Isikhumbuzo Kunobhala Nombonisi Wenkonzo
Unyaka nonyaka isaziso esiba ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February siyaleza unobhala nombonisi wenkonzo ukuba “babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile.” Iyini injongo yalokhu kubukeza? Iwukuthola ukuthi obani okungenzeka badinga usizo lokufinyelela imfuneko yamahora ngaphambi kokuphela konyaka wenkonzo.
Amaphayona avamile kudingeka anikele amahora ayinkulungwane enkonzweni unyaka nonyaka. Ekupheleni kuka-February, amanye amaphayona athola ukuthi awawufinyelelanga umgomo, futhi lokhu kungawadikibalisa. Ngokuvamile abadala bangawasiza amaphayona, bawanikeze isikhuthazo nokusikisela okuwusizo. Lokhu kungaba isici esinqumayo ukuthi amaphayona ayifinyelela ngokuphumelelayo imfuneko yawo yonyaka noma ayaphuma ezinhlwini.
Ngokuqinisekile amaphayona ayokwazisa ukukhathalela okuqotho kwabadala kulokhu. Ibandla nalo liyozuza ngokuba namaphayona ajabulayo enkonzweni yawo, anamathela ngokwethembeka esabelweni sawo.