ISAHLUKO 10
Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
LAPHO kufika isikhathi sokuba uJesu athume abafundi bakhe njengabashumayeli bezindaba zoMbuso, wathi: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa.” Kwakunomsebenzi omkhulu okwakumelwe wenziwe, ngakho wenezela: “Ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Math. 9:37, 38) UJesu watshela abafundi indlela yokufeza inkonzo yabo. Amazwi akhe ayenomuzwa wokuphuthuma: “Ngeke neze niqede ukujikeleza imizi yakwa-Israyeli ingakafiki iNdodana yomuntu.”—Math. 10:23.
2 Nanamuhla, mningi umsebenzi okumelwe wenziwe enkonzweni yasensimini. Izindaba ezinhle zoMbuso kumelwe zishunyayelwe ngaphambi kokuba kufike ukuphela, futhi isikhathi siyaphela! (Marku 13:10) Njengoba insimu kuyizwe, sibhekene nesimo esifana naleso uJesu nabafundi bakhe ababebhekene naso, kodwa ngezinga elikhulu. Simbalwa uma siqhathaniswa nezigidigidi zabantu emhlabeni, kodwa singaqiniseka ukuthi uJehova uzosisiza. Izindaba ezinhle zoMbuso zizoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba, futhi ngesikhathi sikaJehova esifanele, ukuphela kuzofika. Ingabe sizobeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu ukuze sifeze inkonzo yethu ngokugcwele? Ukuze senze kanjalo, yimiphi imigomo engokwasezulwini esingayiphishekela?
3 Lapho uJesu eveza lokho uJehova akucela ezincekwini zakhe ezizinikezele, wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.” (Marku 12:30) Kudingeka siyenze ngomphefumulo wonke inkonzo yethu kuNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi sibonisa ukujula kokuzinikela kwethu nobuqotho bokuzinikezela kwethu ngokwenza konke okusemandleni ethu enkonzweni kaJehova. (2 Thim. 2:15) Ngamunye wethu uvulekelwe amathuba amaningi, kuye ngezimo namakhono akhe. Ake uzwe ukuthi yimaphi amanye ala mathuba, bese unquma ukuthi yimiphi imigomo engokwasezulwini ozoyiphishekela ukuze uwathole.
UKUKHONZA NJENGOMMEMEZELI WEBANDLA
4 Bonke abamukela iqiniso banelungelo lokumemezela izindaba ezinhle. Lona umsebenzi oyisisekelo uJesu awunika abafundi bakhe ukuba bawenze. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ngokuvamile umfundi kaJesu Kristu uqala ukuxoxa nabanye ngezindaba ezinhle ngokushesha nje lapho ezizwa. Yilokho okwenziwa u-Andreya, uFiliphu, uKorneliyu nabanye. (Joh. 1:40, 41, 43-45; lzE. 10:1, 2, 24; 16:14, 15, 25-34) Ingabe lokhu kusho ukuthi umuntu angaxoxa ngezindaba ezinhle nabanye ngisho nangaphambi kokuba abhapathizwe? Yebo! Ngokushesha nje lapho umuntu efanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe ebandleni, uvulekelwa ithuba lokuhlanganyela ekushumayeleni endlini ngendlu. Angase ahlanganyele nakwezinye izici zenkonzo yasensimini, kuye ngekhono nezimo zakhe.
5 Ngemva kokuba ummemezeli ebhapathiziwe, akuthandabuzwa ukuthi uba nesifiso sokwenza konke angakwenza ukuze asize abanye bezwe izindaba ezinhle. Abesilisa nabesifazane ngokufanayo banelungelo lokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Sibusisiwe ngokuba ngisho nanengxenye encane nje ekusekeleni uMbuso kaNkulunkulu. Noma ubani ongase andise inkonzo yakhe ukuze ahlanganise nezinye izici zenkonzo uyojabula ngempela.
UKUKHONZA LAPHO KUNENDINGEKO ENKULU KHONA
6 Kungenzeka ukuthi insimu yebandla lakini isetshenzwa njalo futhi inikezwa ubufakazi obuhle. Uma kunjalo, ungase ube nomuzwa wokuthi ungandisa inkonzo yakho ngokuthuthela lapho kunendingeko enkulu khona ensimini. (lzE. 16:9) Uma ungumdala noma uyinceku ekhonzayo njengamanje, kungenzeka ukuthi kunebandla elingalujabulela usizo lwakho. Umbonisi wenu wesigodi angase asikisele ukuthi ungalisiza kanjani elinye ibandla elisesigodini senu. Uma ufisa ukukhonza kwenye indawo ezweni lakini, ihhovisi legatsha lingakusiza.
7 Ingabe ungathanda ukukhonza kwelinye izwe? Uma kunjalo, kudingeka ucabangisise kahle ngaphambi kokuba uthuthe. Kunganjani uxoxe ngale ndaba nabadala basebandleni lakini? Ukuthuthela kwelinye izwe nakanjani kuyoba nomphumela othile kuwe nakunoma ubani oyohamba nawe. (Luka 14:28) Uma ungahlosile ukuhlala isikhathi eside, kungase kube ngcono ukucabangela ukukhonza endaweni esezweni lakini.
8 Kwamanye amazwe, abazalwane abasetshenziswa ezikhundleni zokwengamela basebasha eqinisweni. Abazalwane abathobekile bakulezo zindawo bazimisele ukudedela abadala abangomakad’ ebona abathuthela emabandleni abakuwo ukuba bahole. Uma ungumdala futhi ucabangela ukuthuthela ezweni elinjalo, khumbula ukuthi umgomo wakho awukona ukukhonza esikhundleni sabazalwane balapho, kodwa ukukhonza kanye nabo. Bakhuthaze ukuba bazame ukufinyelela amalungelo enkonzo futhi bamukele imithwalo yemfanelo yebandla. (1 Thim. 3:1) Bekezela uma izinto ezithile zingenziwa ngendlela ezenziwa ngayo ezweni lakini. Sebenzisa ulwazi onalo njengomdala ukuze ube usizo lwangempela kubazalwane. Kuyothi uma kufika isikhathi sokuba uphindele ezweni lakini, abadala bendawo bayobe besesimweni esihle sokunakekela ibandla.
9 Ngaphambi kokuba ihhovisi legatsha likunike amagama amabandla angazuza osizweni lwakho, iKomiti Yenkonzo Yebandla lakini kuyodingeka ibhale incwadi yokukutusa. Le ncwadi iyadingeka kungakhathaliseki ukuthi ungumdala, uyinceku ekhonzayo, uyiphayona, noma ungummemezeli. Ikomiti yenkonzo iyothumela incwadi yokukutusa kanye nemibuzo yakho ngokuqondile ehhovisi legatsha lezwe ofisa ukukhonza kulo.
UKUSHUMAYELA NGOLUNYE ULIMI
10 Ukuze wandise inkonzo yakho, ungase uthande ukucabangela ukufunda olunye ulimi, kuhlanganise nolimi lwezandla. Uma unomgomo wokufunda ukushumayela ngolunye ulimi, kunganjani ukhulume nabadala nombonisi wesigodi? Bangakunika amacebiso nesikhuthazo osidingayo. Ziqondiswa yihhovisi legatsha, ezinye izigodi ziye zahlela ukuba kube khona amakilasi okufunda ulimi ukuze kuqeqeshwe abamemezeli namaphayona anekhono bakwazi ukushumayela ngolunye ulimi.
INKONZO YOKUPHAYONA
11 Bonke abamemezeli kufanele bazazi izimfuneko zokuba iphayona elisizayo, elivamile nelikhethekile nezinye izinhlobo zenkonzo yesikhathi esigcwele. Iphayona kumelwe libe umKristu obhapathiziwe, oyisibonelo, ozimo zakhe ziyamvumela ukuba achithe inani lamahora athile eshumayela izindaba ezinhle. IKomiti Yenkonzo Yebandla iyona egunyaza izicelo zenkonzo yamaphayona asizayo navamile, kanti amaphayona akhethekile amiswa yihhovisi legatsha.
12 Amaphayona asizayo angase amiswe isikhathi esingangenyanga, izinyanga ezilandelanayo noma aqhubeke isikhathi esinganqunyiwe, kuye ngezimo zawo. Abamemezeli boMbuso abaningi bayakujabulela ukukhonza njengamaphayona asizayo ngezikhathi ezikhethekile, njengangenkathi yeSikhumbuzo noma ngenyanga okuhambele ngayo umbonisi wesigodi. Abanye bakhetha ukuphayona ngezinyanga zamaholidi. Abamemezeli ababhapathiziwe abasafunda esikoleni bangase bathande ukubhalisa njengamaphayona asizayo lapho bevalile. Abamemezeli bangakhetha ukuba amaphayona asizayo enza amahora ancishisiwe njalo ngoMashi nango-Ephreli nangenyanga yokuhanjelwa umbonisi wesigodi. Noma ngabe izimo zakho zinjani, uma ukuziphatha nemikhuba yakho kukuhle, uma ungahlela ukuhlangabezana nemfuneko yamahora athile, futhi uma ukholelwa ukuthi ungakwazi ukuchitha inyanga noma ngaphezulu uyiphayona elisizayo, abadala bayokujabulela ukucabangela isicelo sakho saleli lungelo lenkonzo.
13 Ukuze ufanelekele ukuba iphayona elivamile, kumelwe kube ukuthi usesimweni sokufinyelela amahora onyaka ayimfuneko. Njengephayona elivamile, kuyodingeka usebenzelane eduze nebandla lakini. Amaphayona ashisekayo ayisibusiso ebandleni, enza nabanye bayishisekele inkonzo yasensimini futhi aze abakhuthaze ukuba bangenele inkonzo yokuphayona. Nokho, ngaphambi kokuba ufake isicelo sokuba iphayona elivamile, kumelwe ube ummemezeli oyisibonelo, osebhapathizwe okungenani izinyanga eziyisithupha.
14 Amaphayona akhethekile ngokuvamile akhethwa phakathi kwamaphayona avamile azibonise ephumelela enkonzweni. Kumelwe akwazi ukukhonza nomaphi lapho ihhovisi legatsha likhetha ukuwabela khona. Ngokuvamile kuba izindawo eziqhelile lapho engathola khona abantu abafisa ukufunda iqiniso futhi akhe amabandla amasha. Ngezinye izikhathi amaphayona akhethekile abelwa emabandleni adinga usizo ekuqedeni insimu yawo. Amanye amaphayona akhethekile angabadala aye abelwa ukuba asize amabandla amancane, ngisho noma singekho isidingo sezisebenzi ezengeziwe ensimini. Amaphayona akhethekile athola imadlana encane ukuze anakekele izindleko zokuphila. Amanye amiswa njengamaphayona akhethekile esikhashana.
IZITHUNYWA ZEVANGELI EZISENSIMINI
15 IKomiti Yenkonzo YeNdikimba Ebusayo imisa izithunywa zevangeli ezisensimini, ngemva kwalokho iKomiti Yegatsha yezwe lakubo izabela ukuba zikhonze ezindaweni ezinabantu abaningi. Zifeza okuhle kakhulu ekuqiniseni umsebenzi wokushumayela nemisebenzi ehlukahlukene yebandla. Ngokuvamile izithunywa zevangeli ezisensimini zisuke ziqeqeshwe eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Zinikezwa izindawo zokuhlala nemadlana encane ukuze zinakekele izindleko zokuphila.
UMSEBENZI WOKUJIKELEZA
16 Labo abamiswa yiNdikimba Ebusayo njengababonisi besigodi bayaqeqeshwa futhi bazuze ulwazi ngokuqale bakhonze njengababambeli bababonisi besigodi. Amadoda anjalo ayayithanda inkonzo futhi ayabathanda nabafowabo. Angamaphayona ashisekayo, abafundi beBhayibheli abakhuthele nezikhulumi nabafundisi abaphumelelayo. Enza kahle kakhulu ekuboniseni izithelo zomoya, futhi abonisa ukulinganisela, ukucabangela nokuqonda. Uma umzalwane eshadile, umkakhe oyiphayona uyisibonelo ngokuziphatha kwakhe nokusebenzelana kwakhe nabanye. Ungumshumayeli ophumelelayo. Uyayiqonda nendima yakhe njengenkosikazi ethobekile engumKristu, akakhulumeli umyeni wakhe noma abe ungqo shishilizi ezingxoxweni. Ababonisi besigodi nomkabo banomsebenzi okhandlayo, ngakho labo abafuna ukufinyelela leli lungelo lenkonzo kumelwe babe abaphile kahle. Amaphayona awasifaki isicelo sokungenela inkonzo yokujikeleza. Kunalokho, atshela umbonisi wawo wesigodi ngesifiso sawo sokujikeleza, yena uyowanika amacebiso.
