Ingabe Ungenza Okwengeziwe Ukuze Udumise UJehova?
1 Lowo umbuzo obalulekile ngathi sonke ukuba siwucabangele. Njengabalingisi abathembekile beNkosi yethu, uJesu Kristu, namuhla sidumisa uNkulunkulu wethu ngokumemezela obala igama lakhe. Lona umthwalo wemfanelo okumelwe siwuthwale uma sifuna ukuzuza umusa kaNkulunkulu. (Marku 13:10; Luka 4:18; IzE. 4:20; Heb. 13:15) Yeka ilungelo elingenakuchazwa—yebo, kuwudumo—ukuyisa lezindaba ezinhle ‘ezimvwini’ ezisasele ezisakazekile ezingase zibe yingxenye yomhlambi kaJehova wendawo yonke!—Joh. 10:16.
2 Ingabe wena nezingane zakho ningenza okwengeziwe ukuze nidumise uJehova ngokwandisa umsebenzi enkonzweni? Abafowenu nodadewenu bangenela inkonzo yokuphayona ngamanani anda ngokuqhubekayo. Phakathi nenyanga ka-April 1992, abangu-12 555 babesenkonzweni yamaphayona akhethekile, avamile, noma asizayo eNingizimu Afrika. Ingabe wena ngokwakho uye wakucabangela ngokungathi sína ukuphayona? Ingabe uyazikhuthaza izingane zakho ukuba ziphishekele umsebenzi wenkonzo yesikhathi esigcwele?
3 Kungani ungahlaziyi indlela ozizwa ngayo ngenkonzo yokuphayona? Noma nini lapho kukhulunywa ngalendaba, ingabe usheshe uphethe ngokuthi izimo zakho zimane nje azikuvumeli ukuba ukhonze njengesikhonzi esiyiphayona? Kuyiqiniso ukuthi akuwona wonke umuntu ongaphayona. Imithwalo yemfanelo engokomBhalo kanye nezinye izithiyo kuvimbela abaningi ukuba bakhonze isikhathi esigcwele. (1 Thim. 5:8) Kodwa ingabe muva nje uye wayicabangela lendaba ngomthandazo? Ingabe niye nayixoxa lendaba njengomkhaya ukuze nibone ukuthi okungenani ilungu elilodwa lingaphayona yini? INqabayokulinda kaJune 1, 1983 yasho lamazwi ashukumisa ingqondo ekhasini 16: “Ngempela, wonke umKristu oyisikhonzi kufanele ngomthandazo acabangele ukuthi angaphayona yini noma ngeke. Umbhangqwana waseNingizimu Afrika oye waphayona iminyaka eyishumi nanhlanu wathi: ‘Kungani siphayona? Besingazithethelela yini phambi kukaJehova uma singazange?’ Abaningi abangewona amaphayona bangazibuza umbuzo ohlobene nalona: ‘Ingabe ngempela ngingazithethelela phambi kukaJehova ngenxa yokuthi angilona iphayona?’”
4 Esinye isihloko se-Nqabayokulinda sasho lokhu okuphawulekayo ngalendaba: “Ngamunye wethu kumelwe athembeke kuye ngokwakhe. Ingabe uthi, ‘Umoya uyathanda, kodwa inyama ibuthakathaka?’ Kodwa ingabe umoya uyathanda ngempela? Asikugweme ukusebenzisa ubuthakathaka benyama njengezaba zokungathandi komoya.”—wZU79 2/15 k. 24.
5 Abazali Abafuna Izingane Zabo Ziphumelele: IzAga 15:20 ziyasiqinisekisa: “Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise.” Ngokungangabazeki abazali abesaba uNkulunkulu bayajabula lapho amadodana namadodakazi abo ephishekela ukuphila kwenkonzo yokuzinikezela kuJehova. Nokho, izingane zakho ngeke zikhethe lenkambo yokuhlakanipha ngokuzenzakalelayo. Ithonya lalelizwe linamandla kakhulu. Bazali, izinto izingane zenu ezizazisayo ngezinga elikhulu zinqunywa yizinto ezaziswa yinina. Uma njalo nikhuluma kahle ngezinzuzo zenkonzo yesikhathi esigcwele, uma nikhuthaza izingane zenu ukuba zakhe ubungane namaphayona azinikele, uma niqiniseka ngempela ngokuthi inkonzo yesikhathi esigcwele iwumsebenzi ohlonipheke kunayo yonke izingane zenu eziyoke ziwenze, ngokungangabazeki lesimo sengqondo esiqondile siyoba nethonya elikhulu ezinganeni zenu. Zisizeni ziqaphele ukubaluleka kokuzenzela igama elihle noJehova kunabantu.
6 Basha, izAga 22:1 ziqokomisa ukukhetha okufanele nikwenze: “Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.” Hlobo luni lwegama eniyozenzela lona? Cabangani ngamadoda nabesifazane esifunda ngabo eBhayibhelini abazenzela igama noNkulunkulu ngenkonzo yokuzinikezela. Kwakukhona uLuka, udokotela othandekayo, noEnoke, owayehamba noNkulunkulu weqiniso. USamuweli wathola imfundo enhle kunayo yonke eyayingatholakala, eqalisa inkonzo yakhe ethempelini likaJehova esemncane. Ingabe nicabanga ukuthi lezikhonzi ezithembekile zake zazisola ngokukhetha ezakwenza? Zazingazisolelani? Futhi zonke zaziphila ukuphila okujabulisayo, nokukhiqizayo. Zonke zathola umusa ohlala njalo kuJehova!—IHu. 110:3; 148:12, 13; IzAga 20:29a; 1 Thim. 4:8b.
7 Lapho izingane ziphumelela ekuphileni, abazali bazo baba neqholo. Lokho abakwenza ekuqeqesheni, ekuyaleni, nasekufundiseni ‘lelifa elivela kuJehova’ kubuyiswa ngokuphindwe izikhathi eziningi ngaphezulu. (IHu. 127:3) Yini engenza noma yimuphi umzali abe neqholo ngokwengeziwe kunendodana noma indodakazi eyenza konke engakwenza ukuze idumise uJehova? Intsha eningi kulezikhathi zanamuhla ilandela ezinyathelweni zikaLuka, uEnoke, noSamuweli, njengoba enye incwadi ibonisa: “Ngineminyaka engu-16 ubudala. Ngaqala ukuba iphayona elivamile . . . ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ngemva kokuba ngibhapathiziwe, futhi bengilokhu ngamukela izibusiso ezivela kuJehova kusukela ngalesosikhathi. . . . Ukuphayona kuyakusiza futhi esikoleni. Ngaphambili, izingane engifunda nazo ekilasini zazingichwensa ngokuba kwami uFakazi. Manje, njengoba nginesifundo somuntu siqu engisiqhuba njalo, sengiyakwazi ‘ukuphendula ongisolayo.’”
8 Imfundo Yokukuhlomisela Inkonzo: Kulelizinga singase sicabangele indaba yemfundo yezwe. Lena indawo lapho umbono olinganiselayo udingeka khona ngokukhethekile. INqabayokulinda ka-November 1, 1992 yayinesihloko esithi “Imfundo Enenjongo.” Ngaphansi kwesihlokwana esithi “Imfundo Eyanele,” kwashiwo leliphuzu: “AmaKristu kufanele akwazi ukuzisekela ngokwawo, ngisho nakuba eyizikhonzi ezingamaphayona esikhathi esigcwele. (2 Thesalonika 3:10-12) . . . Ingakanani imfundo umKristu osemusha ayidingayo ukuze ahloniphe lezimiso zeBhayibheli futhi ahlangabezane nezibopho zakhe zobuKristu? . . . Yiliphi [iholo] okungase kuthiwe ‘lanele’ kulabo abafisa ukuba izikhonzi ezingamaphayona zezindaba ezinhle? Abanjalo ngokuvamile badinga itoho ukuze bagweme ‘ukusinda’ abafowabo noma imikhaya yabo.—1 Thesalonika 2:9.”
