IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-March: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-R30,00. Isikhokhelo sonyaka sabaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha sabaphuma kabili ngenyanga singu-R15,00. Izikhokhelo ze-club zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana kwazo. Ngo-June: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,50.
◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-March 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Yazisani ibandla lapho lokhu senikwenzile.
◼ INqabayokulinda ka-November 1, 1994, ikhasi 28, yakhuthaza umkhaya ngamunye ukuba ube nowawo umtapo ongokwasezulwini. EBethel sinalemiqulu emidala: The Watchtower: 1960-93; Awake!: 1984, 1986, 1989-93. Nokho, uma isitokwe esikhona sesiphelile, ngeke isatholakala lemiqulu. Ngenxa yalokho sikhuthaza abantu ngabanye namabandla ukuba ba-ode imiqulu abayidingayo ukuze babe nomtapo ophelele ngangokunokwenzeka. Imiqulu yesikhathi esizayo iyotholakala uma isinyathelisiwe.
◼ Ngokuvumelana ne-Ziyalezo Zohlu Lwamanani, ikhasi 11, isigaba 50, sicela ukukhumbuza wonke amabandla ukuba anikeze abamemezeli omagazini ngokulandelana kwezinsuku ezikomagazini, ngokushesha nje uma befika.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
NgesiBhunu: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. (ibandla neningi: R5,60; amaphayona: R3,70). NgesiZulu: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki.
◼ Amakhasethi Amasha E-video Atholakalayo:
NgesiNgisi sezithulu: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni (Videocassette No. 1; ibandla neningi: R52,00; amaphayona: R45,00). Lencwadi iyogcina isisemakhasethini e-video angu-11. Ayokwethulwa ngokwehlukana lapho esetholakala.