ISikhumbuzo—Isenzakalo Esibaluleke Kakhulu!
1 NgeSonto, ngo-March 23, ngemva kokushona kwelanga, sizogubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. (Luka 22:19) Ngempela, lesi isenzakalo esibaluleke kakhulu! Ngokugcina ubuqotho bakhe kuJehova aze afe, uJesu wabonisa ukuthi umuntu angakulondoloza ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele ngisho noma engaphansi kokucindezela okunzima, ngaleyo ndlela aphakamise ukufaneleka kobukhosi bukaJehova. (Heb. 5:8) Ngaphezu kwalokho, ukufa kukaKristu kwalungiselela umhlatshelo womuntu ophelele owawudingeka ukuze kuhlengwe isintu, kwenza kwaba nokwenzeka ngalabo ababonisa ukholo ukuba baphile phakade. (Joh. 3:16) Ngokuba khona eSikhumbuzweni, singabonisa ukwazisa kwethu okusuka enhliziyweni ngothando lukaJehova nangomhlatshelo kaJesu ngenxa yethu.
2 Sonke sikhuthazwa ukuba silandele isimiso sokufundwa kweBhayibheli esihlelelwe u-March 18-23, njengoba siphawulwe kuyi-Khalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1997. Kanti nengxoxo yomkhaya ngezahluko 112-16 zencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila iyosiza ukuba sigxilise ukunaka kwethu esontweni elibaluleke kakhulu emlandweni wesintu.
3 Ingabe ngenkathi yeSikhumbuzo ungasandisa isikhathi osichitha enkonzweni yasensimini? Abamemezeli abaningi bayozisebenzisa ngokugcwele izimpelasonto ezinhlanu ngo-March, bakhonze njengamaphayona asizayo. Kungani ungabi phakathi kwabo? Sonke singaba nengxenye egcwele ekugcizeleleni ukubaluleka kokuba khona eSikhumbuzweni. Njengoba siyoba ngeSonto, kuyoba lula ngabaningi ukuba babe khona. Qikelela ukuba umeme bonke abantu ofunda nabo iBhayibheli kanye nabanye abathakazelayo ukuba bahlanganyele nathi. Hlanganyela nabo lokho okushiwo ekhasini 127, isigaba 18, encwadini ethi Ulwazi ngokuphathelene nosuku olulodwa onyakeni okufanele lugujwe ngokukhethekile.
4 Lesi senzakalo esikhulu kunazo zonke sango-1997 sibheke ngokwazisa okujulile ngenxa yakho konke okushiwo ukufa kukaJesu kithi. Yiba khona ngobusuku bango-March 23, lapho amaKristu eqiniso yonke indawo egubha iSikhumbuzo ngokwethembeka.