempela zabantu. Uma sicabanga ngendlela ukuphila kwethu okuye kwathintwa ngayo yilabo magazini abayigugu, sizoshukumiseleka ukuba sihlanganyele ekubasakazeni kabanzi ngangokunokwenzeka ngo-April nango-May.
8 Ukuze uzilungiselele lo msebenzi owandisiwe kamagazini, kuzokuzuzisa ukubukeza lezi zihloko: “INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Beqiniso Abafike Ngesikhathi” (INqabayokulinda ka-January 1, 1994), “Basebenzise Kahle Omagazini Bethu” (INkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1995), nesithi “Zilungiselele Intshumayelo Yakho Siqu Yokuhambisa Umagazini” (INkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996).
9 Abadala Bayahola: Kucatshangelwa abamemezeli abaningi ababephayona ngonyaka odlule, abadala kwelinye ibandla benza ukuba uMgqibelo owodwa ngenyanga ube usuku olukhethekile lomsebenzi wenkonzo lwalo lonke ibandla. Kwenziwa amalungiselelo okuhlangana izikhathi eziningana ezihlukahlukene phakathi nosuku, kunikezwa bonke ebandleni ithuba lokuhlanganyela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zokufakaza. Lokhu kwakuhlanganisa ukusebenza ezindaweni zamabhizinisi, ukufakaza emgwaqweni, ukungena indlu ngendlu, ukwenza izimpindelo, ukubhala izincwadi nokufakaza ngocingo. Kwaba nokusabela okuhle kakhulu, njengoba kwaba nabamemezeli abangu-117 abahlanganyela enkonzweni yasensimini phakathi nalolo suku. Bebonke basebenza amahora angu-521 enkonzweni futhi bahambisa omagazini, izincwajana ezingangomagazini nezincwadi ezingu-617! Injabulo yangalowo Mgqibelo yadlulela osukwini lwangeSonto, lapho kwaba nenani eliyingqopha-mlando eMhlanganweni Weningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda.
10 EMhlanganweni Wenkonzo ngamunye ngo-April nango-May, ibandla kuyofanele likhunjuzwe ukuthi imihlangano yenkonzo yasensimini izoqhutshwa nini futhi kuphi phakathi nesonto elilandelayo, ikakhulukazi uma kwenziwe amalungiselelo engeziwe ngaphandle kwalawo avamile. Amaphayona avamile kanye nabamemezeli abangewona amaphayona asizayo bakhuthazwa ukuba bawasekele la malungiselelo amaqembu uma izimo zabo zivuma.
11 Umbonisi wenkonzo kuzodingeka ahlangane nomzalwane owaba amasimu ukuze benze amalungiselelo okusebenza lawo angahlanganiswa njalo. Kungase kunakekelwe ngokwengeziwe ukuba kuphindelwe ezindlini okungatholwanga muntu kuzo futhi kufakazwe emigwaqweni nasezitolo. Kungase kugcizelelwe nokuba kufakazwe kusihlwa. Kufanele ku-odwe omagazini abanele bango-April nango-May njengoba kulindeleke ukuba kube nomsebenzi owandisiwe.
12 Abamemezeli Abaningi Bangafaneleka: Umusho wokuqala efomini lesicelo sobuphayona obusizayo uthi: “Ngenxa yothando lwami ngoJehova nesifiso sami sokusiza abanye ukuba bafunde ngaye nangezinjongo zakhe zothando, ngifisa ukwandisa ingxenye yami enkonzweni yasensimini ngokubhalisa njengephayona elisizayo.” Uthando ngoJehova nesifiso sokusiza abanye ngokomoya kuyisisekelo sokuzinikezela kwethu. (1 Thim. 4:8, 10) Ukuze umuntu afanelekele ukuba yiphayona elisizayo, kumelwe abe obhapathiziwe, onesimo esihle ebandleni futhi abe sesimweni sokunikela amahora angu-60 ngenyanga enkonzweni. Njengoba sonke sicabangela izimo zethu, ingabe abanye bethu abangakaze baphayone ngaphambili bangenza kanjalo kulo nyaka ngo-April noma ngo-May?
13 Abaningi emabandleni bangase baqaphele ukuthi nabo bangakwazi ukuphayona lapho bebona abanye abanezimo ezifana nezabo bebhalisa. Izingane zesikole, asebekhulile, abasebenza sikhathi sonke kuhlanganise nabadala nezinceku ezikhonzayo, kanye nabanye baye baphumelela ekubeni amaphayona asizayo. Owesifazane onakekela ikhaya, onezingane ezimbili futhi osebenza sikhathi sonke wakwazi ukufinyelela amahora angu-60, wahambisa omagazini abangu-108 futhi waqala izifundo zeBhayibheli ezintathu ngenyanga eyodwa ayeyiphayona elisizayo ngayo. Wakwenza kanjani lokho? Wasebenzisa isikhathi sakhe sokudla emsebenzini efakaza ensimini eseduze, wafakaza ngokubhala izincwadi, futhi wahlanganyela ekufakazeni ezindaweni zokupaka izimoto nasemgwaqweni. Futhi wayelusebenzisa ngokunenzuzo usuku ayengasebenzi ngalo isonto ngalinye ngokuhlanganyela nebandla enkonzweni yasensimini. Nakuba ekuqaleni ayecabanga ukuthi ubuphayona obusizayo babuwumgomo ongenakufinyeleleka, ngesikhuthazo sabanye nesimiso esisebenzisekayo, wazinqoba izithiyo.
14 UJesu waqinisekisa abafundi bakhe: “Ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Math. 11:30) Leso kwakuyisihloko sendaba ekhuthazayo ekuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1995. Silandisa ngodade owayesebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa ocindezela kakhulu. Ingabe wacabanga ukuthi wayengenakukwazi ukuba iphayona elisizayo? Cha. Empeleni, wakwazi ukuba iphayona elisizayo zinyanga zonke. Ngani? Ngoba waba nomuzwa wokuthi ukuphayona empeleni kwakumsiza ukuba abe olinganiselayo. Ukusiza abantu njengoba befunda iqiniso leBhayibheli nokubabona beshintsha ukuphila kwabo ukuze bamukeleke kuNkulunkulu kwakuwumthombo wenjabulo enkulu ekuphileni kwakhe okumatasa.—IzAga 10:22.
15 Noma ikuphi ukuzidela nokulungisa umuntu adinga ukukwenza ukuze aphayone kuvuzwa ngokucebile ngezibusiso azijabulelayo. Udade othile wabhala ngalokho okwenzeka kuye lapho eyiphayona elisizayo: “Kwangisiza ukuba ngiyeke ukucabanga ngami siqu futhi ngigxile ngokwengeziwe ekusizeni abanye. . . . Ngiyakutusa ukuba bakwenze labo abangase bakwazi ukukwenza.”
16 Kudinga Ukuhlela Okuhle: Ekhasini lokugcina lalesi senezelo, siphinde sanyathelisa izindlela eziyisibonelo ezazikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1997. Mhlawumbe enye yalezi ivumelana nezimo zakho. Njengoba uzibukeza, cabangela isimiso sakho esivamile somsebenzi wanyanga zonke. Imiphi imisebenzi yasekhaya engenziwa ngaphambi kokuba uqale ukuphayona noma engabekelwa eceleni okwesikhashana kuze kube ngemva kwalokho? Ungasinciphisa yini isikhathi osichitha kwezokuzijabulisa, ezokuzilibazisa, noma kwezinye izinhlobo zokuphola ozenzayo? Kunokucabanga ngamahora angu-60 adingekayo, zenzele isimiso sansuku zonke noma samasonto onke. Kudingeka amahora amabili kuphela ngosuku noma amahora angu-15 kuphela ngesonto ukuze ube iphayona elisizayo. Bheka izimiso eziyisibonelo, bese usebenzisa ipeni lomsizi, ubone ukuthi ungasihlela kanjani isimiso sakho siqu senkonzo esizovumelana kahle nawe nomkhaya wakho.
17 Ukusabela okuhle nokusekela okwengeziwe ibandla elakubonisa enkonzweni ngonyaka odlule kwandisa intshiseko yephayona elivamile elabhala: “Ngibonga kakhulu ngesikhuthazo senu sothando sokwenza umzamo owengeziwe wokusekela ubuphayona obusizayo. . . . Izimiso enizisikisele zisize abaningi ababengakaze baphayone ngaphambili ukuba babone ukuthi bangakwazi. . . . Ngijabula kakhulu ngokuba ingxenye yenhlangano kaJehova nokulandela ukuhola kothando kwesigqila esikholekile nesiqondayo esijabulayo.”
18 IzAga 21:5 ziyasiqinisekisa: “Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni.” IzAga 16:3 ziyasikhuthaza: “Gingqela kuJehova imisebenzi yakho, ukuze kuqiniswe amasu akho.” Yebo, ngokuhlanganisa uJehova ngomthandazo esinqumweni sethu nangokuncika ngokuqinile kuye ukuze asisize siphumelele, singaqiniseka ukuthi lokho esikuhlelile ngokuphathelene nobuphayona obusizayo kuzophumelela. Ngemva kokubona indlela esisebenza kahle ngayo isimiso sethu sobuphayona obusizayo inyanga eyodwa noma ezimbili, kungenzeka sikwazi ukuphawula ebhokisini elisefomini lesicelo sokuba iphayona elisizayo elithi: “Phawula lapha uma ufuna ukukhonza njengephayona elisizayo ngokuqhubekayo kuze kube yilapho usuthi awusenakuqhubeka.” Kungakhathaliseki ukuthi sinquma ukwenzani, singabheka phambili ekuthatheni ubuphayona obusizayo futhi ngo-August, lapho kuzobe kunezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele. Lapho siphetha unyaka wenkonzo ngo-August, kuyokwenziwa umzamo omkhulu wokuba wonke umuntu ahlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni.