IZIKOLE EZINGOKWASEZULWINI
17 ISikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso: Kunesidingo sabashumayeli bevangeli loMbuso abengeziwe abazohlanganisa amasimu angasetshenzwa njalo futhi basekele amabandla ngokomoya. Ngakho-ke abazalwane abangashadile, odade abangashadile nalabo abashadile bangase bafake isicelo sokuba bathole ukuqeqeshwa okukhethekile eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Ngemva kokuqeqeshwa, bathunywa ukuba bayokhonza njengamaphayona avamile lapho kunendingeko khona ezweni lakubo. Nokho, labo abangazenza batholakale bangase banikezwe ezinye izabelo emazweni akubo noma kwamanye. Abambalwa bangase bathunyelwe njengamaphayona akhethekile esikhashana noma esikhathi esigcwele. Amaphayona anesifiso sokuya kulesi sikole angase ezwe izimfuneko emhlanganweni osuke uhlelelwe le njongo emhlanganweni wesifunda.
18 I-Watchtower Bible School of Gilead: Abazalwane abangashadile, odade abangashadile nalabo abashadile abakhethelwa ukuya kulesi sikole bakhuluma isiNgisi futhi bakhonza njengezikhonzi ezikhethekile zesikhathi esigcwele. Banethuba lokuqinisa insimu nokuthuthukisa ukuhleleka egatsheni. Kakade sebeye bazibonisa ukuthi bayakujabulela ukukhonza abafowabo futhi bangasiza abanye ngendlela enomusa ukuba bafunde futhi banamathele eziqondisweni ezingokomBhalo nezingokwasezulwini. IKomiti Yegatsha yezwe imema abafanelekayo ukuba bafake izicelo. Asebephothulile kulesi sikole babelwa ensimini noma ehhovisi legatsha lakwelinye izwe noma ezweni lakubo.
INKONZO YASEBETHEL
19 Ukukhonza eBethel kuyilungelo elikhethekile. Igama elithi Bethel lisho ukuthi “iNdlu KaNkulunkulu,” futhi lelo gama liyazifanelekela ngempela lezi zikhungo zemisebenzi engokwasezulwini. Abazalwane nodade abasenkonzweni yaseBethel benza umsebenzi obaluleke kakhulu ophathelene nokukhiqiza, ukuhumusha nokusakaza izincwadi zeBhayibheli. Inkonzo yabo iwusizo olukhulu eNdikimbeni Ebusayo, yona eyengamela futhi iqondise amabandla emhlabeni wonke. Izikhonzi zaseBethel eziningi ezingabahumushi zihlala futhi zisebenze ezindaweni zensimu yegatsha okukhulunywa kuzo ulimi ezihumushela kulo. Lokhu kwenza zikwazi ukuzwa abantu bekhuluma ulimi lwazo ekuphileni kwansuku zonke. Zingakwazi nokuzibonela ukuthi abantu bayaluqonda yini ulimi ngendlela oluhunyushwe ngayo ezincwadini.
20 Umsebenzi omningi owenziwa eBethel udinga amandla. Ngakho, abantu ababizwa eBethel ngokuyinhloko abazalwane abazinikezele nababhapathiziwe, abasebasha, abaphile kahle nabanamandla. Uma kunesidingo egatsheni elinakekela izwe lakini futhi ungathanda ukukhonza eBethel, ungathola okwengeziwe ngezimfuneko kubadala ebandleni okulo.
INKONZO YEZOKWAKHA
21 Ukwakhiwa kwezakhiwo ezingokwasezulwini kuwuhlobo lwenkonzo engcwele, efuze leyo eyayenziwa ngesikhathi kwakhiwa ithempeli likaSolomoni. (1 AmaKh. 8:13-18) Abazalwane nodade abaningi babonisa intshiseko enhle ngokunikela ngesikhathi nangempahla yabo ukuze babe nengxenye kulo msebenzi.
22 Ingabe ungasiza? Uma ungummemezeli obhapathiziwe ozimisele ukuhlanganyela emsebenzini onjalo, abazalwane abengamele umsebenzi wokwakha endaweni yakini bayolwazisa usizo lwakho futhi bazimisele ukukuqeqesha ngisho noma ungenawo amakhono adingekayo. Yazisa abadala bebandla lakini ukuthi ungathanda ukusiza. Abanye abamemezeli ababhapathiziwe abafanelekayo baye bakwazi ngisho nokuvolontiyela ukwakha izakhiwo ezingokwasezulwini kwamanye amazwe.
