Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Emlandweni Wesintu
1 UJesu weza emhlabeni eqondiswa uYise ukuba azofakazela iqiniso elizosiholela ekuphileni okuphakade. (Joh. 18:37) Ukuthembeka kwakhe kuze kube sekufeni kwadumisa uJehova, kwangcwelisa igama likaNkulunkulu, futhi kwalungiselela isihlengo. (Joh. 17:4, 6) Yilokhu okwenza ukufa kukaJesu kube isenzakalo esibaluleke kunazo zonke kuwo wonke umlando wesintu.
2 Kusukela ekudalweni kuka-Adamu, kube nabantu ababili kuphela abaphelele abaye baphila kulomhlaba. U-Adamu wayesesimweni sokulethela inzalo yakhe engakazalwa izibusiso ezimangalisayo. Kunalokho, ngobugovu wavukela, wayilahlela ekuphileni kosizi okwakuyophetha ngokufa. Lapho uJesu efika, wabonisa ukuthembeka nokulalela okuphelele, evulela bonke labo abanokholo ithuba lokuphila okuphakade.—Joh. 3:16; Roma 5:12.
3 Asikho esinye isenzakalo esingaqhathaniswa nokufa kukaJesu komhlatshelo. Kwashintsha ukuphila kwesintu. Kwanikeza isisekelo sokuvuswa kwezinkulungwane zezigidi zabantu ekufeni. Kwabeka isisekelo soMbuso waphakade oyoqeda ububi futhi wenze umhlaba ube ipharadesi. Ekugcineni kuyokhulula sonke isintu kuzo zonke izinhlobo zokucindezeleka nobugqila.—IHu. 37:11; IzE. 24:15; Roma 8:21, 22.
4 Konke lokhu kusisiza siqonde ukuthi kungani uJesu ayala abafundi bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe ngokugubha iSikhumbuzo unyaka nonyaka. (Luka 22:19) Njengoba sikuqaphela ukubaluleka kwakho, sibheke phambili ekuhlanganeni namabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ngemva kokushona kwelanga ngoLwesihlanu, ngo-April 14. Ngaphambi kwalesosikhathi, kuyoba kuhle ukuba sifunde njengomkhaya ukulandisa kweBhayibheli kwezinsuku zokugcina zikaJesu esemhlabeni nokumelela kwakhe iqiniso ngesibindi. (Izingxenye okutuswa ukuba zifundwe ziku-Khalenda Lika-1995, April 9-14.) Wasibekela isibonelo sokuzinikela kuMdali wethu. (1 Pet. 2:21) Masenze okusemandleni ethu ngokumemela abangane nezihlobo zethu, kanye nesifunda nabo iBhayibheli nabanye abantu abathakazelayo, kulombuthano obalulekile. Bachazele kusengaphambili ukuthi yini ezokwenzeka nokubaluleka kwezifanekiselo.—1 Kor. 11:23-26.
5 Abadala kufanele bahlele kusengaphambili impela ukuze baqiniseke ukuthi iHholo LoMbuso licocekile futhi lihlanzekile. Kufanele kuhlelwe ukuba othile athole izifanekiselo. Ukuhanjiswa kwezifanekiselo kufanele kuhlelwe kahle. Ukusikisela okuwusizo kokuthi singayibonisa kanjani inhlonipho ngeSidlo SeNkosi Sakusihlwa kwanikezwa ku-Nqabayokulinda ka-February 15, 1985, ikhasi 19. Kuyofaneleka kakhulu ukuba amabandla ahlele imisebenzi eyandisiwe yenkonzo yasensimini kusasele izinsuku eziningana ngaphambi komkhosi nangezinsuku ezimbalwa ngemva kwawo.
6 Ngonyaka odlule kwakukhona ingqikithi yabangu-12 288 917 emhlabeni wonke emkhosini wokukhumbula lesisenzakalo esibalulekile. Njengoba siwusuku olubaluleke kunazo zonke ekhalendeni lethu, sonke kufanele sibe khona.