Inkonzo YaseBethel—Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe
1 Kuyasijabulisa kakhulu ukubona umsebenzi omkhulu uJehova awenzayo kulezizinsuku zokugcina. IHubo 110:3 libonisa ukuthi phakathi nalesisikhathi imfanelo evelele yabantu bakaNkulunkulu iyoba ukuzimisela kwabo ukuba nengxenye yenkuthalo enkonzweni yoMbuso. Emhlabeni wonke abantu bakaJehova bayazikhandla ukuze benze izindaba ezinhle zoMbuso zishunyayelwe. Incwadi ethi Abamemezeli, ekhasini 295, ithi: “Abanye bakhonza njengamalungu omkhaya wembulunga yonke waseBethel. Laba bayizisebenzi eziyizikhonzi zesikhathi esigcwele eziye zavuma ngokuzithandela ukwenza noma yini ezingase ziyabelwe ekuhleleni nasekunyatheliseni izincwadi zeBhayibheli, ekunakekeleni umsebenzi wasehhovisi odingekayo, nasekwenzeni izinkonzo ezisekela imisebenzi enjalo. Lona akuwona umsebenzi obenza bavelele noma babe nezinto ezibonakalayo. Isifiso sabo siwukudumisa uJehova, futhi bayaneliswa amalungiselelo abawenzelwayo okudla, izindawo zokulala, kanye nenkokhelo elinganiselwe yokuhlangabezana nezindleko zomuntu siqu.” Uma uke uvakashele eBethel, ngezinga elithile usujwayelene nomsebenzi owenziwa khona. Nokho, sifisa ukukunikeza ukwaziswa okwengeziwe ukuze sijulise ukwazisa kwakho lelilungelo lenkonzo eliyingqayizivele futhi sikwenze uqaphele izidingo zeNhlangano.
2 Ukuze ukuqonde kahle ukubaluleka kwenkonzo yaseBethel nefa layo eliyigugu, ake sibukeze umlando omfushane—wasendulo nowanamuhla—wenhlangano kaJehova. Iminyaka engaba ngu-19, i-Watch Tower Society yayinendlunkulu yayo esakhiweni esinezitezi ezine ku-56-60 Arch Street, e-Allegheny, ePennsylvania. Sasibizwa ngokuthi iBible House. Nokho, ngo-1908, umkhaya waseBible House, noma izisebenzi zasendlunkulu yeNhlangano, zase zande zaba amalungu angaphezu kuka-30. Kwase kuyisikhathi sokwandisa. Ngemva kokufuna isiqondiso saphezulu, abazalwane banquma ukuthi iBrooklyn yayizoba isikhungo somsebenzi esifaneleke kakhulu. Ngakho kwathengwa isakhiwo esasiku-13-17 Hicks Street eBrooklyn ukuze sibe amahhovisi eNhlangano futhi sibe nehholo. Lamahhovisi aqala ukusebenza ngo-January 31, 1909, kodwa zazingekho izindawo zokuhlala kulesisakhiwo esasikuHicks Street. Kwaqale kwacatshangwa ukuthi izakhiwo zokuhlala zazingase ziqashwe. Nokho, azikho izakhiwo zokuhlala eBrooklyn Heights ezaziqashisa. Into eyabamangalisa futhi yabajabulisa abazalwane ukuthi bakwazi ukuthenga “ngentengo ephansi kakhulu” isakhiwo esakhiwe ngesitini esinsundu esinezitezi ezine ku-124 Columbia Heights, esasiyindawo yokuhlala kaHenry Ward Beecher. Kwabuye kwatholakala ne-126 Columbia Heights. INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-March 1, 1909 ngenjabulo yamemezela: “Ikhaya elisha sizolibiza ngokuthi iBethel,” esikhundleni segama lasePittsburgh elithi “Bible House.” Ngakho ngo-April 1909, iBethel yaqala ukusebenza, futhi umkhaya wathuthela ekhaya lawo elisha. Sekuphele iminyaka engu-85 iBethel yaseBrooklyn ikulendawo.
3 Ingabe igama elithi Bethel laliyifanelekele indlunkulu yeNhlangano? Cabangela imvelaphi eseBhayibhelini yaleligama nalokho elihlobene nakho. Ihlehlela emuva eminyakeni engaphezu kuka-3 700, incwadi kaGenesise isahluko 28 ilandisa ngokuhlangenwe nakho kukaJakobe ongashadile owayeneminyaka engu-77 ubudala. UJakobe wayezazisa izinto ezingcwele kodwa ezondwa umfowabo ayiwele naye, u-Esawu. Eqondiswa nguyise u-Isaka, uJakobe wabaleka esuka eBeri-Sheba waqonda enyakatho ezweni lezihlobo zika-Abrahama, uJakobe ayehlose ukuzithathela inkosikazi kuzo. Ngemva kokuhamba amakhilomitha angaba ikhulu, uJakobe wama ukuze aphumule ebusuku endaweni eyayibizwa ngokuthi iLuze emagqumeni aseJudiya. KuGenesise 28:10-19, sifunda imininingwane ethakazelisayo yokuthi uJehova wamnikeza kanjani uJakobe isiqinisekiso esigcwele sokusekelwa kwaphezulu. Ephusheni, uJakobe wabona isikhwelo esibude baso babusuka emhlabeni bufika ezulwini. Izingelosi zazimatasa zehla zenyuka esikhwelweni, futhi uJehova wayengenhla kwaso. UJehova wabe esekhuluma, eqinisekisa ukuthi isithembiso ayesenze ku-Abrahama esiphathelene nembewu sasidluliselwa kuJakobe nokuthi uJehova wayengeke amshiye. Yeka ukuthi kwaba okuhlangenwe nakho okusabeka kanjani kuJakobe owayenomqondo ongokomoya! Kuyamangalisa yini ukuthi lendawo yaba ekhetheke kakhulu kuye? Kuyena lendawo yaba “indlu kaNkulunkulu,” noma ngolimi lwesiHeberu, Behth-ʼElʹ, u-Behth usho “indlu” kanti u-ʼEl usho “uNkulunkulu.”—Gen. 28:19, umbhalo waphansi we-NW.
4 Ngakho, igama elithi Bethel linomlando oyigugu futhi liyifanelekele indlunkulu yomhlaba wonke yabantu bakaJehova. Namuhla izinceku zikaNkulunkulu azibi namaphupho aphefumulelwe ngokwaphezulu. Izingelosi azibonakali zehla zenyuka esikhwelweni zisuka eBethel ziya ezulwini. Abazalwane abatholi mibono noma bezwe izwi likaNkulunkulu ngokuqondile. Nokho, lapho ucabangela konke okwenzeke eBethel kuleminyaka engu-85 edlule, kusukela esikhathini sikaMfoweth’ uRussell kuze kube manje, akungabazeki ukuthi isandla sikaJehova besilokhu sinezinceku zakhe ezigcotshiwe, eziyingxenye yembewu engokomoya ka-Abrahama, eBethel. Kunezenzakalo eziningi ezivelele emlandweni woFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla ezihlobene kakhulu neBethel! Cabangela ezinye ezivelele:
◼ Ngo-October 2, 1914, njengoba engena egumbini lokudlela eBethel yaseBrooklyn, uMfoweth’ uRussell wamemezela ngokunembile: “IZikhathi ZabeZizwe ziphelile; amakhosi azo abusile.”
◼ Ekuqaleni kwawo-1920, phakathi nokukhulekela kwasekuseni, ilungu labahleli beNhlangano lasebenzisa amazwi athi “inhlangano kaNkulunkulu.” Lokhu kwakushukumisa kakhulu ukucabanga kwabazalwane kangangokuba ngo-1925 base bebonile ukuthi kunezinhlangano ezimbili eziphikisanayo, ekaJehova nekaSathane.—w85-ZU 3/15 k. 8.
◼ Entathakusa ngolunye usuku ngo-1931, ngaphambi nje komhlangano waseColumbus, e-Ohio, umongameli weNhlangano, uMfoweth’ uRutherford, waqonda ukuthi igama elithi oFakazi BakaJehova libachaza kahle ngempela abantu bakaNkulunkulu nomsebenzi ababewenza kakade nokuthi kufanele babizwe ngokuthi bangofakazi baKhe.—yb75 k. 151.
◼ Ekuqaleni kuka-1935, kwaphakanyiswa imibuzo ngokuthi singobani ‘isixuku esikhulu.’ (IsAm. 7:9) Abanye balabo abaveza ababekucabanga ngalesosikhathi basikisela ukuthi sasiyisigaba sasemhlabeni. Ngo-May 31, 1935, emhlanganweni owawuseWashington, D.C., kwanikezwa impendulo egculisayo.—jv-ZU k. 166.
5 Lezizibonelo ezimbalwa zibonisa indlela uJehova, ngomoya wakhe ongcwele, aye waqondisa futhi wasekela ngayo izinceku zakhe ezigcotshiwe ezithembekile eBethel. Kuthiwani-ke ngezingelosi? Lapho ucabanga ngakho konke ukuphikisa okunonya kwezitha zethu neminyaka enzima lapho imali yayincane khona, akungabazeki ukuthi ngaphandle kwesivikelo nosizo lwezingelosi, iBethel yayingeke isebenze ngokuphawuleka kangaka yonke leminyaka.
6 Ngaphandle kwezisebenzi zasendlunkulu e-United States, kunemikhaya yaseBethel emagatsheni ayikhulu asabalele emhlabeni wonke. Incwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, ekhasini 116, ithi: “Igama elithi Bethel . . . lifaneleke ngokuqinisekile ngalezindawo zomsebenzi ongokwasezulwini.” Hlobo luni lomsebenzi izisebenzi zokuzithandela zaseBethel ezabelwa ukuba ziwenze?
7 Izinhlobonhlobo Zemisebenzi: Izabelo zomsebenzi ezinikezwa amalungu omkhaya waseBethel ziyahlukahluka. Egatsheni laseNingizimu Afrika, abanye abazalwane basebenza efektri ngemishini yokunyathelisa omagazini, izincwajana ezingangomagazini, namapheshana okuzosakazwa engxenyeni ye-Afrika eseningizimu. Umsebenzi wabanye uhilela ukuthumela lezizincwadi emabandleni angaphezu kuka-1 400. Abanye babelwa ukugcina imishini nezakhiwo kusesimweni esihle. EKhaya LaseBethel, kunomsebenzi omkhulu wokunakekela umkhaya. Ngokwesibonelo, emizuzwini engu-20 nje abantu abacishe babe ngu-760 emagumbini okudlela amabili basuke sebekunikeziwe ukudla kwasekuseni. Elondolo, abazalwane nodade basebenza ngamakhilogremu angu-3 200 ezingubo zokugqoka isonto ngalinye, kuhlanganise namahembe angu-2 300. Ngaphezu kwalokho, abahlanzi bezindlu balondoloza izinga eliphakeme lokuhlanzeka ezakhiweni zokuhlala ezingu-8 futhi banakekela eminye imisebenzi eminingi ebalulekile.
8 Izimfanelo Nezimfuneko: Ngenxa yokuthi eminingi yalemisebenzi ifuna amandla nezikhwepha, njengamanje kudingeka izinsizwa ezinempilo enhle ezingashadile. Ukuze insizwa ifake isicelo senkonzo yaseBethel kumelwe ibe esizinikezele futhi yabhapathizwa okungenani unyaka owodwa. Kumelwe ibe umuntu ozinikele, ongokomoya. Futhi, kumelwe izimisele ukwenza umsebenzi onzima. Ezweni namuhla, abantu abaningi babheka umsebenzi onzima njengento yokugwenywa. Ngakho insizwa efaka isicelo senkonzo yaseBethel kudingeka yembathe ubuntu obusha obuzoyenza ifune ukwenza umsebenzi onzima, yenze umsebenzi omuhle ngezandla zayo. (Qhathanisa neyabase-Efesu 4:28.) Lokho kusho ukuthi akufanele ibe umuntu ogxilise ingqondo yakhe ekuphishekeleni izinjabulo zomuntu siqu, ukuzilibazisa, noma ukuzijabulisa. Lapho icabangela inkonzo yaseBethel, kufanele kube ukuthi isihlukene nezici ezinjalo zobusha. Amazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 13:11 asebenza kahle: “Ngesikhathi ngiseyingane, ngangikhuluma njengengane, ngicabanga njengengane, ngisebenzisa ingqondo njengengane; kodwa njengoba sengiyindoda, sengiziyekile izici zengane.”
9 Ingabe uneminyaka ephakathi kuka-19 no-35 ubudala? Ingabe unempilo enhle, ngokomzimba nangokomzwelo? Uyakwazi yini ukufunda, ukubhala, nokukhuluma isiNgisi kahle? Ingabe ungumuntu ongokomoya onothando olujulile ngoJehova nangenhlangano yakhe? Uma ubizelwa eBethel, ingabe ungahlala ngokwethembeka kuleyonkonzo okungenani unyaka owodwa, wenza noma yimuphi umsebenzi oyowunikwa? Uma uyiphendula ngoyebo lemibuzo, uyobe wenza kahle uma ungalicabangela lelilungelo eliyingqayizivele lenkonzo yaseBethel. Kunezibusiso eziningi.
10 Izibusiso Zenkonzo YaseBethel: Isihloko esithi “Ukubheka ‘Indlu KaNkulunkulu’ Ngokwazisa” ku-Nqabayokulinda ka-June 15, 1994, saphawula: “Lapho usemhlanganweni, uba nawo yini umuzwa ojulile wokwaneliseka, njengoba uzungezwe abakhulekeli bakaJehova abajabulayo? Cabanga nje ngakho, isisebenzi saseBethel sinelungelo lokukhonza uJehova phakathi kweqembu labazalwane nsuku zonke! (IHubo 26:12) Yeka amathemba ayingqayizivele okukhula ngokomoya lokho okuwanikezayo! Umzalwane othile waphawula ukuthi wafunda okwengeziwe kokumsiza ukuba alolonge ubuntu bakhe esikhathini esingangonyaka eseBethel ngaphezu kokuba enza eminyakeni emithathu kwenye indawo. Ngani? Ngoba akukho ndawo lapho ake waba nethuba khona lokubona nokulingisa ukholo lwabantu abaningi kangaka abavuthiwe abangamaKristu.” (IzAga 13:20) Ngempela, lesisibusiso singesinye kwezivelele zenkonzo yaseBethel.
11 EBethel yaseBrooklyn, izisebenzi zokuzithandela zijabulela ubudlelwane obuseduze namalungu eNdikimba Ebusayo nabanye abagcotshiwe, kanye nabanye abazalwane abathembekile abangomakad’ ebona besigaba sezinye izimvu. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu wabelwa muphi umsebenzi, kuyisibusiso ukusebenza ngobunye nabangane abanjalo abathembekile futhi abaqotho. Nanka amanye amazwi ashiwo amalungu omkhaya waseBethel yaseBrooklyn aveza imizwa yalabo abanengxenye kulelilungelo eliyigugu lenkonzo:
◼ Umzalwane osekhonze eBethel iminyaka engu-62, osesebenze ezabelweni ezihlukahlukene phakathi neminyaka edlule, waphawula ngomoya okhona eBethel: “Sonke siwumkhaya owodwa; sonke singabazalwane. Sisebenza ndawonye. Sonke sinezabelo zethu. Kujabulisa kakhulu ukubona abazalwane besebenza ngenkuthalo; uyawubona umzamo abawenzayo. Sinabazalwane abashanela phansi. Lapho ugcina indawo ihlanzekile, usuke ugcina umkhaya unempilo. Lapho ugcina umkhaya unempilo, umkhaya uyakhiqiza. Kuyadingeka. Kubalulekile ukuba nabantu ehhovisi. Sonke sifeza injongo eyodwa—ukufakaza ngoMbuso emhlabeni wonke. Lendawo ingengcono kakhulu emhlabeni umuntu angakwenza kuyo kube umsebenzi wokuphila ukukhonza uJehova. Uma ufuna ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele, ungakwenza kangcono kakhulu lokho lapha. Uthola yonke into. Sijabulela izinto ezengeziwe lapha. Kukwenza uyibone inhlangano ngoba uzwa imibiko evela kuwo wonke amagumbi omhlaba.”
◼ Omunye umzalwane ogcotshiwe oneminyaka engu-75 ubudala, osabelo sakhe sokuqala somsebenzi sasilapho kuhlanganiswa khona izincwadi eminyakeni engaba ngu-48 edlule, waphawula: “Kungokuhlangenwe nakho okuhle ukuhlala nezinceku zikaJehova ezizinikezele, zabhapathizwa. Lapho ngibona insizwa ifika eBethel, inhliziyo yami igcwala ukumbonga uJehova ngoba ngiyazi ukuthi lensizwa izoba nokuphila okujabulisayo lapha eBethel.” Ekhuluma ngezinto azazisayo eBethel, wanezela: “Ngithanda abantu bakhona. Ngicabanga ukuthi bakahle. Kukhona lento abanayo abazalwane abaye baba seBethel iminyaka eminingi ongayitholi kwenye indawo emhlabeni wonke. Kunobungane, ukuqonda, nobunye okungaqondakali.”
◼ Omunye umzalwane osekhonze eBethel iminyaka engaphezu kuka-62 waphawula ngezinye izinzuzo ezitholwayo: “Ukuba seBethel kukwenza ukwazi ukuthola imfundo ekhethekile emkhakheni wokunyathelisa . . . futhi ngaphezu kwakho konke, imfundo yeBhayibheli ekuhlomisela ukuba ube ummeleli ofanele kaJehova uNkulunkulu nomaphi lapho uthunyelwa khona emhlabeni.”
◼ Ilungu elithile leNdikimba Ebusayo, manje elineminyaka engu-92 ubudala, selikhonze eBethel iminyaka engu-58. Licabangani ngenkonzo yaseBethel? “Umkhaya waseBethel lapha nasemhlabeni wonke uyilungiselelo elimangalisayo labantu abazinikele.”
◼ Ezinyangeni ezithile ngaphambi kokuba ilungu elithile leNdikimba Ebusayo life lithembekile esabelweni salo lineminyaka engu-98 ubudala, lazwakalisa indlela elalizizwa ngayo kanje: “Ngiyakuthanda ukukhonza eBethel. Iyindawo engcono kakhulu ngaphansi komthunzi welanga.”
◼ Uyini umbono wensizwa ngenkonzo yaseBethel? Umzalwane othile osemusha usanda kubhala: “Njengoba ngokwalokho uJesu akusho, ‘injabulo eyengeziwe iza ngokupha,’ iBethel iyindawo ejabulisa kunazo zonke engake ngaba kuzo.” Uwutholile umoya weBethel—ukupha.
◼ Umzalwane oseneminyaka engu-51 esenkonzweni yesikhathi esigcwele wakufingqa kahle ngokuthi: “Inkonzo yaseBethel ivelele ngempela. Iyingxenye ebalulekile ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova lapha emhlabeni. Ngakho noma ubani onelungelo lokukhonza eBethel kufanele alazise kakhulu. Ngempela, iBethel isenza sikwazi ukukubonakalisa ngokugcwele ukuphila kokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.”
12 Inqubo Yansuku Zonke: Inqubo yansuku zonke yelungu lomkhaya waseBethel ilenza ligxile ngokuphelele ekuphileni komsebenzi woMbuso. Ngo-7:00 ekuseni kusukela ngoMsombuluko kuze kube uMgqibelo, kuqala ukukhulekela kwasekuseni emagumbini ethu okudlela. Kuba namalungu omkhaya akhulumela itekisi lalolosuku bese lihlanganiswa kafushane ilungu leKomiti Yegatsha noma omunye umzalwane oseneminyaka eminingi enkonzweni yesikhathi esigcwele, bese kuba umthandazo wasekuseni. Lesisimiso siqinisa umkhaya ngokomoya ukuze ubhekane nomsebenzi wosuku. Amalungu omkhaya waseBethel angakufakazela ukuthi lesi isici esivelele sosuku. Ngemva kokudla kwasekuseni okwehla esiphundu, amalungu omkhaya waseBethel ngentshiseko aya ezabelweni zawo zomsebenzi ezihlukahlukene. Izinsuku zokusebenza kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ziqala ngo-8:00 ekuseni kuya ku-5:00 ntambama, kubekelwe eceleni ihora elilodwa lokudla kwasemini. NgoMgqibelo kuqalwa umsebenzi ngo-8:00 ekuseni kuya ku-12:00 emini. Kusihlwa, ngeMigqibelo ntambama, nangamaSonto, izisebenzi zaseBethel ziya emihlanganweni emabandleni azo, zihlanganyele emsebenzini wendlu ngendlu noma wezifundo zeBhayibheli, noma zinakekele imithwalo yemfanelo yomuntu siqu. Zingase zisebenzise umtapo wezincwadi waseBethel lapho zenza isifundo somuntu siqu noma zilungiselela imihlangano. Phela, sikhona nesikhathi sekhefu nokuphumula. (Marku 6:31, 34) Ngemva kwalencazelo emfushane, kungabonakala kalula ukuthi inkonzo yaseBethel yenza umuntu anikele ngengxenye enkulu yesikhathi sakhe usuku ngalunye enkonzweni engcwele, zingekho iziphazamiso zalesisimiso esidala sezinto.
13 Imisebenzi Yebandla: Amalungu omkhaya waseBethel yaseNingizimu Afrika abelwe emabandleni aseGoli angaphezu kuka-60. Ayayazisa indima amabandla abelwe kuwo anayo ekugcineni ingokomoya lawo liphila. Ngakho, akhuthele emabandleni awo, aba khona emihlanganweni emihlanu futhi ahlanganyela njalo enkonzweni yasensimini nabafowabo. Ngaphezu kwemihlangano yebandla, umkhaya waseBethel uba nesawo iSifundo Se-Nqabayokulinda ngoMsombuluko kusihlwa; abadala nezinceku ezikhonzayo babelwa ukuba banikeze izimpendulo ukuze kuzuze bonke. Njengoba isimiso saseBethel sigxila ezintweni ezingokomoya, senza ukuphila kokukhonza uJehova kube okujabulisayo nokuthokozisayo.—1 Kor. 15:58.
14 Ukuzilungiselela Inkonzo YaseBethel: Izinsizwa zivame ukubuza ukuthi yini ezingayenza ukuze zizilungiselele inkonzo yaseBethel. Ilungu leNdikimba Ebusayo elikhonza eKomitini Yezisebenzi lathi: “Lapho uza eBethel, yiza ngoba uzokhonza, hhayi ngoba uzokhonzwa. Njengoba uqhubeka ufunda ukukhonza, yilapho injabulo yakho iyokwanda khona. Funda ukupha hhayi ukwamukela. Yiba nesizotha, uthobeke. Izithelo zomoya—yilapho imfihlo yobuKristu beqiniso ikhona.” Yebo, ukuthuthukisa ingokomoya lakho nobuhlobo obuseduze noJehova kuyisihluthulelo sokuphumelela eBethel. Kungakho ngokuvamile kuthathwa amaphayona lapho kukhethwa izisebenzi zokuzithandela ezizoza eBethel. Uma umuntu eye waziqeqesha phakathi nesikhathi ukuba achithe amahora angu-90 ngenyanga eshumayela, efundisa futhi epha abanye, abuye ahlele ukwenza umsebenzi odingekayo ukuze azondle, usuke esakhe isisekelo esihle esingokomoya senkonzo yaseBethel nendlela yakhona yokuphila enokuhleleka. Nokho, sicela uphawule ukuthi inkonzo yaseBethel akuyona nje eyalabo abaphayonayo. Noma ubani ohlangabezana nezimfuneko eziyisisekelo angafaka isicelo.
15 Ngaphezu kwalokho, kuhle ukuba izinsizwa zifunde ukwenza umsebenzi ngezandla zazo. Umsebenzi wezandla ubukelwa phansi kulesisimiso sezinto esidala. Ukuzithanda kwenza abantu abaningi bafise umsebenzi ongakudingi ukuzikhandla noma owenza umuntu abonakale enesithunzi. Nokho, ukukwazi ukusebenzisa amathuluzi ahlukahlukene nemishini kuyazuzisa futhi kuwusizo. (IzAga 22:29) Ngokuvamile, izinsizwa zingafunda amakhono amaningi omsebenzi wezandla kubazali bazo noma ngokusiza amadoda asekhulile anokuhlangenwe nakho emisebenzini ehlukahlukene emaHholo OMbuso noma ngokusiza asebekhulile ngokulungisa izinto ezidinga ukulungiswa emizini yabo.
16 Ngezinye izikhathi intsha iyaye ibuze: “Ingabe kufanele ngithole ukuqeqeshwa okwengeziwe ezweni ukuze ngifanelekele inkonzo yaseBethel?” Ukuqeqeshwa ezweni kukodwa akwenzi umuntu afanelekele inkonzo yaseBethel. Izimfanelo ezingokomoya zibaluleke kakhulu futhi kufuneka zona kubo bonke ababizwayo. Sikhuthaza abazali nabantwana babo abasesesikoleni ukuba bacabangele ngokucophelela umbono olinganiselwe wemfundo yezwe ovezwa ku-Nqabayokulinda ka-November 1, 1992, amakhasi 15 kuya ku-21. Isinqumo ngemfundo yezwe siyindaba yomuntu siqu. Kunoma ikuphi umuntu anquma ukukwenza, kufanele aqikelele ukuthi uyakwazi ukulondoloza intuthuko yakhe engokomoya ngokuqhubeka egxile emsebenzini oyinhloko wabantu bakaJehova, ukufakazela iqiniso.
17 Kungakhathaliseki ukuthi umuntu uthola kuphi ukuqeqeshwa ezweni, kubaluleke kakhulu ukufunda indlela yokucabanga. IBhayibheli litusa ikhono lokucabanga nokuhlakanipha okuzuzisayo. (IzAga 1:4; 3:21, qhathanisa ne-NW.) Ukufunda indlela yokucabanga nokugcina ukwaziswa kukwenza ukwazi ukuthola ulwazi namakhono ayosiza wena nenhlangano kaJehova yomhlaba wonke. Okokugcina, kungakhathaliseki ukuthi umuntu unamaphi amakhono, kubaluleke kakhulu ukukwazi ukusebenzelana nabantu. Izisebenzi zokuzithandela eBethel kumelwe zisebenze zisondelene njengeqembu ukuze zifeze umsebenzi. Ngakho, umoya wokuzibusa noma wokuncintisana kumelwe uthathelwe isikhundla isimo sokubambisana nesothando nokuzimisela ukuthobela ukuqondisa okungokwasezulwini.—Qhathanisa neyabase-Efesu 4:16.
18 Intsha enhlanganweni kaJehova inethuba elihle kakhulu lokulwela ukuthuthukisa amakhono ashiwo ngenhla. Khona-ke, uma imenyelwa ukukhonza eBethel iyoba sesimweni esihle sokuqeqeshelwa eminye imithwalo yemfanelo yinhlangano kaJehova. Siyaninxusa nina bazali abangamaKristu nabadala ukuba niqhubeke nenza lendaba ibe umgomo wabantwana. Abazali abaningi baletha abantwana babo ukuba bazovakasha eBethel njalo, kanjalo babajwayelanise nalokho okwenziwa lapha. Lokhu kuye kwaholela abaningi ukuba beze eBethel lapho sebeqede imfundo yabo.
19 Abanokuhlangenwe Nakho: Ngezinye izikhathi kuyaye kuvele isikhala somzalwane noma udade oneminyaka ethi ayibe ngaphezu kuka-35 ubudala onokuqeqeshwa namakhono adingekayo eBethel. Umsebenzi omkhulu iNhlangano ewenzayo manje udinga abanokuhlangenwe nakho abazokhonza nezinsizwa ezinamandla, ezingase ziqeqeshwe, “isazi nomfundi.”—1 IziKr. 25:8.
20 Umsebenzi owandayo namuhla udinga abanolwazi lwe-electronics noma okuhlangenwe nakho ku-computer programming. INhlangano inemishini eminingi yokwenza ama-photocopy, nenyathelisa ngemisebe ye-laser, nama-computer amancane, yonke efuna ukugcinwa isesimweni esihle. Kunesidingo nasemikhakheni yezomthetho neyezokwelapha: abameli, odokotela, ama-physical therapist, abahlengikazi abagogodile (registered) nabangagogodile (licensed practical). Labo abanamakhono emisebenzi ehlukahlukene yokwakha, njengobunjiniyela, ukufaka amapayipi amanzi, ugesi, ne-HVAC (heating, ventilation, and air-conditioning), bangase basetshenziswe. Abazalwane abavuthiwe abanolwazi olubanzi kwezokugcinwa kwamabhuku ezimali, ikakhulukazi abaqashelwa njengama-accountant, bangaba usizo. Ukuze inciphise izindleko, iNhlangano inezimoto zayo ezisetshenziselwa imisebenzi elekelela ukuthunyelwa kwezincwadi. Ngakho-ke, kudingeka abashayeli abanokuhlangenwe nakho nomakhenikha.
21 Sidinga ikakhulukazi abazalwane abangashadile abazinikezele nalabo abanamakhono akhethekile, abanye babo okungenzeka bashadile. Amafomu esicelo saseBethel ningawathola kumbonisi wenu wesifunda noma emhlanganweni okhethekile walabo abanesithakazelo enkonzweni yaseBethel oba semhlanganweni wesigodi, noma ungabhalela e-Watch Tower Society, Attention: Bethel Office, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740. Uma ushadile, khumbula ukuthi nomngane wakho womshado kumelwe ayifanelekele ngokomoya, ngokomzwelo, nangokomzimba inkonzo yaseBethel. Uma uqeqeshiwe futhi unokuhlangenwe nakho komunye walemikhakha eshiwo ngenhla, sicela ubhale incwadi enemininingwane egcwele ngomsebenzi wakho bese uyithumela kanye nefomu lakho lesicelo saseBethel.
22 Ungasabela Kulolubizo Oluphuthumayo? Kunesidingo esiphuthumayo sezisebenzi zokuzithandela eBethel. Uma uhlangabezana nezimfuneko zenkonzo yaseBethel, sikunxusa ngokufudumele ukuba ufake ifomu lesicelo saseBethel ubonise ukusabela kulolubizo oluphuthumayo. Ungadangali uma ungabizwa ngokushesha. Ungavuselela isicelo sakho minyaka yonke. Lokhu kusinikeza ukwaziswa kwamuva ngokuqondene nokutholakala kwakho.
23 Ngenkathi umprofethi u-Isaya elalele, uJehova wabuza: “Ngiyakuthuma-bani, ngubani oyakusiyela na?” Ngaphandle kokunanaza u-Isaya waphendula: “Nangu mina; ngithume mina.” Ngalokho, u-Isaya waqala umsebenzi ophawulekayo wokuba umprofethi kaNkulunkulu. Ungasho yini ukuthi, “Nangu mina; ngithume mina”? Uyothola izibusiso eziningi lapho ubizwa ukuba uzokhonza “Endlini KaNkulunkulu,” eBethel.—Isaya 6:8.