9 Uma lowo ofuna ukuba yiphayona ebheka imfundo yokwenezela njengedingekile ukuze imsize aphishekele inkonzo yesikhathi esigcwele, INqabayokulinda ka-November 1, 1992 itusa ukuthi: “UFakazi osemusha uyobe wenza kahle, uma kungenzeka, ukuba lokhu akwenze ehlala ekhaya, kanjalo akwazi ukulondoloza imikhuba evamile yokutadisha yobuKristu, ukuba khona emihlanganweni yebandla, nasemsebenzini wokushumayela.”
10 E-Afrika sathola okuhlangenwe nakho kosemusha oneminyaka engu-22 ubudala okwadingeka aye esikoleni sokuqeqeshela umsebenzi, nakuba inhliziyo yakhe yayisenkonzweni yokuphayona. Ngesikhathi esesikoleni sokuqeqeshela umsebenzi, wabhalisa njengephayona elisizayo. Ontanga yakhe bamenza inhlekisa, bethi ngeke aphumelele ekuhlolweni kwakhe. Wayehlale ebaphendula ngokuthi: “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.” Wayezifundisa ukuvuka ekuseni ngovivi usuku ngalunye alungiselele umsebenzi wasekilasini amahora amabili bese ehlanganyela enkonzweni yasensimini ntambama lapho eseqedile ukufunda. Isikole sonke samangala lapho lona osemusha ephuma isithathu ekuhlolweni okukhethekile kokukhetha abafundi abathathu abaphuma phambili abazozuza umklomelo okhethekile wokuxhaswa ngezimali. Umfundi owaphuma isibili kwakuwumuntu othakazelayo owayefunda iBhayibheli esikoleni nalomfowethu oyiphayona. Umfundi owaphuma phambili kwakungomunye osemusha owuFakazi oshisekayo esikoleni.
11 Abadala Benza Ingxenye Yabo: Abadala bebandla, abaneqholo ngomsebenzi owenziwa amaphayona, banikeza lezikhonzi ezishisekayo isikhuthazo esikhulu. Abadala bayakujabulela ukwenza lokhu ngoba bayazi ukuthi amaphayona azikhandlayo, akhiqizayo ayisibusiso kunoma yiliphi ibandla. Ngemva kokuchitha unyaka noma ngaphezulu enkonzweni yobuphayona obuvamile, abanjalo bayafaneleka ukuba bathole ukuqeqeshwa okwengeziwe eSikoleni SeNkonzo Samaphayona. Lemfundo iye yaba ithuluzi elingenakuqhathaniswa ekuthuthukiseni ukuphumelela kwamaphayona. Nakuba amaphayona ephambili emsebenzini, nawo futhi ayasidinga isikhuthazo sothando, futhi abadala kufanele bakuqaphele ukugcwalisa lesidingo.—1 Pet. 5:1-3.
12 Abadala bangasinikeza kanjani isikhuthazo sokungenela umsebenzi wokuphayona? Indawo enhle abangaqala kuyo ingaba ukuhlola njalo ngezikhathi ezithile ukuthi obani abangase bakwazi ukufanelekela lelilungelo. Abadala bangakhuluma nalabobantu ababonakala besesimweni esihle sokuphayona, kuhlanganise nabaningi abathatha ubuphayona obusizayo njalo, abantu asebethathe umhlala-phansi, omama bamakhaya, kanye nabafundi. Nakuba kungekho muntu okufanele enziwe azizwe enesibopho sokubhalisa, labo abanesifiso kodwa abaye banqikaza, ngesikhuthazo esincane esiwusizo, bangase baqaphele ukuthi bangakwazi ukuphayona.
