Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/12 k. 1
  • Hlela Manje Ukwandisa Inkonzo Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hlela Manje Ukwandisa Inkonzo Yakho
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yenza Le Nkathi YeSikhumbuzo Ibe Ejabulisayo!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Uzoba Yini Iphayona Elisizayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Memezela Kabanzi Ubuhle BukaJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Amathuba Engeziwe Okudumisa UJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 2/12 k. 1

Hlela Manje Ukwandisa Inkonzo Yakho

1. Yini ephawulekayo ngenkathi yeSikhumbuzo, futhi singayilungela kanjani?

1 Inkathi yeSikhumbuzo ngayinye isinika amathuba amasha ‘okudumisa kakhulu uJehova.’ (IHu. 109:30) Ungayandisa yini inkonzo yakho ngo-March ukuze ubonise ukwazisa kwakho uMlungiseleli wesihlengo? Manje isikhathi sokwenza izinhlelo.—IzAga 21:5.

2. Wena kanye nabanye nasabela kanjani kuleli lungiselelo lokuncishiswa kwamahora amaphayona asizayo ngo-April nyakenye?

2 Ubuphayona Obusizayo: Ngonyaka odlule amabandla ajabula kakhulu lapho ezwa ngelungiselelo lobuphayona obusizayo ngo-April obabunamahora ancishisiwe. Omunye umzalwane wabhala: “Ngisesesikoleni samabanga aphakeme futhi ngikuthole kunzima ukuba ngibe yiphayona elivamile. Kodwa ngizoba yiphayona elisizayo ngaphansi kwelungiselelo lamahora angu-30 bese ngilwela ukuhlanganisa angu-50 ngenyanga ka-April.” Udade osebenza isikhathi esigcwele wabhala: “Amahora angu-30—angafinyeleleka kalula!” Lapho kwenziwa isaziso ngaleli lungiselelo, othile owayeyiphayona, manje oseseminyakeni yawo-80, wathi: “Kade ngikulangazelela lokhu! UJehova ubazi ukuthi inkathi yokuphayona yayingejabulisa kakhulu ekuphileni kwami!” Abangakwazanga ukuphayona bazibekela imigomo yokwenza okwengeziwe enkonzweni.

3. Iziphi izizathu ezikhona zokucabangela ubuphayona obusizayo ngo-March, April nango-May?

3 U-March uzoba inyanga enhle kakhulu yokuba yiphayona elisizayo ngoba sizophinde sibe nethuba lokukhetha phakathi kwamahora ayimfuneko angu-30 noma angu-50. Ngaphezu kwalokho, kusukela ngoMgqibelo, ngo-March 17, siyohlanganyela emkhankasweni okhethekile wokumema abanye ukuba babe kanye nathi eSikhumbuzweni ngo-April 5. Abaningi bazoyijabulela kakhulu ingxenye yabo eyandisiwe enkonzweni kangangokuba bazofuna nokuba amaphayona asizayo ngo-April nango-May, bahlanganise amahora angu-50 ayimfuneko.

4. Singayandisa kanjani ingxenye yethu enkonzweni, futhi ube yini umphumela?

4 EkuKhulekeleni Komkhaya okulandelayo, kungani ningaxoxi ngendlela omunye nomunye angayandisa ngayo inkonzo phakathi nenkathi yeSikhumbuzo? (IzAga 15:22) Celani uJehova ukuba abusise imizamo yenu. (1 Joh. 3:22) Njengoba nandisa ingxenye yenu enkonzweni, ngeke nje nenezele ekudumiseni uJehova kodwa niyokwandisa nenjabulo yenu.—2 Kor. 9:6.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela