Yenza Le Nkathi YeSikhumbuzo Ibe Ejabulisayo!
1. Iyiphi enye indlela yokwandisa injabulo yakho kule nkathi yeSikhumbuzo?
1 Ungathanda yini ukwandisa injabulo yakho ngo-March, ngo-April nango-May? Enye indlela yokwenza lokho ukwandisa inkonzo yakho ngokuba iphayona elisizayo uma kungenzeka. Lokhu kuyoyandisa kanjani injabulo yakho?
2. Ukwandisa inkonzo yethu kuyoyandisa kanjani injabulo yethu?
2 Yandisa Injabulo Yakho: UJehova wasidala ngendlela yokuba sithole injabulo nokwaneliseka ekumkhulekeleni njengoba sanelisa isidingo esingokomoya esizalwa naso. (Math. 5:3) Wasenza nangendlela yokuba sithole injabulo ngokupha abanye. (IzE. 20:35) Inkonzo isinika ithuba lokuba sikwenze kokubili—ukukhulekela uNkulunkulu nokusiza abantu. Yingakho ukwandisa ingxenye enkonzweni kusinika injabulo eyengeziwe. Ngaphezu kwalokho, lapho siqhubeka sishumayela ikhono lethu liyololeka. Njengoba siba nekhono, sakha ukuzethemba futhi sinciphise uvalo. Siyoba namathuba engeziwe okunikeza ubufakazi nokuqala izifundo zeBhayibheli. Konke lokhu kwenza inkonzo ijabulise nakakhulu.
3. Kungani u-March no-April beyizinyanga ezikahle kakhulu zokuba amaphayona asizayo?
3 U-March no-April bayoba izinyanga ezikahle kakhulu uma sifuna ukuba amaphayona asizayo ngoba singakwazi ukukhetha ukwenza amahora angu-30 noma angu-50. Ngaphezu kwalokho, kusukela ngoMgqibelo ka-March 22 kuze kube iSikhumbuzo, ngoMsombuluko ka-April 14, siyohlanganyela emkhankasweni ojabulisayo wokumemela abantu eSikhumbuzweni. Amabandla ayobe esebenza ngesasasa njengoba abaningi beyobe belinganisene “ihlombe nehlombe” emizamweni yokuhlanganisa insimu eningi ngangokunokwenzeka ngesikhathi esibekiwe.—Zef. 3:9.
4. Uma sifuna ukuba amaphayona asizayo, yini okufanele siyenze?
4 Lungiselela Manje: Uma ungakakwenzi lokho, zinike isikhathi sokuhlola isimiso sakho ukuze ubone ukuthi yiluphi ushintsho ongalwenza ukuze wandise inkonzo yakho kwenye yalezi zinyanga noma zombili. Thandaza ngakho. (Jak. 1:5) Khuluma ngakho nomkhaya wakho nabanye ebandleni. (IzAga 15:22) Ungase uthole ukuthi ngisho noma ugula noma usebenza nsuku zonke, ungakwazi ukuthola injabulo etholakala ngokuba iphayona elisizayo.
5. Uyoba yini umphumela uma sandisa inkonzo yethu ngenkathi yeSikhumbuzo?
5 UJehova ufuna ukuba izinceku zakhe zijabule. (IHu. 32:11) Ukuzikhandla kwethu ekwandiseni inkonzo yethu kule nkathi yeSikhumbuzo, ngeke kugcine ngokwandisa injabulo yethu kodwa kuyojabulisa noBaba wethu osezulwini.—IzAga 23:24; 27:11.