Hlela Manje Ukwandisa Inkonzo Yakho
1. Yini ephawulekayo ngenkathi yeSikhumbuzo, futhi singayilungela kanjani?
1 Inkathi yeSikhumbuzo ngayinye isinika amathuba amasha ‘okudumisa kakhulu uJehova.’ (IHu. 109:30) Ungayandisa yini inkonzo yakho ngo-March ukuze ubonise ukwazisa kwakho uMlungiseleli wesihlengo? Manje isikhathi sokwenza izinhlelo.—IzAga 21:5.
2. Wena kanye nabanye nasabela kanjani kuleli lungiselelo lokuncishiswa kwamahora amaphayona asizayo ngo-April nyakenye?
2 Ubuphayona Obusizayo: Ngonyaka odlule amabandla ajabula kakhulu lapho ezwa ngelungiselelo lobuphayona obusizayo ngo-April obabunamahora ancishisiwe. Omunye umzalwane wabhala: “Ngisesesikoleni samabanga aphakeme futhi ngikuthole kunzima ukuba ngibe yiphayona elivamile. Kodwa ngizoba yiphayona elisizayo ngaphansi kwelungiselelo lamahora angu-30 bese ngilwela ukuhlanganisa angu-50 ngenyanga ka-April.” Udade osebenza isikhathi esigcwele wabhala: “Amahora angu-30—angafinyeleleka kalula!” Lapho kwenziwa isaziso ngaleli lungiselelo, othile owayeyiphayona, manje oseseminyakeni yawo-80, wathi: “Kade ngikulangazelela lokhu! UJehova ubazi ukuthi inkathi yokuphayona yayingejabulisa kakhulu ekuphileni kwami!” Abangakwazanga ukuphayona bazibekela imigomo yokwenza okwengeziwe enkonzweni.
3. Iziphi izizathu ezikhona zokucabangela ubuphayona obusizayo ngo-March, April nango-May?
3 U-March uzoba inyanga enhle kakhulu yokuba yiphayona elisizayo ngoba sizophinde sibe nethuba lokukhetha phakathi kwamahora ayimfuneko angu-30 noma angu-50. Ngaphezu kwalokho, kusukela ngoMgqibelo, ngo-March 17, siyohlanganyela emkhankasweni okhethekile wokumema abanye ukuba babe kanye nathi eSikhumbuzweni ngo-April 5. Abaningi bazoyijabulela kakhulu ingxenye yabo eyandisiwe enkonzweni kangangokuba bazofuna nokuba amaphayona asizayo ngo-April nango-May, bahlanganise amahora angu-50 ayimfuneko.
4. Singayandisa kanjani ingxenye yethu enkonzweni, futhi ube yini umphumela?
4 EkuKhulekeleni Komkhaya okulandelayo, kungani ningaxoxi ngendlela omunye nomunye angayandisa ngayo inkonzo phakathi nenkathi yeSikhumbuzo? (IzAga 15:22) Celani uJehova ukuba abusise imizamo yenu. (1 Joh. 3:22) Njengoba nandisa ingxenye yenu enkonzweni, ngeke nje nenezele ekudumiseni uJehova kodwa niyokwandisa nenjabulo yenu.—2 Kor. 9:6.