13 Lapho benikeza isikhuthazo kulabo abafisa ukufaka isicelo, abadala kufanele bakhumbule ukuthi akudingekile ngomuntu ofaka isicelo ukuba achithe izinyanga ezimbalwa emsebenzini wobuphayona obusizayo ngaphambi kokubhalisa njengephayona elivamile. (kmZU 8/86 isenezelo izig. 24-26) Yiqiniso, abadala bayofuna ukuqiniseka ngokuthi umuntu ofaka isicelo usesimweni sokuhlangabezana nemfuneko yamahora.
14 Ngemva kokuba isicelo sesihlolwe iKomiti YeNkonzo Yebandla futhi sahlolwa ngokucophelela unobhala ukuze aqiniseke ukuthi yonke imibuzo iphenduliwe, kufanele sithunyelwe eNhlanganweni ngokushesha.
15 Unobhala kufanele azise abadala nganoma yiziphi izinkinga okungenzeka amaphayona ahlangabezana nazo. Lokhu kubaluleke ngokukhethekile emabandleni anamaphayona amaningi. Ngaphezu kokuhlola umsebenzi wamaphayona ekupheleni konyaka wenkonzo, njengoba kuceliwe ekhadini LoMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10), unobhala kufanele acele umbonisi wenkonzo ukuba ahlangane naye ekuqaleni kuka-March ukuze babone ukuthi obani okungenzeka basilela ngemuva ekuhlangabezaneni nemfuneko yamahora futhi badinga ukunakekela komuntu siqu. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1992, Izaziso.) Uma usizo lunikezwa ngokushesha, iphayona lingase likwazi ukuqeda unyaka wenkonzo ngempumelelo.
16 Iningi lamaphayona amasha lincane ngeminyaka futhi uma kuqhathaniswa liselisha eqinisweni. Ngokuqinisekile umoya wawo wokuzithandela uyasijabulisa! Kodwa lawa asemasha eqinisweni asadinga ukuqeqeshwa ukuze athuthukise ikhono emsebenzini wendlu ngendlu, enze izimpindelo eziphumelelayo, futhi afundise ezifundweni zeBhayibheli. Uma engakutholi lokuqeqeshwa, osanda kuhlanganyela angase adikibale ngemva konyaka noma ngaphezulu futhi ekugcineni ayiyeke inkonzo yokuphayona ngenxa yokungayitholi imiphumela emihle enkonzweni. Abadala abaqaphile bangase bakwazi ukubona izinkinga ezincane noma ukudebesela emsebenzini. Uma iphayona linikezwa ukunakekela okusheshayo futhi lisizwa ngenkinga yalo, lingase lijabulele iminyaka eminingi yenkonzo ekhiqizayo.
17 Ingabe Ungadoba Emanzini Akude? Abanye babafundi bakaJesu babengabadobi. Ngezinye izikhathi, ngemva kokudoba ubusuku bonke, amanetha abo ayelokhu engenalutho. (Joh. 21:3) Ezingxenyeni zalelizwe lapho ‘ukudoba abantu’ kuye kwaqhubeka iminyaka eminingi, amanye amaphayona angase aphethe ngokuthi kukhona “izinhlanzi” ezimbalwa ezisele “emanzini” amabandla awo. (Math. 4:19) Ngokuphambene, akusihlabi yini umxhwele ukufunda ngemibiko evela kwamanye amazwe lapho abamemezeli namaphayona beqhuba khona izifundo zeBhayibheli eziningi? Injabulo etholwa amaphayona nezithunywa zevangeli kulamazwe isobala. (wZU92 9/1 k. 20 isig. 15) Ngakho, uma amaphayona athile azikhandlayo engaba sesimweni sokuya ezweni lapho kunesidingo esikhulu khona, kufanele acabangele lokhu nehhovisi legatsha ngaphambi kokuba athuthe.
18 Nokho khumbulani ukuthi labo abafisa ukuya kwamanye amazwe ukuze bahlanganyele enkonzweni yesikhathi esigcwele kufanele babe nempilo enhle, babe abavuthiwe ngokomoya, babe nomoya wokubambisana, ongokwasezulwini, futhi bafaneleke njengabamemezeli boMbuso. Kufanele futhi babe nombiko omuhle ovela ebandleni abakhonza kulo manje. Ngaphezu kwalokho, kufanele bakwazi ukuzisekela ngokwezimali bangalindeli ukuba basekelwe abazalwane ezweni abangase baye kulo. Kufanele baqale baxoxe nabadala ebandleni lakubo ngalokho abakuhlelayo futhi bathole ukuthi yini abayitusayo. Uma abadala bengaqiniseki ngalutho ngokuphathelene nomuntu onjalo okhonza kwenye indawo, kufanele bakhulume nombonisi wabo wesifunda, noma babhalele ihhovisi legatsha ukuze bathole imininingwane eyengeziwe.
19 Ekuqaleni, kungenzeka abanye baqalisa ukuphayona ngoba babazi ukuthi kuyinto elungile ukuyenza kodwa bengaqiniseki ngokuthi bayophumelela yini kukho. Kungenzeka bafaka isicelo benokungabaza okuthile nokungaqiniseki. Ekuqaleni, kungenzeka babengaphumeleli kangako ensimini. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, ikhono labo lathuthuka, futhi kwaba nobufakazi besibusiso sikaJehova emsebenzini wabo. Ngenxa yalokho, injabulo nokuqiniseka kwabo kwakhula. Abanye, ukuphayona kuye ngisho kwabaholela enkonzweni yaseBethel, iSikole Sokuqeqeshela INkonzo, ngisho nasemsebenzini wokujikeleza.
20 Kungase kungenzeki ngawe ukuba uthuthele kwelinye izwe noma ujabulele izinzuzo zeSikole Sokuqeqeshela INkonzo, kodwa asekhona amathuba okudoba kwamanye amanzi kulo lelizwe uma insimu okuyo manje ingakhiqizi. Siza ubhalele iNhlangano uma unesithakazelo sokukhonza lapho indingeko inkulu khona eNingizimu Afrika noma kwelinye lamazwe angomakhelwane. Ukuthutha okunjalo kungase kudinge wenze ushintsho endleleni yakho yokuphila, kodwa imivuzo engokomoya iyoba mikhulu ngempela.—Math. 6:19-21.
21 Noma uma izimo zakho zikuvumela, ungase ukwazi ukusiza ibandla eliseduze esifundeni sakini. Uma ufaneleka, umbonisi wenu wesifunda uyokujabulela ukukunikeza ukusikisela ngamabandla asesifundeni angazuza ngokuba khona kwelinye iphayona.
22 Amanye amaphayona nabamemezeli baye bakwazi ukukhonza izidingo ezisendaweni yakubo belokhu behleli ekhaya. Kungenzeka bayakwazi ukukhuluma olunye ulimi. Ingabe ensimini yakini kunengxenye enkudlwana yabantu abakhuluma olunye ulimi? Ingabe bakhona abantu abadinga ukuthola isigijimi soMbuso ngothile okwazi ukukhuluma ngezandla? Labo abazi olunye ulimi bangaba usizo olukhulu ekufinyeleleni zonke izinhlobo zabantu ngesigijimi soMbuso. Nakuba lokhu kungaba inselele yangempela, kungaba futhi okunemivuzo kakhulu.—1 Thim. 2:4; Thithu 2:11.
23 Uma manje wenza konke ongakwenza ukuze udumise uJehova, jabula ngamalungelo akho amanje enkonzo. Uma unomuzwa wokuthi ungenza okwengeziwe, khuluma ngalendaba noJehova ngomthandazo. Hlaziya ngokoqobo ukuthi izimo zakho ziyokuvumela ukuba wenze ziphi izinguquko. Xoxa ngalokho okuhlelayo nomdala onomoya wobuphayona noma umbonisi wesifunda. Lapho sewenze isinqumo esicatshangelwe ngomthandazo, esisebenzayo, silandele ngokushesha, uqiniseka ngesithembiso sikaJehova sokudumisa labo abamdumisayo.—Heb. 13:5, 6; 1 Sam. 2:30.