23 Maningi amathuba okuhlanganyela emsebenzini wokwakha. Abamemezeli ababhapathiziwe, abayisibonelo, abanamakhono athile nabangasekela imisebenzi yokwakha eseduze nalapho behlala khona bangakhonza njengezisebenzi zokuzithandela zomnyango obizwa ngokuthi i-Local Design/Construction. Abanye bakwazi ukusekela imisebenzi yokwakha ekude kakhulu okwesikhathi esithile futhi bamiswa yihhovisi legatsha ukuba bakhonze njengezisebenzi zokuzithandela zokwakha isikhathi esingaba amasonto amabili kuya ezinyangeni ezintathu. Labo abamiswe ukuba bakhonze isikhathi eside babizwa ngokuthi izisebenzi zokwakha. Isisebenzi esakhayo esinikezwa isabelo sakwelinye izwe sikhonza njengesisebenzi sokwakha sakwelinye izwe. IQembu Lokwakha elakhiwa izisebenzi zokwakha nezisebenzi zokuzithandela zokwakha liyahola emsebenzini wokwakha ngamunye futhi lisizwa izisebenzi zokuzithandela zomnyango obizwa ngokuthi i-Local Design/Construction nezisebenzi zokuzithandela zasemabandleni ahilelekile emsebenzini wokwakha. AmaQembu Okwakha asuka kwesinye isakhiwo aye kwesinye ensimini yegatsha.
IYINI IMIGOMO YAKHO ENGOKOMOYA?
24 Uma unikezele ukuphila kwakho kuJehova, isifiso sakho ukukhonza uJehova phakade. Njengoba unaleso sifiso, iyini imigomo yakho engokomoya? Ukuba nemigomo engokomoya kuyokusiza ukuba usebenzise amandla akho nezinye izinto onazo ngokuhlakanipha. (1 Kor. 9:26) Ukuzibekela imigomo enjalo kuyokwenza ukhule ngokomoya futhi kuyokusiza ukuba ugxile ezintweni ezibaluleke kakhulu njengoba ulwela ukufinyelela amalungelo enkonzo engeziwe.—Fil. 1:10; 1 Thim. 4:15, 16.
25 Umphostoli uPawulu wasibekela isibonelo esihle sokuba sisilingise enkonzweni yethu kuNkulunkulu. (1 Kor. 11:1) UPawulu wazikhandla ngamandla enkonzweni kaJehova. Waqaphela ukuthi uJehova wayemnikeze amathuba amaningi. Lapho uPawulu ebhalela abazalwane baseKorinte, wathi: “Ngivulekelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini.” Ingabe kunjalo nangathi? Yebo, kunamathuba amaningi asivulekele okukhonza uJehova kanye nebandla, ikakhulukazi ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. Kodwa njengoPawulu, ukungena kulowo “mnyango omkhulu” kuhilela ukulwisana “nabaphikisi abaningi.” (1 Kor. 16:9) UPawulu wayezimisele ukuzithiba. Phawula lokho akusho: “Ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuphatha njengesigqila.” (1 Kor. 9:24-27) Ingabe nathi sinesimo sengqondo esifanayo?
Ukuba nemigomo engokomoya kuyokusiza ukuba usebenzise amandla akho nezinye izinto onazo ngokuhlakanipha
26 Ngamunye wethu ukhuthazwa ukuba asebenzele ukufinyelela imigomo engokwasezulwini kuye ngokwezimo zakhe zokuphila. Abaningi basemikhakheni ethile yenkonzo yesikhathi esigcwele namuhla ngenxa yokuthi bazibekela imigomo engokwasezulwini besebancane. Nakuba babeseyizingane, babekhuthazwe abazali babo nabanye ukuba bazibekele leyo migomo. Ngenxa yalokho, baye bajabulela umsebenzi ocebe kakhulu enkonzweni kaJehova—ngaphandle kokuzisola. (IzAga 10:22) Eminye imigomo efanelekayo ingaba ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini isonto ngalinye, ukuqala nokuqhuba isifundo seBhayibheli noma ukuzinika isikhathi esengeziwe sokulungiselela imihlangano. Into ebalulekile ukuba sihlale sigxilile futhi siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu. Uma senza kanjalo, siyodumisa uJehova futhi siwufinyelele umgomo wethu oyinhloko, wokumkhonza phakade.—Luka 13:24; 1 Thim. 4:7b, 8.