Lungiselela Intshumayelo Yakho YangoFebruary
1 Phakathi noFebruary, siqokomisa incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso. Lencwadi enhle ingasetshenziselwa ukushumayela izindaba ezinhle ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokungangabazeki uyokuthola kuwusizo ukufunda nokusebenzisa eyodwa noma zonke izintshumayelo ezisikiselwe ezilandelayo.
2 Umhlaba—Ikhaya Lomuntu Elihlala Njalo: Uma ufuna ukuqalisa izingxoxo nabantu abakhathazekile ngomhlaba kanye nendawo yawo ezungezile, zama isihloko esithi “Umhlaba Uzoba Khona Phakade Njengekhaya Lesintu.” Lesihloko sivumelana nazo zonke izimo kangangokuba singadonsa ukunakekela kwabantu abakhathalela umkhaya, abathanda imvelo, kanye nabakhathalela indawo ezungezile. Umbhalo wokusetshenziswa umShumayeli 1:4. Khona-ke ungase ufune ukudonsela ukunakekela komninikhaya ezigabeni 1 no-7 emakhasini 94-5 encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso.
3 Ngemva kokuzethula, ungase uthi:
◼ “Ngihambele lapha kafushane ukuze ngixoxe ngendaba ekhathaza abaningi bethu. Umhlaba uyikhaya lethu, futhi ngokungangabazeki nawe ukhathazekile ngendlela owonakaliswa ngayo. Ososayeni nabakhathalela indawo ezungezile bayaqhubeka bexwayisa ngokuthi uma ukunukubezwa kwawo kuqhubeka, umhlaba kungase kungahleleki kuwo. Ingabe likhona ikhambi olicabangayo kulenkinga? [Nikeza umnini-khaya ithuba lokuphendula.] Kafushane nje, ngithanda ukukubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa lomhlaba kumShumayeli 1:4.” Funda lombhalo, bese umbonisa ukukhulumela okusezigabeni 9 no-11 emakhasini 96-7 encwadi ethi Ukuthula Kweqiniso.
4 Ububi Buzoqedwa: Ukuze ukhange abantu abakhathazeke ngobugebengu, ubudlova, nempi, ungase ufune ukukhuluma nabo ngesihloko esithi “Ububi Buzoqedwa Ukuze Labo Abathanda UNkulunkulu Bajabulele Ukuphila Nokuthula.” IHubo 37:9-11 liyaliveza leliphuzu, futhi lichaziwe encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso, amakhasi 86-7, ezigabeni 1-3.
5 Ngemva kokuzethula okuvamile, ungase uthi:
◼ “Ingabe ucabanga ukuthi siyoke sifike isikhathi lapho kungeke kudingeke sibhekane nobugebengu kanye nobudlova? [Nikeza umnini-khaya ithuba lokuphendula.] IBhayibheli liveza ikhambi elihlala njalo lapha kumaHubo 37:9-11.” Funda umbhalo bese uvula emakhasini 86-7 encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso ukuze ufunde izingxenye ezithile ezigabeni 1-3.
6 Ithemba Lovuko: Njengoba esikhathini esithile sonke siye salahlekelwa othile othandekayo ngokufa, kungaba okududuzayo ukuqalisa izingxoxo ngesihloko esithi “Ukubusa KoMbuso Kuzobuyisela Abafileyo Abathandekayo Ekuphileni Ngaphansi Kwezimo ZePharadesi.” Ungase usebenzise uJohane 5:28, 29 noma IzEnzo 24:15 bese ubonisa ukukhulumela okuphathelene nalesihloko kanye nombhalo okutholakala encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso, emakhasini 102-5, izigaba 20-4.
7 Ungaqalisa ingxoxo yakho ngesingeniso sesihlanu esisekhasini 12 encwadini ethi “Ukubonisana” bese uthi:
◼ “Ngezikhathi ezithile iningi lethu liyacabanga ngabathandekayo abasilahlekela ngokufa. Kodwa ingabe unomuzwa wokuthi singase sibabone futhi? [Nikeza umninikhaya ithuba lokuveza imizwa yakhe.] Abantu abaningi esikhuluma nabo bayamangala ukuzwa lokho iZwi likaNkulunkulu eliye lakuthembisa nanokuthi lelithemba lizogcwaliseka khona lapha emhlabeni. Phawula isithembiso seBhayibheli esiku . . . ” Sebenzisa uJohane 5:28, 29 noma IzEnzo 24:15, bese uyihlobanisa nezigaba 20-4 ezisemakhasini 102-5 encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso.
8 Lungiselela futhi usebenzise eyodwa noma zonke lezintshumayelo kulenyanga. Akufanele kube nzima ukuthola izingcaphuno noma imifanekiso efanelekile kunoma iziphi izincwadi ozisebenzisayo. Uma sisincane isithakazelo esiboniswayo, hambisa ipheshana elikhuluma ngendaba ebenixoxa ngayo.