19 UJesu waprofetha: “Obonisa ukholo kimi, lowo futhi uyokwenza imisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunalena.” (Joh. 14:12) Kuyilungelo elijabulisayo ukukhonza njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu ekugcwalisekeni okukhulu kwalesi siprofetho. Manje isikhathi sokushumayela izindaba ezinhle ngamandla amakhulu kunanini ngaphambili, sithengisisa ithuba lokwenza lo msebenzi. (1 Kor. 3:9; Kol. 4:5) Ukuhlanganyela kaningi ngangokunokwenzeka enkonzweni yobuphayona obusizayo kuyindlela enhle kakhulu yokufeza ingxenye yethu njengabamemezeli boMbuso. Silinde ngokulangazelela ukubona ukuthi izophakama kangakanani ingoma yokudumisa yamaphayona asizayo kule nkathi yeSikhumbuzo. (IHu. 27:6) Uma sicabanga ngemiphumela yangonyaka odlule, siyazibuza, ‘Ingabe singaphinda sikwenze?’ Siyaqiniseka ukuthi singakwenza!
[Ibhokisi ekhasini 3]
Ungaba Iphayona Elisizayo?
“Kungakhathaliseki izimo zakho siqu, uma ubhapathiziwe, unesimo esihle ebandleni, ungahlela ukuba uhlangabezane nemfuneko yamahora angama-60 ngenyanga enkonzweni yasensimini futhi ukholelwa ukuthi ungakhonza inyanga eyodwa noma ezengeziwe njengephayona elisizayo, abadala bebandla bayokujabulela ukucabangela isicelo sakho salelilungelo lenkonzo.”—Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, ikhasi 113-4.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Izimiso Zamaphayona Asizayo
Izindlela Eziyisibonelo Zokwenza Amahora Angu-15 Isonto Ngalinye Enkonzweni Yasensimini
Ekuseni—NgoMsombuluko Kuya NgeSonto
Usuku Isikhathi Amahora
NgoMsombuluko Ekuseni 2 1⁄2
NgoLwesibili Ekuseni 2 1⁄2
NgoLwesithathu Ekuseni 2 1⁄2
NgoLwesine Ekuseni 2 1⁄2
NgoLwesihlanu Ekuseni 2 1⁄2
NgoMgqibelo Ekuseni 2 1⁄2
NgeSonto Ingxenye Yosuku 2 1⁄2
Ingqikithi Yamahora:15
Izinsuku Ezimbili Ezigcwele
Kungase kukhethwe noma iziphi izinsuku ezimbiliphakathi nesonto
Usuku Isikhathi Amahora
NgoLwesithathu Usuku Lonke 7 1⁄2
NgoMgqibelo Usuku Lonke 7 1⁄2
Ingqikithi Yamahora:15
Izinsuku Ezimbili Kusihlwa Nempelasonto
Kungase kukhethwe noma iziphi izinsuku ezimbili kusihlwa phakathi nesonto
Usuku Isikhathi Amahora
NgoMsombuluko Kusihlwa 1 1⁄2
NgoLwesithathu Kusihlwa 1 1⁄2
NgoMgqibelo Usuku Lonke 8
NgeSonto Ingxenye Yosuku 4
Ingqikithi Yamahora:15
Ntambama Phakathi Nesonto NangoMgqibelo
ISonto lingase lisetshenziswe esikhundleni sanoma iluphi usuku
Usuku Isikhathi Amahora
NgoMsombuluko Ntambama 2
NgoLwesibili Ntambama 2
NgoLwesithathu Ntambama 2
NgoLwesine Ntambama 2
NgoLwesihlanu Ntambama 2
NgoMgqibelo Usuku Lonke 5
Ingqikithi Yamahora:15
Isimiso Sami Siqu Senkonzo
Nquma inani lamahora ozowenza isikhathi ngasinye
Usuku Isikhathi Amahora
NgoMsombuluko
NgoLwesibili
NgoLwesithathu
NgoLwesine
NgoLwesihlanu
NgoMgqibelo
NgeSonto
Ingqikithi Yamahora: 15