Ingabe UApril Uzoba Inyanga Ekhethekile Kuwe?
1 Ngokuvamile sibhekisela ezinyangeni zikaMarch noApril njengenkathi yeSikhumbuzo. Njengoba ukugujwa kweSikhumbuzo ngaso sonke isikhathi kuba ngalesikhathi sonyaka, abantu bakaJehova bashukunyiselwa ukuba bandise ukuhlanganyela kwabo enkonzweni yasensimini.
2 Abanye ababhalisa njengamaphayona asizayo ngoMarch bazoqhubeka futhi bajoyinwe nangabanye kulenkonzo eyandisiwe phakathi noApril. Uma ungase ukwazi ukuba nengxenye, isicelo sakho kumelwe silethwe ngokushesha.
3 Ngisho nalabo abangenakukwazi ukuphayona bangenza uApril inyanga ekhethekile ngokwandisa inkonzo yabo yasensimini. Ngokuqinisekile, kuningi okumelwe kwenziwe. Mhlawumbe abamemezeli bebandla bangamema abamemezeli abasha abangabhapathiziwe ukuba basebenze nabo ensimini. Kufanele kwenziwe umzamo owengeziwe wokumemela bonke abantu abathakazelayo eSikhumbuzweni ngoApril 17.
4 Ngokuba ngophaphamele ukwamukela abasha abakhona, ungase ukwazi ukuqalisa esinye isifundo seBhayibheli. Ngesibusiso sikaJehova emizamweni yakho eyandisiwe, inkonzo yakho izoba nezithelo futhi uApril uzoba inyanga ekhethekile kuwe.—IHu. 34:8; IzAga 10:22.