Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/92 k. 7
  • Ukusekela Amaphayona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusekela Amaphayona
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwazisa Amaphayona Esinawo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izibusiso Zenkonzo Yokuphayona
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Isikhumbuzo Kunobhala Nombonisi Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 2/92 k. 7

Ukusekela Amaphayona

1 Abantu bakaNkulunkulu bayaziwa ngokuhlanganyela kwabo ngentshiseko enkonzweni. Nakuba kungesibo bonke abanezimo ezibavumelayo ukuba baphayone, kufanele silwele ukuhlakulela umoya wokuphayona, ukuba esikwenzayo sikwenze ngomphefumulo wonke. Siyabakhuthaza futhi sijabula nabaningi abakwaziyo ukungenela inkonzo yamaphayona.

2 Ukuba iphayona nokuqhubeka uyilo kuwumsebenzi omkhulu. Amaphayona athwala ingxenye enkulu yomsebenzi wokushumayela nokufundisa. Lokhu akufezwa ngaphandle komzamo nokuzidela. Abanye bangazisekela futhi bazikhuthaze kanjani lezisebenzi zesikhathi esigcwele ezishisekayo?

3 Lokho Okungenziwa: Amaphayona adinga ukusekela kwabadala. Kunikezwa isikhuthazo esikhulu lapho abadala besebenza namaphayona. Abadala abaningi bazama ukusebenza nephayona ngalinye elisebandleni okungenani kanye ngonyaka. Ngalendlela abadala bayakwazi ukutusa amaphayona ngalokho akwenzayo futhi bawasize ukuba athuthuke ngokwengeziwe. Amaphayona angase adinge ukushintsha isimiso sawo ukuze abe senkonzweni ngesikhathi abadala abatholakala ngaso. Futhi, abadala kudingeka baqikelele ukuthi amaqembu anensimu eyanele. Kungase kuhlelwe eminye imihlangano yenkonzo yasensimini yantambama noma kusihlwa ukuze kuvunyelwane nezimiso zamaphayona. Lokhu kuyoba njalo ikakhulukazi phakathi nezinyanga lapho kunamaphayona asizayo amaningi khona.—Isaya 40:11.

4 Izinceku ezikhonzayo zisesimweni esihle sokusiza amaphayona ngokuwasekela enkonzweni nangokunakekela ngenkuthalo amalungiselelo ebandla. Odade abangamaphayona bayakwazisa ukuba nabazalwane abaholayo ekuhleleni amaqembu enkonzo yasensimini. Labo abanakekela izincwadi nomagazini bangaqikelela ukuthi kunezanele. Ukunakekela izinto ezinjalo kwenza amaphayona akwazi ukugxila enkonzweni yawo.

5 Wonke Umuntu Angasiza: Abamemezeli bangasiza ngokuzenza batholakale kaningi ngokwengeziwe ekusebenzeni namaphayona. Amaphayona ayakujabulela ukuhamba nabanye abamemezeli kanye nokusekela kwabo. Mhlawumbe ungahlela ukusebenza namaphayona kanye ngesonto noma kabili ngenyanga. Izinto ezibonakalayo zingahlanganyelwa namaphayona, futhi lokhu kupha amaphayona ayakwazisa kakhulu.—Fil. 4:14-19.

6 Imikhaya ingenza okuningi ekusizeni amalungu ayo angamaphayona. Ngokuvamile, imisebenzi yasekhaya ingahlelwa kabusha ukuze kuvunyelwe ilungu elilodwa noma engeziwe omkhaya ukuba aphayone. Udade othile onezingane ezintathu usebenza izinsuku ezimbili ngesonto. Amadodana akhe asiza ngokuya esitolo kanye nokusebenza ekhaya. Indodakazi isiza ngokuhlanza ikhaya kanye nokupheka. Kusukela yaphothula esikoleni, nayo iqalise ukuphayona, ishintshana ngezinsuku zokusebenza nonina. Ukubambisana okunjalo emkhayeni kwenza abengeziwe bakwazi ukuphayona futhi kuletha izibusiso emkhayeni.

7 Amaphayona akhuthele abonakala eyisibusiso ebandleni ngezindlela eziningi. Intshiseko yawo kanye nesibonelo kukhuthaza abaningi ukuba benze okwengeziwe enkonzweni. Ngokuqinisekile, kufanele sifune ukwenza okusemandleni ukuze siwasekele. Imizamo enjalo yobunye iletha injabulo kubo bonke futhi iphumele ekudumiseni uJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela