Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/93 k. 8
  • Ukusiza Bonke Abaye Babonisa Isithakazelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusiza Bonke Abaye Babonisa Isithakazelo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uyayibusisa Imizamo Yethu Yokuba Khona ESikhumbuzweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Okusenza Sibe Khona ESikhumbuzweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • “Qhubekani Nikwenza Lokhu Ningikhumbula”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Siza Abanye Bazuze Esihlengweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 3/93 k. 8

Ukusiza Bonke Abaye Babonisa Isithakazelo

1 Phakathi no-March ukholo nothando lwethu ngabanye luyosishukumisela ukuba sisize futhi simemele eSikhumbuzweni bonke abaye babonisa isithakazelo esigijimini soMbuso. Abanjalo badinga ukuholelwa elungiselelweni likaJehova lensindiso, eligxile emhlatshelweni kaKristu wesihlengo.—Heb. 9:28.

2 Kuwumqondo omuhle ukwenza uhla lwalabo ofuna ukubamemela eSikhumbuzweni. Hlanganisa noma yibaphi abangezi njalo emihlanganweni kanye nalabo abake bafunda ngaphambili noma babonisa isithakazelo ngezinye izindlela. Ungabakhohlwa abangane bomshado abangakholwa namanye amalungu omkhaya. Ngemva kokwenza uhla lwakho, yenza umzamo okhethekile wokuhambela umuntu ngamunye. Ungase uthande ukucela abadala ukuba bakusize ekwenzeni okunye kwalokuhambela.

3 Yini ongase uyisho ekuhambeleni kwakho?

Ngemva kokubingelela okufudumele, ungase usho okuthile okunjengokuthi:

◼“Esikhathini esidlule, uye wabonisa isithakazelo ezintweni ezingokomoya, futhi ngicabange ukuthi uyosazisa lesimemo sesenzakalo esikhethekile. [Nikeza umninikhaya isimemo esinyathelisiwe seSikhumbuzo.] ISikhumbuzo sokufa kukaKristu siwukuphela kwesenzakalo iNkosi uJesu Kristu eyayala abalandeli bayo ukuba basikhumbule. Sibheke phambili ekubukezeni lokho uKristu akufeza ngokufa kwakhe nendlela esingazuza ngayo ukuphila okuphakade ngakho. Ngonyaka odlule, kwakukhona abangaphezu kwezigidi ezingu-11 kulomhlangano okhethekile. Ngiyokujabulela ukuhamba nawe kulonyaka.” Qiniseka ukuthi ubhala phansi isikhathi nendawo ibandla lakini eliyowugubha ngaso lomkhosi weSikhumbuzo. Futhi, sikisela ukulungiselela okokuhamba uma kudingekile.

4 Lapho abaqalayo ukuza beba khona eSikhumbuzweni, kufanele benziwe bazizwe bamukelekile. Basize ukuba bajwayelane nabamemezeli bebandla futhi ubethule kunoma yibaphi abantu abathakazelayo okungenzeka bahlala eduze namakhaya abo. Kuyobakhuthaza ukubona ukuthi abantu abaningi emphakathini wabo banesithakazelo eqinisweni. Bameme ukuba bahlale nomkhaya wakho phakathi nomkhosi weSikhumbuzo uma lokho kungenzeka.

5 Yebo, ukuba khona nje eSikhumbuzweni ngeke kubaqinisekise ngensindiso. Kodwa ngabaningi obamemayo, kungaba yisinyathelo sabo sokuqala ekuboniseni ukholo egazini likaJesu elathululwa. Lapho niphindela ekhaya nivela emhlanganweni, buza isivakashi ukuthi besingethande yini ukuba khona eMhlanganweni Weningi naseSifundweni se-Nqabayokulinda ngeSonto elilandelayo. Yiba nomusa futhi ube ngongenekayo. Menze azi ukuthi uzimisele ukusiza nganoma iyiphi indlela ongakwazi ngayo. Lapho eqala ngokushesha ukuhlanganyela nathi njalo, yilapho intuthuko yakhe engokomoya iyoshesha khona. Yeka injabulo nokwaneliseka esiyoba nakho ngokusinda “osizini olukhulu” kanye nabanye abaningi okungenzeka siye sakwazi ukubasiza!—IsAm. 7:9, 14.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela