Zingane—Nisenza Sijabule!
1 Bafana namantombazane abasebasha, ingabe nijwayelene nomyalo kaJehova wokuba nihlanganiswe ezintweni ezenziwa yibandla? (Dut. 31:12; IHu. 127:3) Kuyinjabulo ukuba nani eceleni kwethu njengoba sikhulekela uJehova ndawonye! Nenza izinhliziyo zethu zijabule lapho nihlala nithule emihlanganweni futhi nilalelisise. Sijabula ngokukhethekile lapho nizama ukuphendula ngamazwi enu siqu. Lonke ibandla liyajabula lapho ninikela izingxenye enizabelwe eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, lapho nihlanganyela nathi ngentshiseko enkonzweni yasensimini, nalapho sizwa ukuthi nifakaza ngesibindi kwenifunda nabo nakothisha.—IHu. 148:12, 13.
2 Sifuna nazi ukuthi siyaziqhenya ngani lapho sibona isimilo senu, ukubukeka kwenu okucocekile, ukuziphatha kwenu okumsulwa nokuhlonipha kwenu abantu abadala. Sijabula ngokukhethekile lapho nibonisa ukuthi ‘nikhumbula uMdali wenu’ ngokuzibekela imigomo engokomoya.—UmSh. 12:1; IHu. 110:3.
3 Sitsheleni Imigomo Yenu: Omunye umfana oneminyaka engu-8 ubudala wathi kumbonisi wesigodi: ‘Okokuqala ngingathanda ukubhapathizwa, futhi ngingathanda ukusiza ebandleni ngesimiso se-sound nokunakekela izikhulisa-zwi (microphones), ngibe umlindi, ngisize ezincwadini, ngifunde izigaba ezifundweni zencwadi naseZifundweni Ze-Nqabayokulinda. Futhi ngingathanda ukuba inceku ekhonzayo, bese ngiba umdala. Ngingathanda nokuba iphayona bese ngiya esikoleni samaphayona. Futhi ngingathanda ukuya eBethel, ngibe umbonisi wesifunda noma wesigodi.’ Yeka ukwazisa okuhle akubonisa ngelungelo lokukhonza uNkulunkulu!
4 Njengoba nithuthuka ngokomzimba nangokomoya, siyajabula ukunibona nifinyelela imigomo yenu. (Qhathanisa noLuka 2:52.) Unyaka ngamunye, izinkulungwane zenu ziba abamemezeli abangabhapathiziwe bese zifanelekela ubhapathizo zibe izinceku zikaJehova ezizinikezele. Injabulo yethu iyanda lapho sinibona ngemva kwalokho niba amaphayona asizayo futhi nize ningenele ngisho nenkonzo yesikhathi esigcwele. Ngokuqinisekile, zingane, nisenza sijabule futhi niyisizathu esihle sokudumisa uBaba wethu osezulwini. Kwangathi uJehova anganibusisa ngokucebile!—IzAga 23:24, 25.