Uzoba Yini Iphayona Elisizayo?
1. Kungani inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esihle sokwandisa inkonzo yethu?
1 Inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esihle sokwandisa inkonzo yethu. Iyisikhathi esicabanga ngaso ngothando olukhulu uJehova alubonisa ngokunikela ngeNdodana yakhe njengesihlengo. (Joh. 3:16) Lokhu kwenza izinhliziyo zethu zichichime ukwazisa, kujulise isifiso sethu sokutshela abanye ngoJehova nangalokho akwenzela isintu. (Isaya 12:4, 5; Luka 6:45) Kanti futhi iyisikhathi lapho siba khona nomkhankaso okhethekile wokumema abantu esibajwayele kanye nalabo abasensimini yethu ukuba babe kanye nathi eSikhumbuzweni. Ngemva kwalokho, silwela ukuthuthukisa isithakazelo salabo abasuke bekhona. Uzoyandisa yini inkonzo yakho ngokuba iphayona elisizayo ngo-March, April, noma ngo-May?
2. Yini eyenza u-March abe inyanga enhle kakhulu yokuba iphayona elisizayo?
2 Yenza U-March Abe Inyanga Ekhethekile: U-March uyoba inyanga enhle kakhulu yokuba iphayona elisizayo. Labo ababhalisayo bangakhetha ukuthi bazokwenza amahora afunekayo angu-30 noma angu-50. Uma nizohanjelwa umbonisi wesifunda phakathi no-March, amaphayona asizayo angaba khona kuwo wonke umhlangano aba nawo namaphayona avamile nakhethekile. Umkhankaso wokusakaza izimemo zeSikhumbuzo esiyoba ngoLwesibili, March 26, 2013, uye wanwetshwa kunowangonyaka odlule futhi uyoqala ngo-March 1. Ngaphezu kwalokho, u-March unezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele. Khona-ke, kungani ungakucabangeli ngokujulile ukuthi awunakuhlanganyela yini ekwenzeni le nyanga ibe ekhetheke ngempela kulo nyaka?
3. Singazenza kanjani izinhlelo zokwandisa inkonzo yethu?
3 Hlela Manje: Manje isikhathi sokubukeza isimiso sakho ukuze ubone ukuthi yini ongayenza ukuze uphayone. Ukubambisana komkhaya kubalulekile, ngakho phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya, yibani nesikhathi sokuxoxa ngemigomo yenu futhi nizenzele nesimiso. (IzAga 15:22) Uma ungenakukwazi ukuba iphayona elisizayo, ungadikibali. Ungasihlela yini isimiso sakho ukuze ukwazi ukuchitha isikhathi esithe xaxa ngezinsuku oya ngazo ensimini? Ungakwazi yini ukunezela usuku olulodwa phakathi nesonto enkonzweni yasensimini?
4. Iziphi izinzuzo esiyozithola ngokwandisa inkonzo yethu ngo-March, April nango-May?
4 Njengoba sandisa inkonzo yethu ngo-March, April nango-May, siyokwandisa injabulo nokwaneliseka esikuthola ngokukhonza uJehova nangokupha abanye. (Joh. 4:34; IzE. 20:35) Okubaluleke nakakhulu, imizamo yethu yokuzidela iyokwenza uJehova ajabule.—IzAga 27:11.