Inkathi YeSikhumbuzo—Ithuba Lomsebenzi Owengeziwe!
1. Sinaziphi izizathu zokucabangela ukwandisa inkonzo yethu phakathi no-March, u-April no-May?
1 Ungayandisa yini ingxenye yakho enkonzweni ngale nkathi yeSikhumbuzo ezayo? Abanye abamemezeli bayothatha iholidi emsebenzini nasesikoleni ukuze babe senkonzweni. Kusukela ngo-April 2, siyoba nomkhankaso wokumema abanesithakazelo ukuba babe nathi eSikhumbuzweni ngo-April 17. NgoMgqibelo ngo-April 16, kuyobe kuwuSuku Lukamagazini olukhethekile. Ngemva kweSikhumbuzo, siyolwela ukuhlakulela isithakazelo kulabo ababekhona futhi sibamemele enkulumweni ekhethekile eyonikezwa ngesonto ngo-April 25. Ngempela, kunezizathu eziningi zokucabangela ukwandisa inkonzo yethu phakathi no-March, u-April no-May.
2. Iyiphi enye indlela enhle kakhulu esingandisa ngayo inkonzo yethu?
2 Ukuba Yiphayona Elisizayo: Enye indlela enhle kakhulu yokwenza okwengeziwe, ukuba yiphayona elisizayo. Njengoba sonke simatasa, ngokuvamile lokhu kudinga ukuba sihlele kusenesikhathi futhi senze izinguquko esimisweni sethu. (IzAga 21:5) Mhlawumbe ungase uhlehlise izinto ezingabalulekile esimisweni sakho esivamile. (Fil. 1:9-11) Kungani ungakhulumi nabanye ebandleni ngesifiso sakho sokuphayona ukuze ubone ukuthi bangahlanganyela yini nawe ekuphayoneni?
3. Imikhaya ingakuhlela kanjani ukwandisa inkonzo yayo?
3 Phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya, kungaba kuhle ukuxoxa ngemigomo yenu njengomkhaya. (IzAga 15:22) Ngokubambisana, mhlawumbe amanye amalungu omkhaya angaba amaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu. Kuthiwani uma ubona ukuthi lokhu akunakwenzeka? Umkhaya ungahlela ukuba wandise ingxenye yawo ngokuhlanganyela enkonzweni ntambama noma ngokuchitha isikhathi esengeziwe ngezimpelasonto.
4. Yiziphi izibusiso esiyozithola ngokwandisa inkonzo yethu ngenkathi yeSikhumbuzo?
4 UJehova ukuqaphela konke esikwenzayo ukuze simkhonze futhi uyakwazisa ukuzidela kwethu. (Heb. 6:10) Injabulo itholakala ngokupha uJehova nabanye. (1 IziKr. 29:9; IzE. 20:35) Ungayandisa yini inkonzo yakho kule nkathi yeSikhumbuzo futhi uthole injabulo eyengeziwe nezibusiso?