Isigijimi Esifike Ngesikhathi
Njengoba kwamenyezelwa ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 1993, inkulumo ekhethekile yeningi yenkathi yeSikhumbuzo kulonyaka iyonikezwa ngo-March 28 emabandleni amaningi. Isigijimi sayo esifike ngesikhathi sithi “‘Izenzo ZikaNkulunkulu’—Uzibheka Kanjani?” Kufanele kwenziwe umzamo okhethekile wokumema bonke abantu abathakazelayo. Labo abayoba khona bangakhuthazwa ukuba babe khona emkhosini weSikhumbuzo ngo-April 6.