Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/95 k. 7
  • Isikhumbuzo Kunobhala Nombonisi Wenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhumbuzo Kunobhala Nombonisi Wenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusekela Amaphayona
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ushintsho Emahoreni Afuneka Kumaphayona
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Ukwazisa Amaphayona Esinawo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izibusiso Zenkonzo Yokuphayona
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 3/95 k. 7

Isikhumbuzo Kunobhala Nombonisi Wenkonzo

Unyaka nonyaka isaziso esiba ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February siyaleza unobhala nombonisi wenkonzo ukuba “babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile.” Iyini injongo yalokhu kubukeza? Iwukuthola ukuthi obani okungenzeka badinga usizo lokufinyelela imfuneko yamahora ngaphambi kokuphela konyaka wenkonzo.

Amaphayona avamile kudingeka anikele amahora ayinkulungwane enkonzweni unyaka nonyaka. Ekupheleni kuka-February, amanye amaphayona athola ukuthi awawufinyelelanga umgomo, futhi lokhu kungawadikibalisa. Ngokuvamile abadala bangawasiza amaphayona, bawanikeze isikhuthazo nokusikisela okuwusizo. Lokhu kungaba isici esinqumayo ukuthi amaphayona ayifinyelela ngokuphumelelayo imfuneko yawo yonyaka noma ayaphuma ezinhlwini.

Ngokuqinisekile amaphayona ayokwazisa ukukhathalela okuqotho kwabadala kulokhu. Ibandla nalo liyozuza ngokuba namaphayona ajabulayo enkonzweni yawo, anamathela ngokwethembeka esabelweni sawo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela